Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 9/1 k. 32
  • Yiba Nokubonga Futhi Ujabule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Nokubonga Futhi Ujabule
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 9/1 k. 32

Yiba Nokubonga Futhi Ujabule

IPHEPHANDABA laseCanada i-Calgary Herald lathi: “Ukufuna ukubonisa ukubonga kuyinto eyisisekelo kumuntu.” I-Herald yacaphuna abafundi abaneminyaka engu-9 abasesikoleni sabaqalayo ababecelwe uthisha wabo ukuba babhale ngazo zonke izinto ababebonga ngazo. Enye ingane yathi iyabonga kakhulu ngomkhaya wakubo ‘ngoba uye wayinakekela.’ Nentombazanyana ethile yabonga ngomkhaya wakubo, yathi: “Bangigcina ngivikelekile, ngiphilile, bayanginakekela, bayangithanda, bangipha ukudla futhi ngaphandle kwabazali bami, ngabe angikho kulo mhlaba.”

Ukungabongi kuholela esimweni sokuhlala unganelisi. Ngokwesazi semfundiso yenkolo nefilosofi uJ. I. Packer, “sadalelwa ukuba siphile ngokwethembela kuNkulunkulu nakomunye nomunye.” Lokhu kusikhumbuza iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile esashiwo emakhulwini eminyaka edlule, esithi: “Ziboniseni ninokubonga.” (Kolose 3:15) Ukubonisa abanye ukubonga nokwazisa okusuka enhliziyweni kukhuthaza ubuhlobo bokukhathalelana.

Ngaphezu kwalokho, ngokwazisa nokubheka abanye njengabayigugu, sibuye sizibonise sinokubonga kuJehova futhi uyakuphawula lokho. IBhayibheli lithi: “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) UNkulunkulu uyasiqinisekisa ukuthi uyalukhumbula futhi uyalwazisa uthando abantu abalubonisa kulo igama lakhe. (Heberu 6:10) Yebo, sinesizathu esihle sokubonisa ukubonga ngoba lapho le mfanelo yokuhlonipha uNkulunkulu ibonakaliswa nsuku zonke, iyamjabulisa uJehova futhi inezela enjabulweni yethu. Kunjengoba izAga 15:13 zisho: “Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela