Benza Intando KaJehova
Ukutholela U-Isaka Inkosikazi
INDODA esikhulile eyayihlezi ngasemthonjeni wamanzi yayikhathele iyingcuba. Yona nezinceku zayo kanye namakamela abo ayishumi babehambe indlela ende besuka ngaseBeri-Sheba beya enyakatho yeMesopotamiya—ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-800.a Njengoba base befikile lapho babeya khona, lesi sihambi esikhathele saphumula ukuze sicabange ngomsebenzi onzima esasithunywe ukuyowenza. Yayingubani lendoda, futhi kungani yathatha lolu hambo olunzima?
Lendoda yayiyinceku ka-Abrahama, ‘inceku enkulu yendlu yakhe.’ (Genesise 24:2) Nakuba lingazange lishiwo igama layo kulokhu kulandisa, kubonakala sengathi yayingu-Eliyezeri, u-Abrahama ayeke wabhekisela kuye ‘njengenceku yendlu yakhe’ nakhuluma ngaye njengowayesethubeni ‘lokuba indlalifa yakhe.’ (Genesise 15:2, 3) Yiqiniso, lokho kwakungesikhathi lapho u-Abrahama noSara bengakabi nabantwana. Manje indodana yabo, u-Isaka, yayisineminyaka engu-40, futhi nakuba u-Eliyezeri ayengaseyona indlalifa eyinhloko ka-Abrahama, wayeseyinceku yakhe. Ngakho wavuma lapho u-Abrahama enza isicelo esiyinselele. Sasiyini?
Ukuthunywa Okuyinselele
Ngezinsuku zika-Abrahama umshado wawungathinti umkhaya kuphela kodwa sonke isizwe, noma isizwe sezinzalamizi. Ngakho-ke kwakuyisiko ukuba abazali bakhethele izingane zabo umngane womshado. Nokho, u-Abrahama wayebhekene nenkinga lapho efunela indodana yakhe u-Isaka inkosikazi. Izindlela zokungamhloniphi uNkulunkulu zamaKhanani endawo zenza kwaba okungenakwenzeka ukuganiselana nomunye wawo. (Duteronomi 18:9-12) Futhi nakuba kwakuyisiko ukuba indoda iganwe esizweni sakubo, izihlobo zika-Abrahama zazihlala enyakatho yeMesopotamiya eyayiqhele ngamakhulukhulu amakhilomitha. Wayengenakumane avumele ukuba u-Isaka athuthele lapho, ngoba uJehova wayethembise u-Abrahama: “Ngiyakulinika inzalo yakho lelizwe,” izwe laseKhanani. (Genesise 24:7, omalukeke sizenzele.) Ngakho, u-Abrahama wathi ku-Eliyezeri: ‘Iya ezweni lakithi nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami uIsaka umfazi.’—Genesise 24:4.
Ngemva kohambo lwakhe olude, u-Eliyezeri waphumula ngasemthonjeni wamanzi njengoba ayecabanga ngomsebenzi ayethunywe ukuyowenza. Waqaphela ukuthi ngokushesha abesifazane babezoza emthonjeni bezokukha amanzi ayezosetshenziswa ebusuku. Ngakho wanxusa uJehova: “Intombazana engizakusho kuyo ukuthi: Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho, ibe-yileyo-ke oyimisele inceku yakho uIsaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”—Genesise 24:14.
Lapho esathandaza, kweza isiphalaphala sentokazi okuthiwa uRebeka. U-Eliyezeri wathi kuso: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.” U-Rebeka wenza kanjalo, wabe esethi: “Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke.” Lokhu kwakuwukuzinikela kwangempela, njengoba ikamela elomile lingaphuza amalitha amanzi afinyelela kwangu-95 ngemizuzu eyishumi nje! Kungakhathaliseki ukuthi amakamela ka-Eliyezeri ayome kakhulu yini noma cha, kumelwe ukuba uRebeka wayazi ukuthi umsebenzi ayezinikele ukuwenza wawuzoba nzima. Ngempela, ‘washesha wathululela imbiza yakhe emqengqeni, wabuye waphuthuma emthonjeni ukuyokukha, wakhelela onke amakamela akhe.’—Genesise 24:15-20.
Eqaphela isiqondiso sikaJehova, u-Eliyezeri wapha uRebeka icici legolide lasekhaleni namasongo amabili egolide, abiza amaRandi angu-6 100 ngokwamanani anamuhla. Lapho uRebeka emtshela ukuthi wayengumzukulu kaNahori, umfowabo ka-Abrahama, u-Eliyezeri wathandaza ebonga uNkulunkulu. Wathi: “UJehova ungiholile mina endleleni kuze kube-sendlini yabafowabo benkosi yami.” (Genesise 24:22-27) U-Eliyezeri walethwa emkhayeni wakubo kaRebeka. Ngokuhamba kwesikhathi, uRebeka waba umka-Isaka, futhi waba nelungelo lokuba ukhokhokazi kaMesiya, uJesu.
Isifundo Esisitholayo
UJehova wawubusisa umzamo ka-Eliyezeri oqotho wokutholela u-Isaka umngane womshado owesaba uNkulunkulu. Nokho, khumbula ukuthi umshado ka-Isaka wawuhlobene ngokuqondile nenjongo kaNkulunkulu yokuveza imbewu ngo-Abrahama. Ngakho, lokhu kulandisa akufanele kusenze siphethe ngokuthi wonke umuntu othandazela umngane womshado uyonikwa yena ngokuyisimangaliso. Noma kunjalo, uma sinamathela ezimisweni zikaJehova, uyosinika amandla okukhuthazelela izinselele ezibangelwa yinoma isiphi isimo ekuphileni—ukushada noma ukuba ongashadile.—1 Korinte 7:8, 9, 28; qhathanisa neyabaseFilipi 4:11-13.
U-Eliyezeri kwadingeka enze umzamo omkhulu ukuze enze izinto ngendlela kaJehova. Nathi singathola ukuthi ukwenza ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova akulula ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, kungase kube nzima ukuthola umsebenzi ongacinanisi umsebenzi ongokwasezulwini, umngane womshado owesaba uNkulunkulu, abangane abakhayo, ukuzijabulisa okungonakalisi. (Mathewu 6:33; 1 Korinte 7:39; 15:33; Efesu 4:17-19) Nokho, uJehova angabasekela labo abenqaba ukuyekethisa ezimisweni zeBhayibheli. IBhayibheli liyathembisa: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:5, 6.
[Umbhalo waphansi]
a Lapho sicabangela izinga lokuhamba lamakamela, kungenzeka ukuthi lolu hambo lwathatha izinsuku ezingaphezu kuka-25.