Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 8/15 k. 32
  • Bama Beqinile Phakathi Nokushushiswa AmaNazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bama Beqinile Phakathi Nokushushiswa AmaNazi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 8/15 k. 32

Bama Beqinile Phakathi Nokushushiswa AmaNazi

UKUBA qotho ngokungesabi koFakazi BakaJehova eJalimane lobuNazi kuhluke ngokuphelele ekumeni okuthathwa amasonto eLobukholwa. Lokhu kuphawulwa nguprofesa wezomlando uJohn Weiss encwadini yakhe ethi Ideology of Death. Uyabhala:

“Ngo-1934 isonto labaVangeli lagcizelela ukuthi amaNazi kumelwe ‘amukelwe ngamaLuthela,’ futhi labonga ‘iNkosi uNkulunkulu’ ngokunikeza amaJalimane ‘umbusi ozinikele nonokwethenjelwa.’ . . . Umbhishobhi ongumProthestani wabhalela abefundisi bakhe, ‘[uHitler] simthunyelelwe uNkulunkulu.’” UWeiss uqhubeka athi: “Isonto lamaWeseli laseJalimane . . . lavumelana noMbhishobhi uDibelius ngokuthi uHitler wayesindise iJalimane ekuvukeleni kwamaBolshevik okwase kusondele, waletha ukuthula nokuzinza . . . Isonto likaMormon latshela amalungu alo ukuthi ukuphikisa uHitler kuwukwephula umthetho kaMormon.” Futhi uyanezela: “AmaKatolika atshelwa ukuthi kwakuyisibopho esingcwele ukulalela umbuso omusha, isibopho esingazange sihoxiswe ngisho nangemva kokuba ukuphathwa kwabantu ngesihluku empumalanga kwase kwaziwa ngabefundisi.”

Kodwa kuthiwani ngoFakazi BakaJehova? UProfesa Weiss uveza ukuthi “njengeqembu, oFakazi BakaJehova kuphela abamelana namaNazi.” Izinkulungwane zabo zafakwa ejele, “nokho,” kuqhubeka uProfesa Weiss, “noma yimuphi uFakazi owayethunyelwe ekamu lokuhlushwa wayengakhululwa ngokumane nje asayine iphepha edela inkolo yakhe.”

Ngokuphathelene nobuqotho boFakazi BakaJehova, uProfesa Weiss uthi: “Isibonelo sabo sibonisa ithonya eliyingqayizivele lokuma uqinile nelokuba nesibindi ubuKristu bakuqala obabunalo ngaphambi kokuba bube inhlangano emisiwe futhi izibopho zabo emphakathini zibe ngaphezu kwesifiso sokuphila ukuphila okungayekethisi. Njengoba umfundisi wamaProthestani abhala ngabo, ‘Akuwona amasonto amakhulu, kodwa yilaba bantu ababenyundelwa futhi beklolodelwa abamelana kuqala nentukuthelo yedemoni lobuNazi, nababenesibindi sokumelana nawo ngenxa yokholo lwabo.’”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela