Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabathola bewusizo kuwe omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngalemibuzo elandelayo?
◻ Iyoba njani i-Armagedoni? (IsAmbulo 16:14, 16)
Ngeke kube i-apocalypse yenuzi noma inhlekelele ebangelwe abantu. Cha, iyimpi kaNkulunkulu yokuqeda zonke izimpi zabantu, yokubhubhisa bonke labo abakhuthaza izimpi ezinjalo neyokuletha ukuthula kweqiniso kulabo abathanda ukuthula. Ngeke ilibale. (Habakuki 2:3)—4/15, ikhasi 17.
◻ Luhlobo luni lomshado oludumisa uJehova?
Umshado oqondiswa izici ezingokomoya kunezindlela zezwe uyomdumisa ngempela uJehova. AmaKristu ayosijabulela lesi senzakalo uma egwema amasiko ezwe onakele, izinkolelo-ze, nokweqisa; uma engasivumeli siphazamise isimiso esivamile esingokomoya; nalapho futhi ebonisa isizotha kunokubukisa.—4/15, ikhasi 26.
◻ Yini ewuphawu lwendoda eqotho?
Indoda eqotho ayethenjwa abantu kuphela, kodwa okubaluleke nakakhulu, yethenjwa uNkulunkulu. Ubumsulwa benhliziyo yomuntu onjalo bubonakala ezenzweni zakhe. Akayena umzenzisi. Akanabo ubuqili noma ukonakala. (2 Korinte 4:2)—5/1, ikhasi 6.
◻ Kungani uJeremiya athi: “Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe”? (IsiLilo 3:27)
Ukufunda ukubhekana novivinyo lapho umuntu esemusha kumsiza ukuba alungiselele ukubhekana nezinselele zobudala. (2 Thimothewu 3:12) Izinzuzo zokwethembeka zikudlula kude ukukhululeka kwesikhashana okungalethwa ukuvumela ukunqotshwa uvivinyo.—5/1, ikhasi 32.
◻ Yini eyayifanekiselwa ukuvela kukaMose no-Eliya embonweni wokuguqula isimo?
Endabeni yokuguqulwa isimo, uMose no-Eliya babebafanekisela kahle abafowabo bakaJesu abagcotshiwe. Ukuthi bona, njengoJesu, “bavela ngenkazimulo” kwakufanekisela ukuthi amaKristu athembekile nagcotshiwe “ayokhazinyuliswa ndawonye” noJesu elungiselelweni loMbuso wasezulwini. (Luka 9:30, 31; Roma 8:17; 2 Thesalonika 1:10)—5/15, amakhasi 12, 14.
◻ Iyini “imfihlo engcwele” kaNkulunkulu? (1 Korinte 2:7)
“Imfihlo engcwele” kaNkulunkulu igxile kuJesu Kristu. (Efesu 1:9, 10) Nokho, ayikhona nje ukubonakaliswa kukaJesu njengoMesiya othenjisiwe. Ihilela uhulumeni wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya, futhi ihlanganisa indima uJesu abelwe ukuyifeza enjongweni kaNkulunkulu.—6/1, ikhasi 13.
◻ UmKristu kufanele akubheke kanjani ukuguga noma ukugula?
Kunokuba abheke uvivinyo olunjalo njengolulinganisela inkonzo yakhe kuJehova, kumelwe alubheke njengethuba lokukhulisa ukuthembela kwakhe kuye. Kufanele akhumbule futhi ukuthi ukubaluleka komKristu akulinganiswa ngezinga lomsebenzi wakhe kuphela kodwa nangokholo lwakhe nokujula kothando lwakhe. (Marku 12:41-44)—6/1, ikhasi 26.
◻ Ukusebenzisa kukaJehova abantu kunezingelosi ekubhaleni iBhayibheli kwabubonisa kanjani ubuhlakani bakhe obukhulu?
Ukuba abantu abasetshenziswanga ngokuphelele, besingaba nenkinga ekuqondeni isigijimi seBhayibheli. Futhi, iBhayibheli linemfudumalo, ukuhlukahluka, nokukhanga okubangelwa isici sobuntu.—6/15, ikhasi 8.
◻ Iyini imfihlo yenjabulo yomkhaya?
Imfihlo isemakhasini eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, nasekusebenziseni izimiso zalo, ezinjengokuzithiba, ukuqaphela ubunhloko, ukukhulumisana okuhle, nothando.—6/15, amakhasi 23, 24.
◻ Ukuphulukiswa okwenziwa uJesu kwakuhluke kanjani kulokho ngokuvamile okwenziwa yilabo abathi banamandla okuphulukisa namuhla?
Izixuku zazingenzi lutho lokubonisa imizwelo ejulile futhi noJesu wayengabi nokuvukwa usinga okuthile. Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange ahluleke ukuphulukisa abantu abagulayo ngebhaxa lokuthi umnikelo wabo awumkhulu ngokwanele noma lokuthi babentula ukholo.—7/1, ikhasi 5.
◻ UJehova uye wabasiza kanjani abantu bakhe ukuba babe nengxenye enjongweni yakhe yaphezulu ngokuphathelene negama kanye noMbuso wakhe?
Okokuqala, uJehova uye waphathisa abantu bakhe iqiniso. Okwesibili, wabanika umoya wakhe ongcwele. Futhi okwesithathu, sinobuzalwane bethu bomhlaba wonke nelungiselelo likaJehova elingokwenhlangano lokukhulekela.—7/1, amakhasi 19, 20.
◻ Buyini ubuhle?
Ubuhle busho isimilo esihle, izenzo nemicabango elungile. Abuyona imfanelo yokungenzi lutho kodwa eyokwenza okuthile, neqondile. Ubuhle busho okungaphezu nje kokugwema isono; busho ukuphishekela okuhle. (1 Thimothewu 6:11)—7/15, ikhasi 14.
◻ Yiliphi ifa eliyigugu kunawo wonke abazali abangalidlulisela ezinganeni zabo?
Ifa eliyigugu kunawo wonke isibonelo sabo siqu sokubonisa uthando. Ngendlela evelele, izingane zidinga ukubona nokuzwa abazali bazo bezwakalisa futhi bebonisa uthando lwangempela ngoNkulunkulu kukho konke abakwenzayo.—7/15, ikhasi 21.
◻ Iziphi ezinye zezinto ezidingekayo ekuqhubeni isifundo somkhaya esiphumelelayo?
Isifundo somkhaya kumelwe siqhutshwe njalo. Kumelwe ‘nithengisise ithuba’ lesifundo. (Efesu 5:15-17) Yenza izikhathi zesifundo ziphile ezinganeni ngokwenza iBhayibheli liphile. Ukuze izingane zisijabulele, kufanele zizizwe zihilelekile kuso.—8/1, amakhasi 26, 28.