Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukufuna UNkulunkulu Weqiniso Kuyavuzwa
EKHULWINI leshumi leminyaka B.C.E., umbuso wezizwe ezimbili wakwaJuda wagcwala ukukhulekela kwamanga. Nokho, phakathi nalokho kukhulekelwa kwezithombe okwakudlangile, kwakunendoda eyayinenhliziyo eyayilungile phambi kukaNkulunkulu. Igama layo kwakunguJehoshafati. Umprofethi uJehu wathi ngokuqondene nayo: “Kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba . . . [ubhekise] inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.” (2 IziKronike 19:3) Ngokufanayo nanamuhla, kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” izigidi zabantu ziye ‘zabhekisa izinhliziyo zazo’ ekufuneni uNkulunkulu weqiniso, uJehova. (2 Thimothewu 3:1-5) Lokhu kufakazelwa yilokhu okulandelayo okwenzeka eTogo, eNtshonalanga Afrika.
UCasimir wayefunda esikoleni samaKatolika futhi waqala ukuhlanganyela eMiseni eneminyaka engu-9 ubudala. Nokho, lapho eba neminyaka engu-14 ubudala, uCasimir wayesekuyekile ukusonta. Lokhu kwamenza wahlalela ovalweni ngoba wayecabanga ukuthi ukuphutha eMiseni kwakuyophumela ekubeni aye esihogweni somlilo, noma okungenani, esihlanzweni.
Esikoleni uCasimir wazihlanganisa neqembu lentsha elalihlangana kanye ngesonto ukuze litadishe iBhayibheli. Waqala nokuzifundela iBhayibheli. Ngelinye ilanga uCasimir wafunda encwadini yesAmbulo ngesilo sasendle esesabekayo esasiphuma olwandle. (IsAmbulo 13:1, 2) Lapho ebuza umholi weqembu lokutadisha iBhayibheli ngaso, watshelwa ukuthi leso silo sasingokoqobo futhi sasizophuma olwandle ngempela. Le ncazelo yamkhathaza uCasimir ngoba wayehlala eduze noGu Lwase-Atlantic. Wayekholelwa ukuthi wayezoba phakathi kwezisulu zokuqala zalesi silo sasendle.
UCasimir waqala ukuqongelela imali ukuze akwazi ukubalekela ogwadule olusenyakatho, abalekele lesi silo sasendle. Watshela ayefunda naye ekilasini ngalokho ayekuhlela. Njengoba lowo ayefunda naye ayengomunye woFakazi BakaJehova, wamqinisekisa ukuthi akukho silo sangempela esizophuma olwandle. Ngemva nje kwalokho, uCasimir wamenyelwa emihlanganweni eHholo LoMbuso. Wayijabulela imihlangano futhi waqala ukuba khona njalo. Wamukela nesifundo seBhayibheli sasekhaya.
Njengoba uCasimir ayeqhubeka efunda, umkhaya wakubo waqala ukumphikisa. Umkhaya wakubo wawukhulekela okhokho futhi udla inyama engophiswanga esale emihlatshelweni. Lapho uCasimir enqaba ngomoya ophansi ukudla leyo nyama, wasongelwa futhi kwathiwa ahambe ekhaya. UCasimir wazola, futhi umkhaya wakubo awuzange ukwenze lokho owawumsongela ngakho. Nokho, kwaze kwaphela izinyanga ezintathu umkhaya wakubo udla inyama engophiswanga kuphela. UCasimir waba nenkinga yokuthola ukudla okwanele, kodwa wakukhuthazelela lokhu nobunye ubunzima.
UCasimir waqhubeka ethuthuka ngokomoya kwaze kwaba seqophelweni lokuzinikezela nobhapathizo. Kamuva, wamiswa njengenceku ekhonzayo futhi waba sekilasini lesine leSikole Sokuqeqeshela Inkonzo eTogo. Manje, ujabulela ukwenza umsebenzi wokuzithandela egatsheni.
Yebo, yeka ukuthi aye abonakala eyiqiniso kanjani amazwi eNkosi uDavide ezimweni eziningi: “Uma umfuna [uJehova], [uyozenza atholakale kuwe, NW].”—1 IziKronike 28:9.
[Izithombe ekhasini 8]
UCasimir (kwesokudla) ujabulela umsebenzi wokuzithandela egatsheni