Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 5/1 kk. 30-31
  • Ukholo Lwabazali Lwavuzwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukholo Lwabazali Lwavuzwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isenzo Sokholo
  • Umntwana Uyatholakala
  • Isifundo Esisitholayo
  • Babonisa Ukholo Bamvikela UMose
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • UMose Wakhetha Ukukhonza UJehova
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Into Enkulu Kunengcebo YaseGibithe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • UMose—Umuntu Ongokoqobo Noma Oyinganekwane?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 5/1 kk. 30-31

Benza Intando KaJehova

Ukholo Lwabazali Lwavuzwa

KUMA-ISRAYELI, ukuzalwa komntwana womfana kwakubangela injabulo enkulu. Kwakusho ukuthi uhlu lozalo lwaluyoqhubeka nokuthi izwe eliyifa laliyohlala kulowo mndeni. Kodwa cishe ngonyaka ka-1593 B.C.E., kungenzeka ukuthi ukuzala umfana kwakubonakala kuyisiqalekiso kunokuba kube isibusiso kumaHeberu. Ngani? Ngoba uFaro waseGibithe, owayesatshiswa ukwanda okusheshayo kwamaJuda esifundeni esasilawulwa nguye, wayekhiphe umyalo wokuba bonke abantwana bawo besilisa abasanda kuzalwa babulawe.—Eksodusi 1:12, 15-22.

Kwakuphakathi nalomzamo omubi ngokushaqisayo wokuqothulwa kohlanga lapho u-Amramu noJokebedi, umbhangqwana oshadile ongamaHeberu, beba abazali bomntwana womfana omuhle. Kulula ukucabanga indlela injabulo yabo okungenzeka yafiphazwa ngayo ukwesaba lapho bekhumbula umyalo kaFaro. Nokho, lapho u-Amramu noJokebedi bebuka umntwana wabo womfana, banquma ngokuwujuqu ukuba angabalahlekeli, kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iba yini.—Eksodusi 2:1, 2; 6:20.

Isenzo Sokholo

U-Amramu noJokebedi bathukusa usana lwabo izinyanga ezintathu. (Eksodusi 2:2) Nokho, lokhu kwakuyingozi ngoba amaHeberu nabantu baseGibithe babakhelene. Noma ubani owayetholwa ezama ukweqa umyalo kaFaro cishe wayeyojeziswa ngokufa—kanti nomntwana wayeyobulawa. Khona-ke, yini laba bazali abazinikele ababengayenza ukuze bagcine indodana yabo kanye nabo bephila?

UJokebedi waqoqa izihlahla ezazisencane ze-papyrus. I-papyrus isitshalo esiqinile, esifana noqalo futhi esinesiqu esinezinhlangothi ezintathu esinobuqatha obulingana nomunwe. Ingafinyelela ubude obungamamitha ayisithupha. Abantu baseGibithe babesebenzisa lesi sitshalo ukwenza iphepha, omata, oseyili, izingxabulela nezikebhe ezinesisindo esilula.

UJokebedi wakha wasebenzisa iziqu zalesi sitshalo ukuze akhe ibhokisi elalizolingana usana lwakhe. Ngemva kwalokho walicaka ngetiyela ukuze liqine futhi lingangeni amanzi. UJokebedi wabe esefaka usana lwakhe phakathi kuleli bhokisi futhi walibeka phakathi komhlanga ngasogwini loMfula iNayile.—Eksodusi 2:3.

Umntwana Uyatholakala

Indodakazi kaJokebedi, uMiriyamu, yama eduze nalapho ukuze ibone ukuthi yini eyayizokwenzeka ngemva kwalokho. Indodakazi kaFaro yabe isiza eMfuleni iNayile izogeza.a Mhlawumbe uJokebedi wayazi ukuthi lenkosazana yenkosi yayivamile ukuza kulengxenye yomfula iNayile futhi walishiya ngenjongo ibhokisi lapho laliyotholakala kalula khona. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, ngokushesha indodakazi kaFaro yalibona leli bhokisi elalithukuswe phakathi komhlanga, futhi yathuma omunye wabasizi bayo ukuba ayolilanda. Lapho ibona umntwana okhalayo ngaphakathi, yaba nesihe. Yaqonda ukuthi lona kwakungumntwana womHeberu. Nokho, yayingavuma kanjani ukuba umntwana omuhle kangaka abulawe? Ngaphandle kobubele bobuntu, kungenzeka ukuthi indodakazi kaFaro yayithonywe inkolelo evamile yabantu baseGibithe yokuthi ukwamukelwa ezulwini kuxhomeke emlandweni wezenzo zomusa zangesikhathi sokuphila komuntu.b—Eksodusi 2:5, 6.

UMiriyamu, owayebukela ekude, wasondela endodakazini kaFaro. Wabuza: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?” Inkosazana yaphendula: “Hamba.” UMiriyamu wagijima waya kunina. Ngokushesha, uJokebedi wabe esemi phambi kwendodakazi kaFaro. Inkosazana yathi kuye: “Hamba nalomntwana, ungincelisele yena, ngizakukukhokhela.” Kungenzeka ukuthi ngaleso sikhathi indodakazi kaFaro yaqaphela ukuthi uJokebedi wayengunina walowo mntwana.—Eksodusi 2:7-9.

UJokebedi wagcina usana lwakhe lwaze lwalunyulwa.c Lokhu kwamnika amathuba amaningi ayigugu okulufundisa ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova. UJokebedi wabe esebuyisela umntwana endodakazini kaFaro, eyetha umfana ngokuthi uMose, okusho ukuthi “watakulwa emanzini.”—Eksodusi 2:10.

Isifundo Esisitholayo

U-Amramu noJokebedi balisebenzisa ngokugcwele ithutshana ababenalo lokufundisa indodana yabo izimiso zokukhulekela okuhlanzekile. Abazali namuhla kufanele benze okufanayo. Yebo, kubalulekile ukuba benze kanjalo. USathane uDeveli ‘uhambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna ukushwabadela othile.’ (1 Petru 5:8) Angathanda ukuba intsha eyigugu—abafana namantombazane—enamathemba okuba izikhonzi ezinhle zikaJehova ibe izisulu zakhe. Ukuthi isencane akumenzi abe nozwela! Ngenxa yalokho, abazali abahlakaniphile baqeqesha izinsana zabo ukuba zesabe uNkulunkulu weqiniso, uJehova.—IzAga 22:6; 2 Thimothewu 3:14, 15.

Encwadini yamaHeberu 11:23, umzamo ka-Amramu noJokebedi wokuthukusa usana lwabo phakathi nezinyanga ezintathu zokuqala zokuphila kwalo ulotshwe njengesenzo sokholo. Bobabili laba bazali abesaba uNkulunkulu babonisa ukuthembela emandleni asindisayo kaJehova ngokwenqaba ukudela usana lwabo, futhi babusiswa ngalokho. Nathi kufanele sibonise ukunamathela ngokuqinile emithethweni nasezimisweni zikaJehova, siqiniseka ukuthi noma yikuphi uJehova akuvumela ukuba kusehlele kuyogcina kusizuzisa enhlalakahleni nasenjabulweni yethu engunaphakade.—Roma 8:28.

[Imibhalo yaphansi]

a Abantu baseGibithe babekhulekela umfula iNayile njengonkulunkulu wenzalo. Babekholelwa ukuthi amanzi awo ayenamandla okunika inzalo ngisho nokulula isikhathi sokuphila.

b Abantu baseGibithe babekholelwa ukuthi ekufeni umoya womuntu wawuyosho ngekhanda phambi kuka-Osiris izivumo ezinjengokuthi “Angizange ngihluphe muntu,” “Angizange ngigodlele abantwana abancelayo ubisi,” futhi “Ngiye nganika olambile isinkwa nesiphuzo kowomileyo.”

c Ezikhathini zasendulo, abantwana abaningi babenceliswa isikhathi eside kakhulu kunaleso esivame namuhla. Kungenzeka ukuthi uSamuweli wayeneminyaka ecishe ibe mithathu lapho elunyulwa, futhi u-Isaka wayeneminyaka engaba mihlanu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela