‘Anamandla Futhi Ayakholisa’
OMUNYE woFakazi BakaJehova eFrance wabhala: “Kusukela kusasa, ngizoyisebenzisa emsebenzini wokushumayela, ngoba amaqiniso ewaqukethe anamandla ngempela futhi ayakholisa.” UFakazi wase-United States wabhala: “Ngayifunda ngokushesha futhi ngibheke phambili ngokulangazelela ekuyisebenziseni enkonzweni yasensimini, njengoba sihlangana nabantu abaningi abangenandaba futhi abangalithembi iBhayibheli.” Babekhuluma ngani? Ngencwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 enesihloko esithi Incwadi Yabo Bonke Abantu, eyakhululwa yi-Watch Tower Society eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokholo EZwini LikaNkulunkulu’ eyaqhutshwa ngo-1997/98.
Le ncwadi yalungiselelwa kucatshangwa ngokukhethekile ngabantu abathile—labo okungenzeka bafundile kodwa abanolwazi oluncane kakhulu ngeBhayibheli. Abaningi abanjalo banemibono eqinile ngeBhayibheli, nakuba bengakaze balifunde ngokoqobo. Injongo yale ncwajana iwukukholisa umfundi ukuthi iBhayibheli likufanele okungenani ukuhlolwa. Le ncwajana ayimcindezeli umfundi ukuba amukele umbono wokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Kunalokho, ivumela amaqiniso azikhulumele. Indlela ebhalwe ngayo ayinzima kodwa icacile futhi ishaya emhloleni.
Labo ababekhona emihlanganweni babemagange ukuyisebenzisa le ncwajana enkonzweni yabo yasensimini, njengoba ukukhulumela okucashunwe ngenhla kubonisa. Ngokwesibonelo, eFrance kwahlelwa umkhankaso okhethekile wokufakaza ngo-August 23 no-24 lapho amakhulu ezinkulungwane zentsha eyizivakashi eyayivela emhlabeni wonke ehlangene eParis kuyi-World Youth Day. OFakazi abacishe babe ngu-2 500 (abaningi babo abaneminyaka esukela kwengu-16 kuya kwengu-30 ubudala) bahambisa amakhophi angu-18 000 ale ncwajana ngesiFulentshi, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPolishi neSpanishi.
Ngazo zonke izindlela, asiyisebenzise le ncwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu enkonzweni yethu. Kwangathi le ncwadi ingaba usizo olukhulu ekukholiseni abantu abanengqondo ehluzekile ukuthi kufanele bazihlolele mathupha iBhayibheli.