Ukusakaza Iqiniso LeBhayibheli EPortugal
UKUSUKA eCaminha esenyakatho ukuya eVila Real de Santo Antônio eseningizimu, izinkulungwane zezikebhe zokudoba ezinemibala ehlukahlukene zithe chithi saka endaweni engamakhilomitha angu-800 oGu lwasePortugal i-Atlantic. Sekungamakhulu eminyaka abadobi “behlela elwandle ngemikhumbi,” benza inhlanzi ibe ukudla okuyinhloko kubantu abaningi basePortugal.—IHubo 107:23.
Eminyakeni engu-70 edlule, kunolunye uhlobo lokudoba obelwenziwa ePortugal. OFakazi BakaJehova bebematasa belethela amashumi ezinkulungwane ezinhlanzi ezingokomfanekiso izindaba ezinhle. (Mathewu 4:19) Ngo-May 1995 kwaba nenani eliphakeme labamemezeli boMbuso elingu-44 650—isilinganiso sommemezeli oyedwa kuzakhamuzi ezingaba ngu-210. Kwamanye amadolobha isilinganiso siyingxenye yalokho.
Njengoba kunezisebenzi eziningi kangako, ezindaweni eziningi amasimu okufakaza ahlanganiswa cishe isonto ngalinye. Ngakho oFakazi basePortugal bakuphaphamele kakhulu ukusebenzisa izindlela ezihlukene ukuze bahlanganyele nabanye ithemba labo leBhayibheli. Yebo, bayakuqonda ukubaluleka kokwenza iqiniso leBhayibheli laziwe ngazo zonke izindlela okungenzeka ngazo.—1 Korinte 9:20-23.
Ukusiza Labo Abathambekele Enkolweni
Ngokokubalwa kwabantu okwenziwa ngo-1991, amaphesenti angu-70 alabo abaneminyaka engu-18 ubudala noma ngaphezulu ePortugal athi angamaRoma Katolika. Naphezu kwalokhu, abantu banolwazi oluncane lweBhayibheli. Iphephandaba elithi Jornal de Notícias laphawula: “Lena enye yezinhlekelele ezinkulu kunazo zonke emphakathini wamaKatolika: Ukungalazi iBhayibheli!” Kungani kunjalo? Iphephandaba lasePortugal i-Expresso linikeza impendulo. Libika ngomhlangano wabapristi abangu-500 owawuseFátima, leli phephandaba lithi: “Ngokombhishobhi, umpristi kudingeka azikhulule emisebenzini eminingi ukuze agqamise isikhundla sakhe sokuba ‘umshumayeli’ nje kuphela. . . . Uma umpristi eshumayela iVangeli ngomphefumulo wonke, ngeke abe nesikhathi sanoma yimiphi eminye imisebenzi.”
Ngokuphambene, oFakazi BakaJehova ePortugal bamatasa bezama ngazo zonke izindlela okungenzeka ngazo ukwenza iqiniso leBhayibheli laziwe. Ngenxa yalokhu, amaKatolika amaningi aqotho azuza ulwazi lweBhayibheli.
UCarlota wayengumKatolika ozinikele nelungu leqembu lentsha kulelo hlelo elingokwenkolo. Futhi wayenguthisha esikoleni sojahidada lapho u-Antônio, onguFakazi, ayesebenza khona. Njengephayona elivamile, noma isikhonzi sesikhathi esigcwele, ngaso sonke isikhathi u-Antônio wayezama ukukhuluma ngeBhayibheli nabantu ayesebenza nabo ngesikhathi sokudla kwasemini. Ngolunye usuku uCarlota wambuza ngenkolelo yesihogo nokukhulekelwa kukaMariya. U-Antônio wambonisa lokho iBhayibheli elikufundisayo ngalezi zindaba, futhi lokho kwaqala izingxoxo eziningi zeBhayibheli. Lapho uCarlota eba khona okokuqala emhlanganweni eHholo LoMbuso lendawo, wahlabeka umxhwele kakhulu. Nokho, izikhathi zemihlangano zazingqubuzana nezehlelo elingokwenkolo ayekulo. Waqaphela ukuthi kwakudingeka enze isinqumo. Yini ayezoyenza?
UCarlota waqoqa lonke iqembu lentsha lehlelo ayekulo wabe eselichazela ngokweBhayibheli isizathu sokuba ayeke. Lonke lasigxeka isinqumo sakhe, ngaphandle kwentombazanyana eyodwa okuthiwa uStela, eyalalela ngokucophelela okukhulu. Lapho uCarlota ekhuluma naye kamuva, uStela wabuza imibuzo eminingi ngomthombo nenjongo yokuphila. UCarlota wamnikeza incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?a wabe eseqala isifundo seBhayibheli naye.
Phakathi naleso sikhathi uCarlota wathuthuka kahle ngokomoya, wabhapathizwa ngo-June 1991, kwathi ngemva kwezinyanga eziyisithupha waqala ukukhonza njengephayona elivamile. Ngo-May 1992, yena no-Antônio bashada, baqhubeka ndawonye enkonzweni yamaphayona ebandleni elingumakhelwane lapho kunesidingo esikhudlwana khona. Kuthiwani ngoStela? Wabhapathizwa ngo-May 1993 futhi manje ukhonza njengephayona elivamile.
UFrancisco osemusha wayeyithanda kakhulu inkolo. Njalo ngeSonto wayeya eMiseni ekuseni kuthi ntambama aye ezilandelweni zeRosali. Wayengumnakekeli wendawo engcwele, esiza umpristi phakathi neMisa. Waze wathandaza kuNkulunkulu ukuba amenze “usanta” ngolunye usuku!
UFrancisco wayefuna ngempela ukuba neBhayibheli, futhi ngolunye usuku umngane wakhe wamboleka lona. Kwammangaza ukuthola ukuthi uNkulunkulu unegama, uJehova. (Eksodusi 6:3; IHubo 83:18) Lapho efunda ku-Eksodusi 20:4, 5 ukuthi uNkulunkulu uyakwenqabela ukusetshenziswa kwezithombe ekukhulekeleni, wamangala ngisho nakakhulu! Njengoba ayebona ukuthi isonto ligcwele izithombe, wathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu ukuba amsize aqonde lensambatheka. Ezinsukwini eziningana kamuva wahlangana nomuntu ayefunda naye esikoleni wayesembuza ukuthi kungani engasayi esikoleni sakusihlwa.
“Sengifunda esikoleni sakusihlwa esingcono,” kuphendula umngane wakhe.
“Yisiphi leso sikole, futhi ufundani?” kubuza uFrancisco. Wayengayilindele ngokuphelele impendulo yomngane wakhe.
“Ngitadisha iBhayibheli eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova,” kusho umngane wakhe. “Ungathanda ukuhamba nami?”
UFrancisco wayengakukholelwa neze akubona emhlanganweni wokuqala ayekuwo—ubuso obujabule, obumamathekayo; abantu abakhulumisana ngendlela efudumele, yobungane; izingane ezihlezi nabazali bazo zilalele okushiwoyo.
“Lapha ngangiyisihambi ngokuphelele, kodwa ngazizwa ngiyingxenye yomkhaya!” kubabaza uFrancisco. Ubelokhu eba khona njalo emihlanganweni kusukela ngaleso sikhathi. Manje uFrancisco ukhonza njengomdala ebandleni, futhi ekanye nomkakhe nezingane ezimbili, uyajabula ngezithembiso ezinhle zoMbuso eziseZwini likaNkulunkulu.
Ukuhlanganyela Iqiniso Nezihlobo
UManuela, iphayona elivamile endaweni yaseLisbon, uye wabamba izinhlanzi ezingokomoya eziningi ngenxa yokuphikelela kwakhe ekufakazeni ngomusa kubo bonke, kuhlanganise nezihlobo. Phakathi kwazo kwakunomfowabo uJosé Eduardo, owayefundele ukulwa ngobuciko nokusebenzisa izikhali. Wayephule umthetho izikhathi eziningi kangangokuthi ekugcineni wathweswa amacala angu-22 wabe esegwetshwa iminyaka engu-20 ejele. Wayenobudlova kakhulu kangangokuthi nayevalelwe nabo ejele babemesaba, futhi wayefakwe esitokisini esasivikelekile.
Ngesineke uManuela wavakashela uJosé Eduardo iminyaka engu-7, kodwa ngaso sonke isikhathi wayesenqaba isigijimi sakhe seBhayibheli. Ekugcineni, lapho incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? ikhishwa, wayamukela, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Zisuka nje wenza izinguquko ezinkulu ekuziphatheni kwakhe. Ngemva kwesonto yena mathupha wafakaza eziboshweni ezingu-200, futhi ngesonto elalandela wafakaza kwezingu-600 ezengeziwe. Wathola ngisho nemvume yokuvakashela ayeboshwe nabo kwezinye izakhiwo zejele. Ngenxa yoshintsho oluphawulekayo ekuziphatheni kwakhe, isigwebo sehliswa saba iminyaka engu-15. Ngemva kokudonsa iminyaka eyishumi, wakhululwa ngokulengiselwa isigwebo. Sekudlule iminyaka emihlanu kusukela ngaleso sikhathi, futhi uJosé Eduardo manje unguFakazi kaJehova obhapathiziwe, okhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni lakubo. Yiqiniso kunjengasendabeni ‘yempisi ehlala newundlu’!—Isaya 11:6.
Ngenxa yomzamo wakhe oqhubekayo wokufakaza emkhayeni wakubo, uManuela uye waba nenjabulo yokusiza umyeni wakhe namanye amalungu amane omkhaya wakubo ukuba bakhuthale enkonzweni kaJehova. Manje umyeni wakhe useyinceku ekhonzayo.
“Ngiyobakhipha Ngonyawo Nangenduku”
UMaria do Carmo wayehlala endaweni yaseLisbon esemaphethelweni edolobha lapho oFakazi bemhambela. Wakuthanda akuzwa wabe esebuza umyeni wakhe, u-Antônio, ukuthi wayengaqhutshelwa yini isifundo seBhayibheli ekhaya. “Ungacabangi ngisho nokucabanga ngakho!” ephendula. “Uma ngingalokotha ngithole oFakazi BakaJehova emzini wethu, ngizobakhipha ngonyawo nangenduku.” U-Antônio wayengasinisi amahleza, kwazise wayefundisa i-karate futhi enebhande elimnyama lesigaba sesithathu. Ngakho uMaria do Carmo wanquma ukuba isifundo sakhe seBhayibheli siqhutshelwe kwenye indawo.
Kamuva, u-Antônio kwadingeka aye eNgilandi eyokwenza izifundo ze-karate ezithatha izinsuku ezingu-8, futhi uMaria do Carmo wafaka ngokucophelela incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli esikhwameni sakhe.b Njengoba u-Antônio ayenesikhathi esiningi ohambweni lwakhe, wayifunda lencwadi. Endleleni ebuyayo, isivunguvungu sadlukuza indiza, futhi yaba nobunzima bokuhlala phansi. Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwakhe, u-Antônio wathandaza kuJehova.
Lapho u-Antônio efika ekhaya, uFakazi owayefunda nomkakhe wammemela emhlanganweni. Wavuma futhi wathola wonke umuntu enobungane. Kwahlelwa ukuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli, futhi ngesikhashana nje, u-Antônio wayesazi ukuthi kudingeka enze izinqumo ezithile. Umphumela waba ukuthi ayeke ukufundisa i-karate wayeseqala ukufundisa abafundi bakhe indlela yokuphila ukuphila okunokuthula manje naphakade. Omunye wabo, naye onebhande elimnyama, usengumKristu obhapathiziwe.
U-Antônio yena wabhapathizwa ngo-April 1991. Ngemva kosuku lokubhapathizwa kwakhe, waqala ukukhonza njengephayona elisizayo. Ezinyangeni eziyisithupha kamuva waqala ukukhonza njengephayona elivamile, futhi ngokushesha wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-12. Ngo-July 1993 wamiswa njengenceku ekhonzayo ebandleni.
Emasimini Asetshenzwa Njalo
Ezingxenyeni eziningi zezwe, insimu ihlanganiswa cishe isonto ngalinye. OFakazi bayenza kanjani imisebenzi yabo ‘yokudoba’ ngokuphumelelayo?
UJoão uzama ukuthintana nawo wonke umuntu ekhaya ngalinye. Lapho evakashele omunye wesifazane, wambuza ukuthi babekhona yini abanye abahlala kulelo khaya. Lona wesifazane waphendula ngokuthi umyeni wakhe namadodana amabili babehlala lapho, kodwa kwakungeke kube lula ukuthintana nabo ngoba babesebenza futhi beba sekhaya kusihlwa kuphela. Ngakho uJoão waqhubeka evakashela abanye kuleyo ndawo. Ngemva kwehora nengxenye, kweza umlisa othile kuye.
“Uthe ufuna ukukhuluma nami,” kusho lomlisa kuJoão. “Ngicela ungitshele ukuthi ufunani.”
“Uxolo, angikwazi,” kuphendula uJoão emangele. “Ungubani?”
“Ngingu-Antônio, ngihlala enhla nalomgwaqo. Utshele umama ukuthi ufuna ukukhuluma nabanye emkhayeni, ngakho ngizobuza ukuthi ubufunani.”
UJoão wanikeza u-Antônio ubufakazi ngokungashwampuluzi wabe eseqala naye isifundo seBhayibheli. Ngemva kwesifundo sesibili, u-Antônio wabuza ukuthi isifundo singaqhutshwa yini kabili ngesonto. Ngemva kwezinyanga ezine nje kuphela, wahamba noJoão futhi waqala ukushumayela izindaba ezinhle emgwaqweni wakubo. Ezinyangeni ezintathu kamuva, wabhapathizwa. Muva nje nonina uye waqala ukutadisha iBhayibheli. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuzama ukukhuluma nawo wonke amalungu omkhaya enkonzweni!
Lokhu okuhlangenwe nakho okujabulisayo kubonisa ukuthi kusenomsebenzi omkhulu wokudoba okungokomoya okufanele wenziwe emanzini asePortugal. UJehova uye wabusisa oFakazi abazikhandlayo kuleyo ndawo, ngezinkulungwane zezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Njengoba beqhubeka befuna izindlela ezengeziwe zokwenza iqiniso leBhayibheli laziwe kubo bonke, amazwi omphostoli uPawulu kumaKristu aseFilipi agcwaliseka ngempela ePortugal namuhla: “Ngazo zonke izindlela . . . uKristu uyamenyezelwa.”—Filipi 1:18.
[Imibhalo yaphansi]
a Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibalazwe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
SPAIN
PORTUGAL
[Isithombe ekhasini 24, 25]
OFakazi ePortugal basebenzisa wonke amathuba ukuze benze iqiniso leBhayibheli laziwe