Isenzakalo Esijabulisayo—Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Le-104 LaseGileyadi
“LOLU usuku olujabulisayo, futhi sonke siyajabula.” UCarey Barber, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wasivula ngalawo mazwi isimiso esijabulisayo sokuthweswa iziqu kwekilasi le-104 le-Watchtower Bible School of Gilead ngo-March 14, 1998. Izilaleli ezingu-4945 zacelwa ukuba ziqale lesi senzakalo ngokuhlabelela ingoma yoMbuso engunombolo 208, enesihloko esithi “Ingoma Yokuthokoza.”
Iseluleko Esisebenzisekayo Sokuhlala Ujabule
Ingxenye yokuqala yesimiso, okwakuwuchungechunge lwezinkulumo ezinhlanu ezimfushane ezisekelwe eBhayibhelini, yanikeza iseluleko esisebenzisekayo sendlela yokulondoloza umoya wokujabula owawukhona ngosuku lokuthweswa iziqu.
Inkulumo yokuqala yanikezwa uJoseph Eames woMnyango Wokubhala. Wakhuluma ngesihloko esithi “Lingisa Umoya Wabathembekile,” esasisekelwe ekulandiseni kweBhayibheli okukweyesi-2 Samuweli izahluko 15 no-17, lapho u-Absalomu, indodana kaDavide, akha khona uzungu lokuthatha umbuso kayise ayewunikwe uNkulunkulu ngokukhuthaza ukuhlubuka. Nokho, bakhona abaqhubeka bethembekile kogcotshiweyo kaJehova, iNkosi uDavide. Isiphi isifundo izithunywa zevangeli ezintsha ezazingasifunda kulokhu? “Nomaphi lapho uya khona esabelweni sakho sezithunywa zevangeli, khuthaza ngokuthembeka umoya wokubambisana futhi uhloniphe igunya elingokwasezulwini. Siza abanye ukuba benze okufanayo,” kuphetha uMfoweth’ u-Eames.
Owalandela esimisweni kwakunguDavid Sinclair, owasho izimfuneko eziyishumi, okukhulunywa ngazo kumaHubo 15, zokuba yizimenywa ‘etendeni likaJehova.’ Inkulumo yakhe, eyayinesihloko esithi “Qhubekani Niyizimenywa Etendeni Lenu Lezithunywa Zevangeli,” yakhuthaza abafundi ababethweswa iziqu ukuba basebenzise leli hubo ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli, lapho beyoba izimenywa khona. UMfoweth’uSinclair waqokomisa ukubaluleka kokuphila ngezindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi. Uyoba yini umphumela? IHubo 15:5 lithi: “Owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.”
Kwalandela uJohn Barr, ilungu leNdikimba Ebusayo, futhi wadonsela ukunakekela emandleni avuselelayo ukuhlabelela emihlanganweni yobuKristu okunawo. Kodwa iyiphi ingoma ejabulisa kunazo zonke ehlatshelelwa emhlabeni wonke namuhla? Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya. Uba yini umphumela walokhu kuhlabelela, noma ukushumayela ngoMbuso? Ivesi lesibili lengoma engunombolo 208 likubeka kahle ngamafuphi: “Ngokushumayela nokusifundela, isixuku siza kuJehova. Naso sihuba ngokujabula kuzwakale wonke umhlaba!” Yebo, usuku ngalunye kubhapathizwa abafundi abasha abangaba ngu-1 000. UMfoweth’uBarr waphetha ngokuthi: “Akujabulisi yini, bafowethu, ukucabanga ukuthi nithunyelwe emasimini ukuze nihlangane nohlobo lwabantu oluzobe lulindele ukuzwa ingoma yenu yokudumisa?”
Ngemva kwalokho uJames Mantz woMnyango Wokubhala wanikeza inkulumo enesihloko esithi, “Lalela Amazwi Alabo Abanokuhlangenwe Nakho.” Wathi ezinye zezinto zingafundwa kuphela ngokuba umuntu abhekane nazo. (Heberu 5:8) Nokho, IzAga 22:17 zisikhuthaza ukuba ‘sibeke indlebe yethu, sizwe amazwi ezihlakaniphi,’ noma labo abaye bazuza okuhlangenwe nakho. Abafundi abathweswa iziqu bangafunda okuningi kulabo abaye babandulela. UMfoweth’uMantz wathi: “Bayakwazi ukuhwebelana nabanini-zitolo bendawo. Bayazi ukuthi iziphi izingxenye zedolobha okufanele zigwenywe ngenxa yezingozi ezingokomzimba nezingokokuziphatha. Bayazazi izinto ezilumelayo kubantu bendawo. Izithunywa zevangeli esezinesikhathi eside ziyazi ukuthi yini oyidingayo ukuze ujabule futhi uphumelele esabelweni sakho.”
Enkulumweni yakhe enesihloko esithi: “Sazise Isabelo Sakho Esingokwasezulwini,” uWallace Liverance, obhalisa abeze eSikoleni SaseGileyadi, wachaza ukuthi nakuba ezinye izithunywa zevangeli njengomphostoli uPawulu, uThimothewu noBarnaba, zathola izabelo zazo kuNkulunkulu ngomoya ongcwele noma ngokubonakaliswa okuthile okuyisimangaliso, izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi zabelwa ‘yisigqila esikholekile nesiqondayo’ indawo ensimini yomhlaba wonke. (Mathewu 24:45-47) Wafanisa izabelo zezithunywa zevangeli nezindawo uGideyoni azabela amadoda ayekanye naye ayezolwa nabakwaMidiyani. (AbAhluleli 7:16-21) UMfoweth’uLiverance wanxusa: “Sazise isabelo sakho esingokwasezulwini sokuba isithunywa sevangeli. Njengoba nje amasosha kaGideyoni ‘ayemi, kuyilelo nalelo [endaweni yalo, NW],’ nawe bheka isabelo sakho njengendawo okumelwe ube kuyo. Yiba nokholo lokuthi uJehova angakusebenzisa njengoba nje asebenzisa amadoda angamakhulu amathathu kaGideyoni.”
Ukuthanda Abantu Kuphumela Enjabulweni
INqabayokulinda yake yathi: “Kunokuba sakhe isithakazelo sethu futhi sigxilise ukuphila kwethu ezintweni ezenziwe neziwusizo zalesi simiso samanje, izinto okungaqinisekwa ukuthi zizoqhubeka zikhona, yeka ukuthi kungcono kanjani futhi kuwukuhlakanipha kangakanani ukuba nesithakazelo sangempela kubantu futhi sifunde ukuthola injabulo yangempela ekwenzeleni abanye izinto.” Ngokuvumelana nalokho, uMfoweth’uMark Noumair, omunye wabafundisa eSikoleni SaseGileyadi, waxoxa neqembu labafundi ngokuhlangenwe nakho kwabo kwasenkonzweni yasensimini futhi waphawula: “Ukubonisa isithakazelo somuntu siqu kwabanye yikho okuyokwenza ube isithunywa sevangeli esihle.”
Izihluthulelo Zenjabulo Ensimini Yakwelinye Izwe
Yiziphi ezinye zezihluthulelo zempumelelo nenjabulo emsebenzini wezithunywa zevangeli? UMfoweth’uCharles Woody woMnyango Wenkonzo noHarold Jackson, owayeyisithunywa sevangeli eLatin America nongumsizi weKomiti Yokufundisa, waxoxa namalungu amaKomiti Amagatsha ahlukahlukene ayeze ekilasini lesi-9 lesikole esiphathelene nezisebenzi zegatsha. Nazi ezinye zezeluleko laba abazinikeza:
U-Albert Musonda waseZambia waphawula: “Lapho isithunywa sevangeli sithatha isinyathelo kuqala sokuya kubazalwane nokubabingelela, lokho kugxilisa umoya omuhle kakhulu ngoba abafowethu bazosondela esithunyweni sevangeli, nesithunywa sevangeli sisondele kubo.”
URolando Morales waseGuatemala wasikisela ukuthi lapho izithunywa zevangeli ezintsha zinikwa okuthile kokuphuza ngabantu abanobungane, zingaphendula ngomusa nangobuhlakani zithi: “Ngisemusha kuleli lizwe. Ngiyafisa ukusamukela, kodwa umzimba wami awunawo amasosha emvelo imizimba yenu enawo. Ngiyethemba ukuthi ngolunye usuku ngizokwazi ukusamukela, futhi ngiyokujabulela ukwenza kanjalo.” Ziyini izinzuzo zokuphendula kanjalo? “Abantu ngeke baphatheke kabi, futhi izithunywa zevangeli ziyobe zibe nomusa kwabanye.”
Yini engasiza izithunywa zevangeli ukuba zikhuthazele ezabelweni zazo? UMfoweth’uPaul Crudass, owathweswa iziqu ekilasini lama-79 laseGileyadi, obelokhu ekhonza eLiberia iminyaka engu-12 edlule, wathi: “Ngiyazi ukuthi abazali bazikhumbula ngempela izingane zabo. Kodwa zikhona izikhathi lapho isithunywa sevangeli sizama khona ukujwayela izwe, indawo ezungezile, isiko nabantu. Singase sizizwe sifisa ukuhamba. Uma sithola incwadi evela ekhaya ethi, ‘Asive sikukhumbula, asazi ukuthi sizokwenze njani ngaphandle kwakho,’ kungase kube yilokho kanye okuyosenza sivele sipakishe izikhwama zaso siqonde ekhaya. Kubaluleke kakhulu ngezihlobo ezilapha ukuba zikukhumbule lokho.”
Ngemva kwalezo zingxoxo, uTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, wabeka inkulumo yokugcina esimisweni. Isihloko sakhe sasithi: “Gcina UMbuso Uza Kuqala Ekuphileni Kwakho.” Izithunywa zevangeli zingahlala kanjani zigxilile futhi zingaphazanyiswa emsebenzini wazo? Wazikhuthaza ukuba zibe nesimiso sesifundo seBhayibheli somuntu siqu, esizozisiza ukuba zigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni. Futhi kwakunalesi sikhumbuzo esasifike ngesikhathi: “Ezinye izithunywa zevangeli ziye zadebeselela isifundo somuntu siqu ngenxa yokuthi zazigxile ezintweni ezisizayo zama-electronics, kuyi-E-mail nakuyi-computer. Kufanele sihluzeke ukuze silinganisele ekusebenziseni noma iliphi ithuluzi futhi singachithi isikhathi esiningi ngokweqile kokuthile okungaphazamisa isifundo sethu somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu.”
Ngemva kwenkulumo kaMfoweth’uJaracz kwaba isikhathi sokunikezelwa kwama-diploma nokufundwa kwencwadi yokwazisa yekilasi. Owayemelela ikilasi wazwakalisa imizwa yabo bonke ngale ndlela: “Sibone ubufakazi obuphathekayo bothando uJesu athi abafundi bakhe bayobonakala ngalo, futhi lokhu kuye kwasiqinisekisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sikuphi, kunenhlangano efudumele nenothando enjengomama esisekelayo. Sinokusekelwa okunjalo, sikulungele ukuya emikhawulweni yomhlaba.” Kwakuyisiphetho esithinta inhliziyo sosuku olujabulisayo lokuthweswa iziqu kwekilasi le-104 laseGileyadi.
[Ibhokisi ekhasini 24]
Imininingwane Yekilasi
Inani lamazwe amelelwe: 9
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 16
Inani labafundi: 48
Inani lemibhangqwana eshadile: 24
Isilinganiso seminyaka yobudala: 33
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12
[Isithombe ekhasini 25]
Ikilasi Le-104 Elithweswa Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye
(1) Romero, M.; Howarth, J.; Blackburne-Kane, D.; Hohengasser, E.; West, S.; Thom, S. (2) Colon, W.; Glancy, J.; Kono, Y.; Drews, P.; Tam, S.; Kono, T. (3) Tam, D.; Zechmeister, S.; Gerdel, S.; Elwell, J.; Dunec, P.; Tibaudo, H. (4) Taylor, E.; Hildred, L.; Sanches, M.; Anderson, C.; Bucknor, T.; Hohengasser, E. (5) Howarth, D.; Ward, C.; Hinch, P.; McDonald, Y.; Sanches, T.; Thom, O. (6) Drews, T.; Tibaudo, E.; Elwell, D.; Dunec, W.; Blackburne-Kane, D.; Ward, W. (7) Anderson, M.; Zechmeister, R.; McDonald, R.; Bucknor, R.; Glancy, S.; Gerdel, G. (8) Romero, D.; Hinch, R.; Hildred, S.; Taylor, J.; Colon, A.; West, W.
[Isithombe ekhasini 26]
Abazalwane abahlanganyela ekufundiseni ikilasi le-104: (kusukela kwesobunxele) uW. Liverance, U. Glass, K. Adams, noM. Noumair