Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 1/15 kk. 5-9
  • Bahlangana Njengabadumisi Abajabulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bahlangana Njengabadumisi Abajabulayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Dumisani UJehova, . . . Nijabule!’
  • “Masinikeleni Ngaso Sonke Isikhathi KuNkulunkulu Umhlatshelo Wokudumisa”
  • “Jabulani, Nethabe Kuze Kube-Phakade”
  • Sihlukaniselwe Ukuba Abadumisi Abajabulayo Emhlabeni Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ungaphuthelwa Umhlangano Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo”
    I-Phaphama!—1995
  • “Abadumisi Abajabulayo”—UMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Abenzi Bezwi LikaNkulunkulu Bathola Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 1/15 kk. 5-9

Bahlangana Njengabadumisi Abajabulayo

ABANTU bakaJehova uNkulunkulu basendulo bayalwa ukuba ‘bathokoze kakhulu’ lapho behlangana ngenjongo yokukhulekela. (Duteronomi 16:15) IMihlangano Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo’ ka-1995/96 ngokuqinisekile iye yanikeza oFakazi BakaJehova isizathu esihle sokujabula.

Kusukela lolu chungechunge lwemihlangano lwaqala, luye lwakha ukholo. Luye lwabonisa nendlela yokuthola injabulo ezweni elingenanjabulo. Ake sicabangele usuku ngalunye lwalomhlangano.

‘Dumisani UJehova, . . . Nijabule!’

Lesi sihloko esingenhla sosuku lokuqala lomhlangano sasisekelwe kumaHubo 149:1, 2. Inkulumo ethi “Sinesizathu Sokukhamuluka Ngenjabulo” yahlola indlela isiprofetho esiku-Isaya isahluko 35 esisebenza ngayo. Sagcwaliseka ku-Israyeli wasendulo futhi sagcwaliseka ngokukhethekile osukwini lwethu lapho abakhulekeli bakaJehova bebuyiselwa ekuchumeni nasempilweni epharadesi elingokomoya. Ngakho, ababeze emhlanganweni babenesizathu sokukhamuluka ngenjabulo ngenxa yalokho uNkulunkulu akujongele abantu bakhe epharadesi elingokomoya nasePharadesi elingokoqobo elizayo eliseduze kakhulu.

Inkulumo eyisihluthulelo ethi, “Sihlukaniselwe Ukuba Abadumisi Abajabulayo Emhlabeni Wonke,” yaphendula umbuzo othi: Yini Esenza Sihluke Kulelizwe? Ubunye bethu bokukhulekela uJehova. Kungakhathaliseki ukuthi oFakazi BakaJehova bahlalaphi kulomhlaba, bakhuluma futhi bafundise ngazwilinye. Futhi bayajabula ngenjongo kaJehova enhle yokungcwelisa igama lakhe elingcwele nokulwela ubukhosi bakhe ngoMbuso wakhe. Nokho, uJehova usisiza kanjani ukuba sibe nendawo enjongweni yakhe? Uye wasiphathisa iqiniso leZwi lakhe elingcwele. UNkulunkulu uye wasinikeza umoya wakhe ongcwele. Uye wasibusisa ngobuzalwane bomhlaba wonke nangelungiselelo lokukhulekela okuhlanzekile. Umkhaya wethu womhlaba wonke usisiza ukuba sikhonze uJehova ngenhliziyo enenjabulo enkulu.

Inkulumo ethi “Ukuzigcina Sihlukile Futhi Singenabala Lezwe” yagcizelela isidingo sokugwema amabala okukhetha nokubandlululana ngezigaba zokuphila. (Jakobe 2:5-9) Abanye bangase bakhe ubungane kuphela nalabo abanesizinda noma isimo esingokwezimali esifana nesabo, bangawanaki amaKristu abakanye nawo ampofu noma aswele. Abanye bangase bathambekele ekuthandeni labo abanezikhundla zokwengamela ebandleni. Bayakhohlwa ukuthi ilungelo elikhulu kunawo wonke umuntu angaba nalo elokuba uFakazi kaJehova. Ngakho-ke, akumelwe sivumele ukuthambekela kwezwe kusibeke amabala futhi kuphazamise ukuthula kwebandla.—2 Petru 3:14.

Inkulumo ethi “Ingabe Ngikulungele Ukushada?” yabonisa ukuthi abaningi bangenela umshado ngokuxhamazela. Abanye bashada ukuze babalekele isimo esinzima ekhaya noma ngenxa yokuthi ontanga yabo bayashada. Nokho, izizathu ezinengqondo zokushada zihlanganisa isifiso sabantu ababili sokuphishekela imigomo engokwasezulwini, uthando lweqiniso, isidingo sobungane nokulondeka, nesifiso sokukhulisa abantwana. Ukuqeqeshwa okungokomoya kubalulekile ekulungiseleleni umshado. Phakathi kwezinye izinto, kunesidingo sokwakha izimfanelo ezifiselekayo ngokugqoka ubuntu obusha. Kuwukuhlakanipha futhi ukuqiniseka ukuthi lowo ozoba ngumngane wakho womshado uyabubonisa yini ubufakazi bokuba nobuhlobo bangempela noJehova futhi usebenzelana nabanye ngenhlonipho yini. Ukufuna iseluleko kumaKristu avuthiwe nakho kuwukuhlakanipha.—IzAga 11:14.

Lengxoxo enikeza ukukhanyiselwa yalandelwa enesihloko esithi “Abazali Abajatshuliswa Abantwana Babo.” Ukuzalwa komntwana kuvame ukuba isikhathi senjabulo enkulu. Nokho, ukuzala abantwana kuletha nomthwalo wemfanelo omkhulu. (IHubo 127:3) Ngakho, kubalulekile ukuba abantwana bafundiswe ukuthanda uJehova. Abazali bangenza lokhu ngokukhuluma ngoJehova njalo nezingane zabo nangokusebenzisa izimiso zeZwi lakhe emkhayeni.

Usuku lokuqala lomhlangano lwaphetha ngento eyayingalindelekile—ukukhululwa kwencwajana entsha engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova Nemfundo. Ichaza ngokucacile ukuthi oFakazi “bakhuthaza intsha yabo ukuba isebenze kanzima futhi iyithathe ngokungathi sína imisebenzi eyabelwa yona esikoleni.” Lencwajana ichaza nemiphumela ephawulekayo yamakilasi okufundisa abangafundile aye aqhutshwa oFakazi BakaJehova iminyaka eminingi eNigeria, eMexico, nakwamanye amazwe. Lencwajana kufanele isize othisha babone ukuthi imfundo siyibheka njengebaluleke kakhulu.

“Masinikeleni Ngaso Sonke Isikhathi KuNkulunkulu Umhlatshelo Wokudumisa”

Lesi sihloko esandulele sosuku lwesibili sasisekelwe kumaHeberu 13:15. Isimiso sasekuseni sasinochungechunge oluthi “Ukusabela Obizweni Lokudumisa UJehova.” Ubudala abusona isithiyo ekusabeleni kulolu bizo. AmaHubo 148:12, 13 anxusa izinsizwa, izintombi, amaxhegu, nabafana ukuba badumise uJehova. Izinceku zikaJehova eziningi ziye zakwazi ukwandisa ukudumisa kwazo. Emhlabeni wonke, abantu abangaphezu kuka-600 000 bahlanganyela emsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele, noma enkonzweni yamaphayona. Abangaphezu kuka-15 000 bahlanganyela emsebenzini wamaphayona akhethekile, abanye abangaphezu kuka-15 000 basenkonzweni yaseBethel.

Inkulumo ethi “Ukukhonza Nenhlangano KaJehova Ngokwethembeka” yabonisa ukuthi ukwethembeka kubalulekile ezincekwini zikaNkulunkulu. Ukwethembeka kuJehova kusho ukunamathela kuye ngokuzinikela okukhulu kangangokuba kusebenze njengenhlaka enamandla. Ukwethembeka kudinga ukuba sigweme ukwephula imiyalo yeBhayibheli ngamabomu, kungakhathaliseki ukuthi abanye bayasibona yini noma abasiboni. Kudinga futhi ukuba ngokwethembeka sisekele izimfundiso zeBhayibheli ezitholakala komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nakho konke okunye ukudla okungokomoya okulungiselelwa i-Watch Tower Society. Lenkulumo yalandelwa inkulumo yobhapathizo. Yeka injabulo eyaba khona lapho ababezobhapathizwa benikeza ubufakazi bokuzinikezela kwabo kuJehova!

Amazwi kaHoseya 4:1-3 abeka isisekelo senkulumo yantambama ethi, “Ubuhle Noma Ububi—Ikuphi Okuphishekelayo?” Nakuba umbono wezwe ngobuhle uye wawohloka, amaKristu kumelwe enze “umzamo wenkuthalo” wokuphishekela ubuhle bokuziphatha. (2 Petru 1:5) Lokhu kuqala ngendlela umuntu acabanga ngayo. Uma imicabango yakhe imihle, uyokhuluma amazwi ahlanzekile, anempilo, nakhayo futhi uyolwela ukwethembeka ekusebenzelaneni kwakhe nabanye. Ukuphishekela ubuhle kuhilela nokuzama ukuba oqondayo nonozwela kumKristu okanye naye ocindezelekile.—1 Thesalonika 5:14.

Enye inkulumo ethi, “Qaphela Izingibe ZikaDeveli,” yaxwayisa amaKristu ngokuzichaya emathonyeni amademoni. Emkhakheni wokwelapha ukugula, amaKristu kudingeka aqaphele izindlela ezihlangene nokulumba, njengokuluthwa kwengqondo. Ngalé kwalokho, lokho abantu abakwenzayo ukuze banakekele impilo yabo engokomzimba kuyindaba yomuntu siqu.

Usuku lwesibili lwaphetha ngento ejabulisayo eyayingalindelekile—ukukhululwa kwencwadi entsha engangena ephaketheni eklanyelwe ukusiza abantu abanhliziyo ziqotho bathuthukele ekuzinikezeleni nasekubhapathizweni ngokushesha. Lencwadi entsha enamakhasi angu-192 inesihloko esithi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Lencwadi ethi Ulwazi ibeka iqiniso ngendlela eyakhayo. Ayigxili ekuphikiseni izimfundiso zamanga. Ulimi lwayo olucacile nokuthuthukisa kwayo amaphuzu ngendlela enengqondo kufanele kukwenze kube lula ukuyisebenzisa ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nasekusizeni abantu baqonde ulwazi olujabulisayo olumayelana noNkulunkulu.

“Jabulani, Nethabe Kuze Kube-Phakade”

Lamazwi aku-Isaya 65:18 ayeyisihloko sosuku lwesithathu lomhlangano. Ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kukhomba u-1914 njengonyaka lesi simiso sezinto esibi esangena ngawo ezinsukwini zokugcina. Ngakho, izilaleli zathatheka ngochungechunge lwezinkulumo olunesihloko esithi “Abadumisi Abajabulayo Phakathi Nesiphelo Salesi Simiso.” Izikhulumi zabonisa indlela izinkulungwane zezigidi ezihambisana ngayo nomoya wezwe wokuhaha nobudlova. Ngokuhamba kwesikhathi, ziyokwahlulelwa njengengxenye yezwe elibuswa uSathane. Ngakho, manje isikhathi sokuba sikhethe. Sifuna ukuba ngakuluphi uhlangothi? Ingabe sifuna ukukhulekela uJehova futhi sisekele ubukhosi bakhe, noma ingabe sizovumela uSathane abe umbusi wethu ngokwenza izinto ezimjabulisayo? Sonke kufanele sime ngasohlangothini lukaJehova ngokucacile.

Inkulumo yeningi yalomhlangano ethi, “Dumisani INkosi Yaphakade!” yanikeza bonke ababekhona okuthile okushubile ababengazindla ngakho. Nakuba umqondo wobuphakade ubonakala ungenakuqondwa abantu ababuthakathaka, uJehova uwuqonda ngokugcwele. Umhubi wahlabelela: “UJehova uyinkosi kuze kube-phakade naphakade.” (IHubo 10:16) NgeNdodana yayo, uJesu Kristu, leNkosi yobuphakade iye yavula indlela yokuba isintu sijabulele ukuphila okungunaphakade. (Johane 17:3) Isikhulumi sathi: “Yebo, thina bantu abanesono singafinyelela ukuphila okumi phakade ngemfundo engokwaphezulu nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo.”

Njengoba umhlangano wawusondela esiphelweni, labo ababekhona bakhiwa inkulumo yokugcina, eyayinesihloko esithi, “Ukudumisa UJehova Ngenjabulo Usuku Ngalunye.” Kwakukhuthaza ukuthola imibiko yokuthuthuka komsebenzi wokwenza abafundi emhlabeni wonke. Futhi ababeze emhlanganweni bashukunyiselwa ukuba ‘babonge uJehova imihla yonke, balidumise igama lakhe phakade naphakade.’—IHubo 145:2.

Izenzo zonya ezingakhulumeki zincisha izwe injabulo. Noma kunjalo, abantu abanokholo olugcwele kuJehova bangaba nenjabulo yokuhlonipha uNkulunkulu. Ngakho-ke njengobuzalwane bomhlaba wonke, oFakazi BakaJehova bangaphinda amazwi alandelayo eHubo 35:27, 28: “Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe. Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho, usuku lonke ngodumo lwakho.”

[Izithombe ekhasini 7]

Imikhaya izozuza kulencwajana engangomagazini ethi “OFakazi BakaJehova Nemfundo”

[Izithombe ekhasini 8, 9]

Incwadi entsha ethi, “Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade,” ibeka amaqiniso eBhayibheli ngendlela eyakhayo

[Isithombe ekhasini 9]

Kwabhapathizwa abaningi ababebonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova

[Isithombe ekhasini 9]

I-drama ethi “Ukwazisa Abafanelekayo Eminyakeni Yabo Yobudala” yabashukumisa ngokujulile ababeze emhlanganweni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela