“Indlela KaNkulunkulu Yokuphila”—UMhlangano Ka-1998-1999 Useduze!
ENINGIZIMU ye-Afrika, kuhlelwe imihlangano yesigodi ezindaweni ezingu-21 ezihlukahlukene ngo-December kuya ku-January. Ngokunokwenzeka, omunye wale mibuthano yezinsuku ezintathu uzoba sedolobheni elingekude nalapho uhlala khona. Ezindaweni eziningi, isimiso siyoqala ngomculo ngo-9:30 ekuseni usuku ngalunye—kusukela ngoLwesihlanu kuze kube ngeSonto.
Isimiso sangoLwesihlanu ekuseni siyoqokomisa imibiko yentuthuko yokushumayela ngoMbuso ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Futhi isihloko somhlangano siyogcizelelwa yinkulumo eyisihluthulelo ethi, “Isihlengo SikaKristu—Indlela KaNkulunkulu Yensindiso.”
Ntambama uchungechunge oluthi, “Bazali—Gxilisani Indlela KaNkulunkulu Ezinganeni Zenu,” luyonikeza ukusikisela kokuthi intsha ingashukunyiswa kanjani ukuba ithande futhi ikhonze uJehova. Isimiso santambama siyophetha ngenkulumo ethi “Ingabe Kukhona Ukuphila Ngemva Kokufa?”
Isimiso sangoMgqibelo ekuseni siyoba nenkulumo ephathelene nomsebenzi woFakazi BakaJehova wokwenza abafundi enezingxenye ezintathu ezilandelanayo ezithi, “Ukusiza Abantu Bangene Endleleni Eya Ekuphileni,” “Inselele Yokufinyelela Abantu” nesithi “Ukufundisa Abafundi Konke UJesu Akuyalile.” Ekupheleni kwesimiso sasekuseni, kuyoba nelungiselelo lokuba abafundi abasanda kuhlanganyela babhapathizwe.
Inkulumo evula isimiso ngoMgqibelo ntambama ethi “Ukukhonza Unombono Wokuphila Okuphakade,” iyosikhuthaza ukuba sizicabangele ngobuqotho izizathu zethu zokukhonza uNkulunkulu. Izinkulumo ezithi “Ukwazisa ‘Izipho Ezingabantu,’ Ezifundisa Indlela KaNkulunkulu” nethi “Lahla Ubuntu Obudala Ugqoke Obusha” zihlaziya ngendlela ekhanyiselayo ivesi nevesi leyabase-Efesu isahluko 4. Ngokulandelayo, kuyonikezwa isiyalo esihle esingokomBhalo enkulumweni ethi “Zigcine Ungenabala Elivela Ezweni” nasochungechungeni olunezingxenye ezintathu oluthi “Basha—Landelani Indlela KaNkulunkulu.” Isimiso santambama siyophetha ngenkulumo ethi “Ubuntu BoMdali Nezindlela Zakhe.”
Isimiso sangeSonto ekuseni siyobe sinochungechunge olunezingxenye ezintathu oluyokhuluma ngezahluko zokugcina zencwadi yeBhayibheli kaHezekeli kanye nokugcwaliseka kwazo okungokwesiprofetho. Ekuphetheni isimiso sasekuseni kuyoba nedrama egqokelwe ezasendulo esekelwe ekuthembekeni kwabasebasha abathathu abangamaHeberu. Isici esivelele somhlangano ntambama kuyoba inkulumo yeningi ethi, “Okuwukuphela Kwendlela Eya Ekuphileni Okumi Phakade.”
Ngokuqinisekile uyocetshiswa ngokomoya ngokuba khona zonke izinsuku ezintathu. Umenywa ngenjabulo ukuba ube khona kuzo zonke izingxenye, oyongena kuzo mahhala. Ukuze uthole indawo yomhlangano eseduze nalapho uhlala khona, thintana neHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova lasendaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.