Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini lemibuzo elandelayo:
◻ Iyini injongo eyinhloko yemfundo kosemusha ongumKristu?
Injongo eyinhloko yemfundo kufanele kube ukuhlomisela osemusha ukuba abe yisikhonzi sikaJehova esiphumelelayo. Futhi imfundo ebaluleke kunayo yonke ekufezeni lokho yimfundo engokomoya.—8/15, ikhasi 21.
◻ Yiziphi izizathu zokuba ukona okubi kakhulu komKristu esikanye naye kubikwe kubadala?
Isizathu sokuqala sokubika ukona okubi kakhulu ukuthi kusiza ekugcineni ukuhlanzeka kwebandla. Kanti esinye isizathu siwukuthi ukwenza kanjalo kuyisenzo sothando lobuKristu olunezimiso oluboniswa ngoNkulunkulu, ngebandla nangomenzi wokubi.—8/15, amakhasi 28, 30.
◻ Kusho ukuthini ukukugcina “kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova”? (2 Petru 3:12)
Lokhu kusho ukungaluhlehlisi ezingqondweni zethu ‘usuku lukaJehova.’ Akufanele sikhohlwe ukuthi usuku uJehova azobhubhisa ngalo lesi simiso sezinto luseduze. Kufanele lube ngokoqobo kithina kangangokuthi silubone ngokucacile, njengokungathi lusijamele. (Zefaniya 1:7, 14)—9/1, ikhasi 19.
◻ Kungani izinsuku zokugcina zalesi simiso esibi ziqhubeke isikhathi eside kunalokho abaningi abebekulindele?
UJehova ucabangela lokho okuyozuzisa sonke isintu. Ukhathalela ukuphila kwabantu. (Hezekeli 33:11) Singaqiniseka ukuthi ukuphela kuyofika ngaso kanye isikhathi esifanele ukuze kugcwaliseke injongo yoMdali wethu onothando nohlakaniphe kakhulu.—9/1, ikhasi 22.
◻ Abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bangayilondoloza kanjani injabulo yabo naphezu kwezinkinga abangase babhekane nazo?
Kufanele bacabange ngezibusiso eziningi abanazo futhi baqaphele ukuthi izinkulungwane zabanye zibhekana nobunzima obukhulu nangaphezulu. (1 Petru 5:6-9)—9/15, ikhasi 24.
◻ Wawuyini umgomo kaWilliam Tyndale lapho ehumusha iBhayibheli?
Umgomo kaTyndale kwakuwukwenza ukuba imiBhalo ikhulume nabantu abavamile ngolimi oluqondile nolulula ngangokunokwenzeka.—9/15, ikhasi 27.
◻ Singabonisa kanjani ukuthi singabameleli abathembekile beZwi likaNkulunkulu?
Sibonisa ukwethembeka kwethu eZwini likaNkulunkulu ngokulishumayela ngentshiseko kwabanye. Njengabafundisi, kufanele silisebenzise ngokucophelela iBhayibheli, singakuhlanekezeli noma sikwandise elikushoyo ukuze kufanelane nemibono yethu. (2 Thimothewu 2:15)—10/1, ikhasi 20.
◻ Umoya wezwe onobuthi ungabenza kanjani ubuqotho bethu bube buthaka?
Umoya wezwe ungenza ubuqotho bethu bube buthaka ngokusenza singaneliswa ngesinakho futhi sikhathalele ukubeka izidingo nezithakazelo zethu siqu ngaphambi kwezikaNkulunkulu. (Qhathanisa noMathewu 16:21-23.)—10/1, ikhasi 29.
◻ Kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke?
‘Umphefumulo’ ubhekisela kumuntu ewonke, nawo wonke amakhono akhe omzimba nawengqondo. Ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke kusho ukuzinikela, ukusebenzisa wonke amakhono namandla ethu ngezinga eligcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni kaNkulunkulu. (Marku 12:29, 30)—10/15, ikhasi 13.
◻ Siyini isihluthulelo sokuba umuntu oqondiswa izimiso zikaNkulunkulu?
Isihluthulelo sangempela siwukwazi uJehova, lokho akuthandayo, nangakuthandi, nezinjongo zakhe. Empeleni, lapho lezi zimiso eziyisisekelo ngoNkulunkulu ziqondisa ukuphila kwethu, ziba izimiso eziphilayo. (Jeremiya 22:16; Heberu 4:12)—10/15, ikhasi 29.
◻ Izinceku zikaJehova zinamuphi umbono olinganiselayo ngobubusi babantu?
Azithathi hlangothi ezindabeni zombangazwe ngoba zikhonza njengamanxusa noma izithunywa zoMbuso kaNkulunkulu. (2 Korinte 5:20) Ngakolunye uhlangothi, zizithoba ngobuqotho kulabo abaphethe.—11/1, ikhasi 17.
◻ Isiphi isifundo esingasifunda enkambweni eyathathwa umprofethi u-Elisha?
Lapho emenyelwa enkonzweni ekhethekile yokusebenza no-Eliya, u-Elisha wayishiya ngokushesha insimu yakhe wayokhonza u-Eliya, ngisho noma eminye yemisebenzi yakhe yayiphansi. (2 AmaKhosi 3:11) Ezinye zezikhonzi zikaNkulunkulu namuhla ziye zabonisa umoya ofanayo wokuzidela ngokushiya izindlela zazo zokuziphilisa ukuze ziyoshumayela izindaba ezinhle emasimini akude.—11/1, ikhasi 31.
◻ Incwadi kaJakobe inasiphi iseluleko esiyinzuzo?
Isibonisa indlela yokubhekana nokulingwa, iseluleka mayelana nokukhetha, futhi isinxusa ukuba senze imisebenzi eqotho. UJakobe usinxusa ukuba silawule ulimi, simelane nethonya lezwe, futhi sikhuthaze ukuthula. Futhi amazwi akhe angasisiza ukuba sibekezele futhi sikhuthazele emthandazweni.—11/15, ikhasi 24.
◻ Kungani uJehova ‘ekulungele ukuthethelela’? (IHubo 86:5, NW)
UJehova ukulungele ukuthethelela ngoba akakhohlwa ukuthi siyizidalwa zothuli, ezinobuthakathaka obuwumphumela wokungapheleli. (IHubo 103:12-14)—12/1, amakhasi 10, 11.
◻ Kungani kufanele sizimisele ukuthethelela abanye?
Uma senqaba ukuthethelela abanye lapho kunesisekelo sokubonisa isihe, kungalimaza ubuhlobo bethu siqu noNkulunkulu. (Mathewu 6:14, 15)—12/1, ikhasi 17.