Ubani Okufanele Asolwe Ngempi?
INGABE uNkulunkulu kufanele asolwe ngezimpi ezilwiwa isintu? “Cha, uNkulunkulu akayifuni impi.” Wawuphendula kanjalo lombuzo uMartin Niemöller, umfundisi waseJalimane ongumProthestani owaziwa kakhulu, ngemva nje kokuphela kweMpi Yezwe II. Amazwi akhe anyatheliswa ngo-1946 encwadini ethi Ach Gott vom Himmel sieh darein—Sechs Predigten (O Nkulunkulu Bheka Usezulwini—Izintshumayelo Eziyisithupha). Lencwadi ithi:
“Noma ubani ofuna ukusola uNkulunkulu [ngezimpi] akalazi, noma akafuni ukulazi, iZwi likaNkulunkulu. Yebo, kuyindaba ehlukile ukuthi thina maKristu kumelwe sisolwe kakhulu yini noma cha ngezimpi ezingapheli. Futhi asinakuyibalekela kalula nje leyo ndaba. . . . Kungakhumbuleka ngokunembile futhi ukuthi amasonto obuKristu, kuyo yonke leminyaka, aye azinikela ngokuphindaphindiwe ekubusiseni izimpi, amabutho, nezikhali nokuthi ngendlela engebona nakancane ubuKristu athandazela ukuqothulwa kwezitha zawo empini. Konke lokhu kuyiphutha lethu nephutha lawobabamkhulu, kodwa ngokuqinisekile uNkulunkulu akanakusolwa. Futhi thina maKristu anamuhla sinamahloni phambi kwalabo okuthiwa bayihlelo njengabaFundi BeBhayibheli Abaqotho [OFakazi BakaJehova], abangena emakamu okuhlushwa ngamakhulu nangezinkulungwane futhi bafa [nokufa] ngoba benqaba inkonzo yasempini nokudubula abantu.”
Namuhla, eminyakeni engaba ngu-50 ngemva kweMpi Yezwe II, amazwi kaNiemöller enza abantu abathanda ukuthula bacabange. Cha, uNkulunkulu akanakusolwa ngokuchithwa kwegazi okwenziwa izizwe! Empeleni, esebenzisa abakhulekeli bakhe beqiniso, abangazihlanganisi nezimpi zezwe, uNkulunkulu umemezela ukuphela kwayo yonke impi okuseduze.—IHubo 46:9; Johane 17:16.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
USAF photo