Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 5/1 k. 32
  • Ukuthwala Ijoka Ebusheni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthwala Ijoka Ebusheni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 5/1 k. 32

Ukuthwala Ijoka Ebusheni

KULEZI “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” intsha ibhekana nokucindezeleka okukhulu. (2 Thimothewu 3:1) Nsuku zonke igidlabezwa ngenkulumo-ze ekhuthaza ukuziphatha okubi, ukubhema, kanye nezinye izinhlobo zemikhuba elimazayo. Labo abalandela izindinganiso zeBhayibheli bangase bahlekwe usulu ngenxa yokwenqaba ukuhambisana neningi, futhi amanye amaKristu angase abe nomuzwa wokuthi kungaba lula ukuvumelana nalo.

Ngasekupheleni kwekhulu lesikhombisa B.C.E., uJeremiya wabhala: “Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe.” (IsiLilo 3:27) Wayesho ukuthini? Ukuthi ukufunda ukubhekana nezilingo kusiza futhi kulungiselele osemusha ukuba ahlangabezane nezinselele zobudala. Ukuhlupheka, nakuba kungemnandi, akunakugwemeka kokubili kumaKristu amasha namadala. (2 Thimothewu 3:12) Kodwa izinzuzo zokukholeka zikudlula kude ukukhululeka kwesikhashana okungase kulethwe ukuzivumela ukuba unqotshwe ukuhlupheka.

Uma ungomusha, bhekana nezivivinyo zokholo ngokwethembeka. Lapho uyengelwa ekuziphatheni okubi, ungazivumeli ukuba unqotshwe. Nakuba okwamanje kungase kube nzima ukwenza lokhu, ngemva kwesikhathi, ukukhathazeka kuyoncipha. UJesu wathembisa: “Bekani ijoka lami phezu kwenu . . . , nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:29, 30.

Yamukela inselele yokuphila ngezimiso zeBhayibheli. Ukwenza kanjalo kuyokunika indlela engcono yokuphila manje nethemba eliqinisekile ngekusasa. Njengoba iBhayibheli likubeka, “izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela