UMhlangano “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” Ka-1996
EZIKHATHINI zasendulo abantu bakaJehova babegubha imikhosi emithathu eyinhloko minyaka yonke. Ngendlela efanayo, ezikhathini zanamuhla abantu begama likaJehova bahlangana kathathu ngonyaka ukuze babe nemikhosi. Bayakujabulela ukubuthana emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa, emhlanganweni wesifunda wezinsuku ezimbili, nasemhlanganweni wesigodi wezinsuku ezintathu noma ezine. Kulonyaka, isihloko somhlangano wesigodi sithi “Izithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu.”
Yeka indlela esifaneleka ngayo leso sihloko! UNkulunkulu wethu, uJehova, ‘unguNkulunkulu wokuthula,’ yebo, “uNkulunkulu onikeza ukuthula.” UMholi wethu, uJesu Kristu, ‘uyiNkosi yokuthula,’ futhi isigijimi izinceku zikaJehova ezisilethayo siyisigijimi sokuthula kukaNkulunkulu. (Filipi 4:9; Roma 15:33; Isaya 9:6; Nahume 1:15) Kuye kwahlelwa isimiso esihle esizosiza wonke umuntu ukuba aqaphele ngokugcwele kakhudlwana ukubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu.
Kulonyaka e-United States kuphela, kuzoba nemihlangano engu-198. Cishe kuyoba nomhlangano endaweni eseduze nawe. Kungani ungathintani noFakazi BakaJehova abasendaweni yakini ukuze uthole isikhathi nendawo eqondile oyoba kuyo bese uhlela ukuba khona? Bonke abanesithakazelo ekuthuleni kwangempela, okuhlala njalo bayokwamukelwa ngokufudumele.