Umhlangano Waminyaka Yonke
NGO-OCTOBER 5, 1996
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 5, 1996, eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova, ku-2932 Kennedy Boulevard, Jersey City, eNew Jersey. Umhlangano owandulelayo wamalungu kuphela uyoqala ngo-9:15 ekuseni, ulandelwe umhlangano ovamile waminyaka yonke ngo-10:00 ekuseni.
Amalungu eNhlangano kufanele azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma iluphi ushintsho emakhelini awo okuthumela phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso namaphepha okuvota kufinyelele kuwo phakathi no-July.
Amaphepha okuvota, ayothunyelwa kumalungu kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe abuyiswe ukuze afinyelele iHhovisi likaNobhala weNhlangano ngaphambi kuka-August 1. Ilungu ngalinye kufanele ligcwalise futhi libuyise iphepha lalo lokuvota ngokushesha, lisho ukuthi lizoba khona ngokwalo emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwe ephepheni ngalinye lokuvota kufanele kube okuqinisekile kuleli phuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekunqumeni ukuthi obani abayoba khona mathupha.
Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano webhizinisi nemibiko, siphele ngo-1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Ngeke sibe khona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa umhlangano waminyaka yonke ngocingo namanye amahholo.