Indlela Yokuthola Injabulo Ekwenzeni Abafundi
ENYE yezinjabulo ezinkulu umuntu angaba nazo eyokuba isisebenzi esikanye noNkulunkulu. Namuhla, umsebenzi kaNkulunkulu uhlanganisa ukuqoqela ebandleni lobuKristu abantu abathambekele ekulungeni nokubaqeqeshela ukuphila njengamaKristu manje nokusindela ezweni elisha.—Mika 4:1-4; Mathewu 28:19, 20; 2 Petru 3:13.
Ukubona abantu abayisigidi beba abafundi bakaJesu Kristu kusukela ngo-1980 kuye kwaba umthombo wenjabulo enkulu koFakazi BakaJehova eLatin America. Kulensimu ethelayo, lapho abaningi belihlonipha futhi belikholelwa iBhayibheli, ezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele ziye zakwazi ukusiza abantu abaningi ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova. Njengoba zinokuhlangenwe nakho okuningi kakhulu, mhlawumbe kukhona ezingasitshela khona ngokuphathelene nenjabulo yokwenza abafundi. Okunye kokusikisela kwazo kungase kukusize ukuba uthole injabulo ekwenzeni abafundi lapho uhlala khona.
Ukubona Abangaba “Izimvu”
“Kunoma yimuphi umuzi noma umuzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo,” kusho uJesu lapho ethuma abafundi bakhe ukuyoshumayela. (Mathewu 10:11) Lapho uhambela abantu, ungababona kanjani labo abangase basizwe ngokomoya? U-Edward, osebe yisikhonzi sesikhathi esigcwele iminyaka engaphezu kuka-50, uthi: “Bazibonakalisa ngemibuzo yabo eqotho nokwaneliseka kwabo lapho benikezwa izimpendulo ezivela emiBhalweni.” UCarol uyanezela: “Uma umuntu ethululela kimi inkinga yomuntu siqu noma okuthile okumkhathazayo, usuke ekhalela usizo ngempela. Ngizama ukuthola ukwaziswa okuwusizo ezincwadini ze-Watch Tower Society. Isithakazelo somuntu siqu esinjalo sivame ukuholela esifundweni seBhayibheli.” Nokho, akulula ngaso sonke isikhathi ukubona abantu abaqotho. ULuis uyalandisa: “Abanye ababebonakala benesithakazelo esikhulu kwakhanya ukuthi babengenasithakazelo nhlobo, kodwa abanye ababebonakala bephikisa ekuqaleni bashintsha lapho bezwa lokho iBhayibheli elikushoyo ngempela.” Njengoba abantu abaningi baseLatin America belihlonipha iBhayibheli, uyanezela, “Labo abangase basizwe ngokomoya ngibabona lapho bamukela ngokushesha lokho iBhayibheli elikufundisayo ngemva kokuba ngibabonise kona.” Ukusiza ‘abafanelekayo’ abanjalo ukuba bathuthuke ngokomoya kuletha injabulo nokwaneliseka kwangempela. Ungakwenza kanjani lokhu?
Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli
Ukusebenzisa izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezikhishwa “isigqila esikholekile nesiqondayo” ngokuvamile kuyindlela engcono kakhulu yokusiza abantu baqonde iqiniso leBhayibheli. (Mathewu 24:45) Ungakwakha kanjani ukwazisa ngokubaluleka kwezinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezinjalo? U-Edward uthi: “Njengoba izimo zabantu, ubuntu, nemibono yabo kuhluka kakhulu, ngizama ukuvumelana nezimo lapho ngiqala izifundo.” Awunakusebenzisa indlela efanayo kuwo wonke umuntu.
Kwabanye, kungase kudingeke izingxoxo eziningana zemiBhalo ngaphambi kokuba wethule incwadi yesifundo seBhayibheli. Nokho, omunye umbhangqwana oyizithunywa zevangeli uyabika: “Sivame ukusikisela isifundo ekuhambeleni kokuqala.” Ngokufanayo, uFakazi othile oye wasiza abantu abangu-55 baze bazinikezela uthi: “Indlela yami eyinhloko yokuqala izifundo zeBhayibheli kuye kwaba ukungena encwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni zisuka nje.” Nakuba abanye bengawuthandi umqondo wokutadisha noma yini, abanye bazimisele ukutadisha noma yini abakholelwa ukuthi izobasiza ekuphileni. Ukusikisela izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala kulaba ngokuvamile kuzwakala kukhanga. Ezinye izithunywa zevangeli zichaza ngalezi zifundo bese zithi: “Ngithanda ukukubonisa ukuthi sikwenza kanjani. Uma ukuthanda, ungaqhubeka. Uma ungakuthandi, kukuwe.” Lapho kubekwe ngaleyo ndlela, abantu abazizwa besaba ukuvuma.
Omunye uFakazi, oye wasiza abaningi abantulayo nabangafundile, uthi: “Ngiye ngathola amapheshana ewusizo ngokukhethekile ekuqaleni izifundo zeBhayibheli.” Kungakhathaliseki ukuthi iyiphi incwadi abayisebenzisayo, laba bafundisi besikhathi esigcwele bazama ukugcizelela iBhayibheli ngokuyinhloko. UCarola uthi: “Esifundweni sokuqala, ngisebenzisa imifanekiso kuphela nemibhalo engaba mihlanu, ukuze amaphuzu ayinhloko agqame futhi iBhayibheli lingabonakali lilukhuni.”
Ukugcina Isithakazelo Sivutha
Abantu bayakujabulela ukuba nomuzwa wokuthi bayathuthuka, ngakho uJennifer utusa lokhu: “Yenza isifundo siphile. Ungami ndawonye.” Ukusiqhuba njalo isifundo ngaphandle kokweqisa amasonto nakho kuyabasiza babe nomuzwa wokuthi bayathuthuka. Iphayona elikhethekile elakhulela emaphandleni lichaza ukubaluleka kokwenza izincazelo zibe lula nokugxila emaphuzwini ayinhloko, ukuze ngisho nalabo abangafundile kangako bakwazi ukuthuthuka. Uthi: “Esigodini sakithi, kwakudingeka sifafaze umhlabathi ngamanzi ngemva kokuhlwanyela imbewu. Uma sasimane sibhunyele amanzi emasimini, inhlabathi yayiba noqweqwe oluqinile imbewu ekhulayo eyayingenakuchusha kulo, bese ifa. Ngokufanayo, uma abasanda kuthakazela ubaxina ngamaphuzu amaningi, kungase kubonakale kunzima kakhulu bese beyeka.” Ngisho nabantu abazinengqondo ezifuna ukwazi kumelwe bafunde ukugxilisa ingqondo endabeni eyodwa ngesikhathi ukuze bathuthuke ekuqondeni. UJesu wathi kubaphostoli bakhe: “Nginezinto eziningi okusamelwe ngizisho kini, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.”—Johane 16:12.
Enye indlela yokugcina isithakazelo sivutha iwukukhuthaza labo obahambelayo ukuba baqhubeke becabanga ngeZwi likaNkulunkulu ngemva kokuba usuhambile. UYolanda utusa lokhu: “Shiya umbuzo ulenga. Banikeze umsebenzi okumelwe bawenze ungekho, njengokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli noma ukuhlola indaba ethile ebathintayo.”
Ukwakha Uthando NgoJehova
Injabulo yakho iyokwanda lapho usiza ofunda nabo ukuba babe ‘abenzi bezwi, bangabi abalizwayo kuphela.’ (Jakobe 1:22) Ungakwenza kanjani lokho? AmaKristu eqiniso ashukunyiswa uthando ngoJehova. UPedro, waseMexico, uyachaza: “Abantu abanakuthanda umuntu abangamazi, ngakho kusukela ekuqaleni nje kwesifundo, ngibafundisa igama likaNkulunkulu eliseBhayibhelini, futhi ngifune amathuba okugcizelela izimfanelo zikaJehova.” Ezingxoxweni, ungakha ukwazisa ngoJehova ngokusho imizwa yakho ngaye. U-Elizabeth uthi: “Ngaso sonke isikhathi ngizama ukukhuluma ngobuhle bukaJehova. Ezifundweni zami, uma ngibona imbali enhle, inyoni enhle, noma umthinyane othanda ukudlala, njalo ngiye ngiphawule ukuthi kuwumsebenzi kaJehova.” “Khuluma ngezwe elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe njengento engokoqobo njengoba ulazi,” kusikisela uJennifer. “Babuze ukuthi yini abangathanda ukuyenza ezweni elisha.”
Lapho umuntu ezindla ngokwazisa ngalokho akufundayo ngoJehova, kungena enhliziyweni yakhe bese kumshukumisela esenzweni. Kodwa akanakuzindla uma engakhumbuli. Ukubukeza kafushane amaphuzu amathathu noma amane ayinhloko ngemva kwesifundo ngasinye kuyasiza ekukhumbuleni. Abafundisi beBhayibheli abaningi bacela abasanda kuhlanganyela ukuba babhale imibhalo eyisihluthulelo namazwi athile ngemuva emaBhayibhelini abo. Isithunywa sevangeli saseNgilandi sichaza enye inzuzo yokubukeza: “Ngibabuza ukuthi lokhu kwaziswa kubazuzise kanjani. Lokhu kubenza bazindle ngokwazisa ngezindlela nemithetho kaJehova.”
UFakazi okholekile owathweswa iziqu ekilasini lesithathu laseGileyadi uthi: “Kumelwe sishiseke. Esifunda nabo kumelwe baqaphele ukuthi siyakukholelwa esikufundisayo.” Ukholo oluye lwakwenza “umenzi womsebenzi” ojabulayo lungathathelwana uma ulubonakalisa.—Jakobe 1:25.
“Ngithola ukuthi abantu bazizwa besondelene kakhudlwana noNkulunkulu uma ngibasiza babone izimpendulo zemithandazo yabo,” kusho uFakazi oseye wasiza abaningi ukuba bakhulekele uJehova. “Ngibanikeza izibonelo zokuhlangenwe nakho kwami siqu, njengalokhu: Lapho mina nengangibambisene naye sifika esabelweni esisha njengamaphayona, sasinemifino eyingcosana, nephakethe le-margarine kuphela, singenamali. Sakudla sakuqeda lokhu kudla kusihlwa sabe sesithi, ‘Manje asisenalutho lwakusasa.’ Sathandaza ngalokhu, sase silala. Ekuseni ngakusasa kwafika uFakazi wakuleyo ndawo wabe esezethula, ethi, ‘Bengithandazela ukuba uJehova athumele amaphayona. Manje ngingahamba nani cishe usuku lonke, kodwa njengoba ngihlala lé emaphandleni, kuzodingeka ngidle ukudla kwasemini kanye nani, ngakho ngiphethe lokhu kudla kwethu sonke.’ Kwakuyinyama nemifino eminingi. Ngaso sonke isikhathi engifunda nabo ngibatshela ukuthi uJehova akasishiyi nanini uma sifuna uMbuso wakhe kuqala.”—Mathewu 6:33.
Nikeza Usizo Olungokoqobo
Kunokwengeziwe ekwenzeni abafundi bakaKristu kunokuqhuba isifundo seBhayibheli. Isithunywa sevangeli esakhonza njengombonisi ojikelezayo iminyaka eminingi sithi: “Banike isikhathi. Musa ukuphuma usujahile ngemva kwesifundo. Uma kufaneleka, hlala uxoxe isikhashana.” U-Elizabeth uthi: “Ngiba nesithakazelo kubo ngoba kuhileleke ukuphila. Izikhathi eziningi ngikhathazeka ngabo njengokungathi bayizingane zami.” Abanye oFakazi basikisela lokhu: “Bavakashele lapho begula.” “Lapho ungasemizini yabo, ngokwesibonelo enkonzweni yasensimini, bavakashele isikhashana ukuze wethule abanye oFakazi kubo.” U-Eva uthi: “Lalelisisa ukuze uqonde isizinda somuntu nesimo sakhe ekuphileni. Lokhu kuthonya indlela abantu abasabela ngayo eqinisweni futhi kungabambezela intuthuko yabo. Yiba umngane wabo, ukuze babe nesibindi sokukhuluma ngezinkinga zabo.” UCarol uyanezela: “Isithakazelo esiqotho kumuntu sibalulekile njengoba izinguquko eziyolethwa iqiniso ekuphileni kwakhe ngezinye izikhathi ziyosho ukulahlekelwa umkhaya nabangane. Ngokuvamile, kuhle uma umfundi azi lapho sihlala khona futhi enesibindi sokuza kithi noma ngasiphi isikhathi.” Msize ukuba abheke ibandla njengomkhaya wakubo omusha.—Mathewu 10:35; Marku 10:29, 30.
“Kuphaphamele ukunikeza usizo olungokoqobo. Hlala nabo emihlanganweni, ubasize ngezingane zabo,” kusho uYolanda. Ukubonisa abasanda kuhlanganyela indlela yokuqeqesha izingane zabo, ukuthuthukisa izindinganiso zabo zokuhlanzeka, ukulungiselela izimpendulo zemihlangano, nokunikeza izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini konke kuyingxenye yomsebenzi wokwenza abafundi. Omunye udade uyanezela: “Kubalulekile ukubaqeqeshela inkonzo abasanda kuhlanganyela. Lapho lesi sici sokuqeqeshwa singanakwa, abanye bahlala bewusaba umsebenzi wokushumayela, balahlekelwe injabulo ekukhonzeni uJehova, futhi bahluleke ukukhuthazela.” Ngakho baqeqeshe ngokucophelela emsebenzini wendlu ngendlu, ekwenzeni izimpindelo, nasekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Injabulo yakho iyoba nkulu lapho ubona ofunda naye ethuthuka ngosizo nesiqondiso sakho.
Baqinise Ukuze Bakhuthazele
“Kunokuthambekela kokudebeselela ukufunda lapho ofunda naye esebhapathiziwe,” kuxwayisa umenzi wabafundi onokuhlangenwe nakho. Bobabili umfundisi nomfundi kumelwe bakhumbule ukuthi umKristu osanda kubhapathizwa akakavuthwa nakancane ngokomoya. Kusamelwe akhule impela okholweni lwakhe, ekwaziseni kwakhe umthetho kaNkulunkulu, nasothandweni lwakhe ngoJehova. Kubalulekile ukumkhuthaza ukuba abe nemikhuba emihle yesifundo somuntu siqu ukuze aqhubeke ethuthuka.—1 Thimothewu 4:15.
Osanda kuhlanganyela angase adinge usizo ukuze athuthuke futhi abe ilungu lenhlangano yabafowethu elinomoya wokungenisa izihambi. Angase adinge isiqondiso ekubhekaneni nokungapheleli kwabafowethu njengoba esondelana kakhudlwana nabo. (Mathewu 18:15-35) Angase adinge ukusizwa ukuba abe umfundisi onekhono, okwaziyo ukuzenzela ukucwaninga. Esinye isithunywa sevangeli siyalandisa: “Ngemva kokubhapathizwa, omunye engangifunda naye wayefuna ukuthuthukisa ikhono lakhe lokufundisa, ngakho wathi kimi, ‘Ngesonto elizayo kufanele ngiqhube isifundo esisha, kodwa kudingeka ngizikhumbuze izahluko zokuqala engazifunda. Ungaphinda yini uzifunde nami lezi zihloko, sifunde esisodwa ngesikhathi, ukuze ngikwazi ukuphawula izincazelo zemibhalo nemifanekiso, bese ngikusebenzisa lapho ngiya esifundweni sami?’ Usengumfundisi omuhle kakhulu, futhi abane afunda nabo babhapathizwa emhlanganweni owodwa.”
Isizathu Sokuba Ukwenza Abafundi Kuwufanele Umzamo
“Ukwenziwa kwabafundi kusho abadumisi bakaJehova abengeziwe. Kusho ukuphila ngalabo abamukela iqiniso,” kusho uPamela. “Ngiyakuthanda ukufundisa abanye iqiniso—akuve kumnandi! Umuntu ubona afunda nabo bekhula kancane kancane, benza izinguquko ekuphileni kwabo futhi benqoba izithiyo ebezingabonakala zingenakunqotshwa ukube bekungengenxa yomoya kaJehova. Abaningi balabo abaye baqala ukuthanda uJehova baye baba abangane bami engibathanda kakhulu.”
“Lapho ngicabanga ngalabo engiye ngabasiza ukuba babe abafundi,” kulandisa isithunywa sevangeli saseJalimane, “ngibona abantu abanamahloni abaye benza intuthuko enkulu njengezikhonzi zikaNkulunkulu kangangokuthi kunzima kimi ukukukholelwa. Ngibona abantu abanqoba izithiyo ezinkulu, ngokusobala ngosizo lukaJehova. Ngibona imikhaya eyayihlukene kodwa manje esinobunye—izingane ezijabulayo ezinabazali abafeza umthwalo wabo wemfanelo. Ngibona abantu abajabulela ukuphila okunenjongo, bedumisa uJehova. Yilena injabulo yokwenza abafundi.”
Yebo, ukuba isisebenzi esikanye noJehova uNkulunkulu emsebenzini wokwenza abafundi kuwumthombo wenjabulo engenakuqhathaniswa. Okuhlangenwe nakho kwezithunywa zevangeli namaphayona kuye kwakufakazela lokhu. Ungathola injabulo nokwaneliseka okufanayo uma usebenzisa lokhu kusikisela futhi usebenzele kukho ngomphefumulo wonke. Ngesibusiso sikaJehova, injabulo yakho iyoba ephelele.—IzAga 10:22; 1 Korinte 15:58.