Ungakubonisa Kanjani Ukuthobeka Kwangempela?
UKUTHOBEKA kwangempela kubaluleke kakhulu emehlweni kaNkulunkulu. UJakobe wabhala: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” (Jakobe 4:6) Lapha kungenzeka ukuthi uJakobe wayebhekisela emazwini amaningana asemiBhalweni YesiHeberu. “Noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho [othobekile, NW]; uyamazi ozidlayo ekude.” “Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela.” “Izideleli [uNkulunkulu] uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”—IHubo 138:6; Isaya 2:11; IzAga 3:34.
Umphostoli uPetru naye wakhuthaza ukuthobeka. Wabhala: “Nonke bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.”—1 Petru 5:5.
Isibonelo SikaKristu Sokuthobeka
Ungase ubuze, Kunabuhle buni noma kunanzuzoni ukuba othobekile? Ibalulekile impendulo yalo mbuzo kumuntu ophishekela ukuba umKristu weqiniso—ukuba othobekile kuwukuba njengoKristu. UJesu wabonisa ukuthobeka kwakhe ngokwamukela isabelo esiyingqayizivele sokuza emhlabeni evela ezulwini futhi abe umuntu ophansi, ophansi kunezingelosi. (Heberu 2:7) Nakuba eyiNdodana kaNkulunkulu, wakhuthazelela ihlazo elanqwatshelaniswa kuye izitha zakhe ezingokwenkolo. Wazola phakathi nokulingwa kwakhe, ngisho noma ayekwazi ukubiza amalegiyona ezingelosi ukuba amsize.—Mathewu 26:53.
Ekugcineni, uJesu walenga ngendlela ehlazisayo esigxotsheni sokuhlushwa, kodwa waqhubeka ethembekile kuYise. Ngakho, uPawulu wayengabhala ngaye athi: “Gcinani kini lesisimo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu, owathi nakuba ayekhona ngesimo sikaNkulunkulu, wangakucabangela ukuqhwaga, okuwukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu. Cha, kodwa wazigeqa wathatha isimo sesigqila futhi wafana nabantu. Ngaphezu kwalokho, lapho ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.”—Filipi 2:5-8.
Ngakho singakubonisa kanjani ukuthobeka kwangempela? Ezimweni ezingokoqobo, singasabela kanjani ngendlela yokuthobeka kuneyokuziqhenya?
Indlela Umuntu Othobekile Asabela Ngayo
Ake sicabangele ukuthobeka emsebenzini, kungaba semsebenzini wokuziphilisa noma enkonzweni yobuKristu. Ukuze umsebenzi wenziwe ngempumelelo, kungase kudingeke abaqondisi, izimenenja nabaphathi. Kufanele kube nothile ozokwenza izinqumo. Usabela kanjani? Ingabe uthi, “Ucabanga ukuthi ungubani ukuba angitshele ukuthi ngenzeni? Ngineminyaka eminingi kunaye ngikulo msebenzi.” Yebo, uma uziqhenya, uzocasuka lapho uphethwe. Ngakolunye uhlangothi, umuntu othobekile ulwela ‘ukungenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo ubheka abanye njengabaphakeme kunaye.’—Filipi 2:3.
Usabela kanjani lapho ukusikisela kuvela kumuntu osemncane noma kowesifazane? Uma uthobekile, okungenani uyokucabangela. Uma uziqhenya, uyokucasukela noma ukwenqabe ngokushesha. Ingabe ungancama ukunconywa nokuthoshwa okuholela ekubhujisweni kwakho noma ungakhetha iseluleko esakhayo ukuze wakheke?—IzAga 27:9; 29:5.
Ingabe ungakwazi ukubhekana nenselele yokuhlupheka? Ukuthobeka kuyokwenza ukwazi ukubhekana nezimo ezinzima futhi ukhuthazele, njengoba nje kwenza uJobe. Uma uziqhenya, uyothambekela ekukhungathekeni futhi ungase uvukele ngaphansi kwezimo ezinzima noma kulokho okubona kuwukwedelelwa.—Jobe 1:22; 2:10; 27:2-5.
Ukuthobeka Kunothando Futhi Kuyathethelela
Abanye abantu bakuthola kunzima ukuthi, “Ngiyaxolisa. Ngenze iphutha. Ubuqinisile.” Ngani? Baziqhenya ngokweqile! Nokho, yeka ukuthi ukuxolisa okuqotho ngokuvamile kungayiqeda kalula kanjani impikiswano yasemshadweni.
Ingabe uzimisele ukuthethelela lapho othile ekona? Noma, ngokuziqhenya, ubamba igqubu, mhlawumbe izinsuku noma izinyanga ezithile, wenqabe ukukhuluma nalowo ocabanga ukuthi ukonile? Ingabe uze uvuse umbango uzama ukuphindisela? Abantu baye babulawa emibangweni. Kweminye, kuye kwasetshenziswa ukunyundela. Ngokuphambene, umuntu othobekile unothando futhi uyathethelela. Ngani? Ngoba uthando alugcini umbhalo wokulinyazwa. UJehova wayezimisele ukuthethelela ama-Israyeli uma ayengayeka ukuziqhenya. Umlandeli othobekile kaJesu uzimisele ukuthethelela, ngisho nangokuphindaphindiwe!—Joweli 2:12-14; Mathewu 18:21, 22; 1 Korinte 13:5.
Umuntu othobekile ‘uyahola ekuboniseni omunye udumo.’ (Roma 12:10) I-New International Version ifundeka kanje: “Dumisanani ngaphezu kwenu siqu.” Ingabe uyabancoma abanye futhi wazise amakhono neziphiwo zabo? Noma ingabe uhlale ukhomba izici ezizokonakalisa idumela labo? Yebo, ingabe uyakwazi ukubancoma ngobuqotho abanye? Uma unenkinga kulokhu, mhlawumbe unenkinga yokungazethembi neyokuziqhenya.
Umuntu oziqhenyayo akanasineke. Umuntu othobekile unesineke futhi ubhekakade. Kuthiwani ngawe? Ingabe uyazwela kunoma iyiphi impatho oyibona ingeyinhle? Ukusabela okunjalo kuphambene nokuba obhekakade. Uma uthobekile, ngeke uzicabangele ngokweqile. Khumbula ukuthi kwenzekani lapho abafundi bakaJesu bezicabangela ngokweqile—bahileleka ezimpikiswaneni ezivuthayo zokuthi ubani owayezoba obaluleke kunabo bonke. Bakhohlwa ukuthi bonke ‘babeyizigqila ezingelusizo lwalutho’!—Luka 17:10; 22:24; Marku 10:35-37, 41.
Umlobi ongumFulentshi uVoltaire wachaza ukuthobeka ngokuthi “ukuzotha komoya . . . ikhambi lokuziqhenya.” Yebo, ukuzithoba kuwukuthobeka kwengqondo. Umuntu othobekile unomoya ozothile, akaziqhenyi. Uhlonipha futhi aqaphe kakhulu.
Ngakho kungani kumelwe silwele ukuba abathobekile? Kungoba ukuthobeka kuyamukeleka kuNkulunkulu futhi kusisiza ukuba sithole isiqondiso saphezulu. Ngokwengxenye, ngenxa yokuthobeka kukaDaniyeli, uJehova wabheka lo mprofethi njengothile “othandekayo” futhi wathumela ingelosi kuye ngombono! (Daniyeli 9:23; 10:11, 19) Ukuthobeka kuletha imivuzo eminingi. Kuletha abangane bangempela abakuthandayo. Ngaphezu kwakho konke, kuletha isibusiso sikaJehova. “Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.”—IzAga 22:4.
[Isithombe ekhasini 7]
Izwi lokuxolisa ngokuthobeka lingenza ukuphila kube lula ngokwengeziwe