Bayajabula Ezweni Elingenanjabulo
“LELI kuye kwaba ikhulu leminyaka likaSathane elibi kakhulu,” saqala kanjalo isihloko somhleli kuyi-New York Times ka-January 26, 1995. “Akukho nkathi okwake kwenzeka ngayo ngaphambili ukuba abantu babonise ukuthambekela, nesifiso esikhulu kangaka sokubulala izigidi zabanye abantu ngezizathu zohlanga, inkolo noma isigaba sokuphila.”
Umkhosi wokugujwa kweminyaka engu-50 kwakhululwa izisulu ezingenacala ezaziboshwe emakamu okubulawa amaNazi wabangela izihloko zabahleli ezinjengalesi esandulele. Nokho, ukubulala kobulwane kohlobo olufanayo kusenzeka ezingxenyeni ezithile ze-Afrika neMpumalanga Yurophu.
Ukuqothulwa kwabantukazana, ukuhlanzwa kohlanga, ukucekwa kwezizwana—kungakhathaliseki ukuthi kubizwa kanjani—kubangela usizi olukhulu. Nokho, phakathi kobudlova obunjalo kuzwakala amazwi enjabulo anamandla. Ngokwesibonelo, ake sibuke okwenzeka eJalimane ngawo-1930.
Ngo-April ka-1935, uHitler neqembu lakhe lamaNazi wavimbela oFakazi BakaJehova ukuba basebenze emisebenzini yezinkonzo zikahulumeni. OFakazi babuye baboshwa, bafakwa etilongweni, futhi bathunyelwa emakamu okuhlushwa ngoba babelondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu. (Johane 17:16) Ngasekupheleni kuka-August ka-1936, oFakazi BakaJehova babeboshwa ngezixuku. Izinkulungwane zabo zathunyelwa emakamu okuhlushwa, lapho iningi labo lahlala khona kwaze kwaba ngu-1945 uma lalisaphila. Nokho, basabela kanjani oFakazi lapho bephathwa ngonya emakamu okuhlushwa? Nakuba kungase kubonakale kumangaza, bakwazi ukulondoloza injabulo nakuba babesendaweni engenanjabulo.
“Idwala Odakeni”
Isazi-mlando saseBrithani uChristine King saxoxa nowesifazane othile ongumKatolika owayekulamakamu. “Wasebenzisa amazwi engingazange ngiwakhohlwe,” kusho uDkt. King. “Wachaza imininingwane yokuphila okuhlasimulisayo, izimo ezihlazisayo ayephila kuzo. Futhi wathi wayebazi oFakazi, futhi laboFakazi babeyidwala odakeni. Beyindawo ethile eqinile kulo lonke lolo bishi. Wathi yibo kuphela ababengakhwifi lapho kudlula abaqaphi. Yibo kuphela ababengabhekani nakho konke lokhu ngenzondo kodwa ababebhekana nakho ngothando nethemba nomuzwa wokuthi kwakunenjongo.”
Yini eyenza oFakazi BakaJehova bakwazi ukuba ‘amadwala odakeni’? Ukholo olungenakunyakaziswa kuJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Ngakho-ke, imizamo kaHitler yahluleka ukuvimbela uthando lwabo lobuKristu nenjabulo.
Lalela njengoba ababili abasinda emakamu bekhumbula ngemva kwamashumi amahlanu eminyaka babhekana ngokuphumelelayo nalokhu kuvivinywa kokholo. Omunye uthi: “Ngichichima injabulo ngokwazi ukuthi ngaba nelungelo eliyingqayizivele lokubonisa uthando nokubonga kwami kuJehova ngaphansi kwezimo ezinonya olukhulu. Akekho owangiphoqa ukuba ngenze lokhu! Ngokuphambene, ababezama ukusiphoqa kwakuyizitha zethu ezazizama ukusenza silalele uHitler kunoNkulunkulu ngokusisongela—kodwa zahluleka! Angijabuli manje kuphela, kodwa ngangijabula ngisho nangesikhathi ngisetilongweni, ngenxa kanembeza omuhle.”—UMaria Hombach oneminyaka engu-94.
Omunye uFakazi uthi: “Ngicabanga ngezinsuku zokuboshwa kwami ngokubonga nenjabulo. Iminyaka engayichitha ngaphansi kukaHitler ematilongweni nasemakamu okuhlushwa yayinzima futhi igcwele uvivinyo. Kodwa angifisi sengathi ngabe ayibanga khona, ngoba yangifundisa ukuthembela ngokuphelele kuJehova.”—UJohannes Neubacher oneminyaka engu-91 ubudala.
“Ukuthembela ngokuphelele kuJehova”—yileso isihluthulelo senjabulo oFakazi BakaJehova ababenayo. Ngakho, bayajabula, nakuba bezungezwe izwe elingenanjabulo. Injabulo yabo yaba sobala eMihlanganweni Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo’ ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. Ake sibukeze kafushane lemibuthano enenjabulo.
[Isithombe ekhasini 4]
UMaria Hombach