UJehova Ubusa Ngesihawu
KUWO wonke umlando ababusi abaningi abangabantu baye basebenzisa amandla ngokungakhathali okungenasihawu ngokuhlupheka kwabababusayo. Nokho, uJehova wabonisa okuphambene ngokukhetha isizwe—u-Israyeli—nokusibusa ngesihawu.
Ngesikhathi ama-Israyeli eseyizigqila eGibithe lasendulo, uJehova wakuzwa ukukhalela kwawo usizo. “Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye. . . . Ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga.” (Isaya 63:9) UJehova wasindisa ama-Israyeli, wawanikeza ukudla okuyisimangaliso, futhi wawakhululela ezweni lawo.
Imfanelo kaJehova yesihawu yabonakala ngokwengeziwe emithethweni ayinikeza lesi sizwe. Wayala ama-Israyeli ukuba aziphathe ngesihawu izintandane, abafelokazi, kanye nabafokazi. Kwakungamelwe asizakale ngabakhubazekile.
UMthetho wawudinga ukuba kuboniswe isihawu ngabaswele. Abampofu babengakhothoza ngemva kokuvuna. Izikweletu zazisulwa ngonyaka weSabatha (wesikhombisa). Lonke izwe eliyifa elalidayisiwe kwakumelwe libuyiswe ngonyaka weJubili (wama-50). I-Ancient Israel—Its Life and Institutions iyabika: “Kwa-Israyeli, kwakungekho ngempela ukwahlukana kwezigaba zezenhlalo njenganamuhla.” “Endulo, ama-Israyeli ayejabulela izinga lokuphila elicishe lifane.”—Levitikusi 25:10; Duteronomi 15:12-14; 24:17-22; 27:18.
Ukulingisa Isihawu SikaJehova
Izinceku zikaNkulunkulu zishukunyiswa isihawu sakhe. Ngokwesibonelo, kuwo wonke umlando, amanye amakhosi asanda kubekwa aye abulala amalungu asindile ohlanga lwasebukhosini oluwandulelayo. Kodwa inceku kaJehova uDavide ayizange ikwenze lokhu. Ngemva kokufa kweNkosi uSawule, uDavide wamvikela uMefibosheti, umzukulu nendlalifa kaSawule eyayisindile. “Inkosi yamyeka [“yamhawukela,” NW] uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule.”—2 Samuweli 21:7.
Akekho omunye umuntu owalingisa isihawu sikaJehova njengoba kwenza uJesu. Eziningi zezimangaliso zakhe zazishukunyiswa isihawu sokuhlonipha uNkulunkulu. Ngesinye isikhathi onochoko wamncenga: “Uma nje ufuna, ungangenza ngihlanzeke.” UJesu waba nesihawu wamthinta, ethi: “Ngiyafuna. Yenziwa uhlanzeke.” (Marku 1:40-42) Ngesinye isikhathi izixuku zalandela uJesu. Phakathi nesiphithiphithi, uJesu wadonsela ukunakekela ezimpumputheni ezimbili ezakhamuluka: “‘Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!’ . . . Eba nesihawu, uJesu wathinta amehlo abo, futhi babona masinyane.”—Mathewu 20:29-34.
Izixuku azizange ziyithuntubeze imizwelo kaJesu ngabanye. Ngenxa yokuthi zazingadlile isikhathi esithile, ngesinye isikhathi wathi: “Ngifikelwa isihawu ngesixuku.” Ngakho-ke wazipha ukudla ngokuyisimangaliso. (Marku 8:1-8) Lapho uJesu ethatha uhambo, wayengazifundisi nje kuphela izixuku kodwa wayeqaphela nezidingo zazo. (Mathewu 9:35, 36) Ngemva kohambo olunjalo, uJesu nabafundi bakhe babengenaso isikhathi esikhululekile ngisho nesokudla ukudla. Ukulandisa kweBhayibheli kuyasitshela: “Ngakho bahamba ngesikebhe baya endaweni engenabantu bebodwa. Kodwa abantu bababona behamba futhi abaningi bakwazi lokho, futhi bagijima ngezinyawo kanyekanye bevela kuyo yonke imizi baya lapho futhi bafika kuqala kunabo. Nokho, lapho ehla, wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Futhi waqala ukusifundisa izinto eziningi.”—Marku 6:31-34.
Okwakushukumisa uJesu kwakungekhona nje ukugula nokulamba kwabantu kodwa kwakuyisimo sabo esingokomoya. Abaholi babo babesizakala ngabo, ngakho uJesu “waba nesihe ngabo.” Igama lesiGreki elithi “waba nesihe” lisho “ukuzwa ukulangazela ezibilinini.” Ngempela uJesu wayeyindoda enesihawu!
Isihawu Ezweni Elinonya
UJesu Kristu manje uyiNkosi yoMbuso kaJehova wasezulwini. Njengoba enza ku-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu namuhla ubusa abantu bakhe ngesihawu. “Bayakuba-ngabami, usho uJehova-Sebawoti, babe-yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele.”—Malaki 3:17.
Labo abafuna ukwamukela isihawu sikaJehova kumelwe balingise izindlela zakhe. Yiqiniso, siphila ezweni lapho abantu bekhathalela kakhulu ukulondoloza indlela yabo yokuphila kunokusiza abaswele. Abaphethe ngokuvamile bafuna inzuzo kuyilapho bedela ukulondeka kwezisebenzi kanye nabathengi. Kweyesi-2 Thimothewu 3:1-4, iBhayibheli lisichaza ngokunembile isimo sokuziphatha sesikhathi sethu esiye sabulala isihawu ezinhliziyweni zabaningi.
Noma kunjalo, cishe singawathola amathuba okubonisa isihawu. Singalunikeza yini usizo oluthile oludingekile komakhelwane bethu? Ingabe ukhona ogulayo esingamvakashela? Ingabe singabaduduza abacindezelekile, ngokuvumelana nalesi seluleko: “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka”?—1 Thesalonika 5:14.
Isihawu siyosisiza futhi ukuba sigweme ukusabela ngokhahlo lapho abanye benza amaphutha. Siyatshelwa: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo kanye nabo bonke ububi. Kodwa yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.”—Efesu 4:31, 32.
Isihawu siyosisiza ukuba sigweme ukuthambekela kokusebenzisa kabi amandla. IBhayibheli lithi: “Gqokani ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade.” (Kolose 3:12) Ukuthobeka kwengqondo kusisiza ukuba sizibeke endaweni yalabo esibaphethe. Ukuba nesihawu kuhlanganisa ukuthobeka nokuba oqondayo kunokuba umuntu okunzima ukumjabulisa. Ukufuna ukufeza umsebenzi akumelwe kube izaba zokuphatha abanye njengokungathi bayizinsimbi nje zomshini. Ngokufanayo, ekhaya abayeni abanesihawu bayakhumbula ukuthi omkabo bayizitsha ezibuthakathaka kakhudlwana. (1 Petru 3:7) Ukucabanga ngesibonelo sesihawu sikaJesu kungasisiza kukho konke lokhu.
Njengoba uJesu abazwela ngokujulile abantu phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, singaqiniseka ukuthi manje unguMbusi onesihawu, futhi uyoqhubeka enguye. IHubo 72 lithi ngaye ngokwesiprofetho: “Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.”—IHubo 72:4, 8, 13.
IZwi likaNkulunkulu liyabikezela: “Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, . . . abulale ababi.” Ngemva kokuchaza indlela ngisho nabantu abanonya, nabanobulwane abayoshintsha ngayo izindlela zabo, isiprofetho siyaqhubeka: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:4-9) Empeleni lesi siprofetho sithembisa ngomphakathi womhlaba wonke wabantu abazi uJehova futhi abalingisa izindlela zakhe zesihawu!