Ukwanda Kobufandamentali
UBUFANDAMENTALI—emashumini ambalwa eminyaka adlule babumane buwumzabalazo wedlanzana phakathi kobuProthestani. Yeka indlela izinto esezishintshe ngayo! UBruce B. Lawrence, umhlaziyi wenkolo, wabhala ukuthi eminyakeni engu-30 edlule babembalwa ababengabona kusengaphambili ukuthi ekupheleni kwekhulu lama-20 leminyaka, ubufandamentalia babuyoba indaba ebalulekile ngisho nokweqiswa kangaka kuyo kwezokusakaza nasekucwaningeni kwasemayunivesithi.
Kodwa yilokho okwenzeka. Imibiko yamaphephandaba yemibhikisho enobudlova yasemigwaqweni, ukubulala, izinhlangano ezimelene nokukhishwa kwezisu, imikhankaso engokwezombangazwe yamaqembu enkolo athonya umphakathi, nokushiswa obala kwezincwadi ezibhekwa njengezihlambalazayo kuyisikhumbuzo esiqhubekayo sezenzo zabalandeli bobufandamentali. Iphephandaba lamasonto onke lase-Italy lezezimali i-Mondo Economico lathi cishe yonke indawo ubufandamentali “buhlasela egameni likaNkulunkulu.”
Abalandeli bobufandamentali ngokuvamile bavezwa njengabeqisayo nabashiseka ngokungenangqondo, abakha uzungu futhi bahlasele njengamaphekula. Kuyabethusa abantu ukwanda kwamaqembu anjenge-Comunione e Liberazione enkolweni yobuRoma Katolika, i-Gush Emunim kweyobuJuda, ne-Christian Coalition ezinkolweni zobuProthestani zaseNyakatho Melika. Kungani ubufandamentali banda? Yini ebushoshozelayo? Ingabe mhlawumbe “buwukuziphindiselela kukaNkulunkulu,” njengoba isazi sezokuhlalisana kwabantu esingumFulentshi uGilles Kepel sisikisela?
[Umbhalo waphansi]
a Umlandeli wobufandamentali ngumuntu obambelela ngokuqinile ezindinganisweni ezingokwenkolo eziyisiko nezingayamukeli imiqondo emisha. Incazelo ‘yobufandamentali’ izodingidwa kakhudlwana esihlokweni esilandelayo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Nina Berman/Sipa Press