Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 7/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Ohola Abantu BakaNkulunkulu Namuhla?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • INdikimba Ebusayo Isebenza Kanjani Namuhla?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Ukubambisana NeNdikimba Ebusayo Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 7/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe uNkulunkulu wayebandlulula ngokukhetha amadoda endikimba ebusayo yokuqala ayenesizinda sohlanga nobuzwe obufanayo—wonke engamaJuda?

Cha, wayengabandlululi neze. Bonke labo uJesu ababiza kuqala ngokuthi abafundi bakhe babengamaJuda. Khona-ke, ngePentekoste lika-33 C.E., amaJuda namaproselithe angamaJuda ayengabokuqala abagcotshwa ngomoya ongcwele futhi ngaleyo ndlela efanelekela ukubusa noKristu ezulwini. Kwaze kwaba kamuva lapho amaSamariya nabeZizwe abangasokiwe abaguqukile bahlanganiswa khona. Ngakho, kuyaqondakala ukuthi indikimba ebusayo ngaleso sikhathi yayakhiwe amaJuda, ‘abaphostoli namadoda amadala eJerusalema,’ njengoba kusho izEnzo 15:2. Lawa kwakungamadoda ayenokuqonda okujulile kolwazi lwemiBhalo neminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho ekukhulekeleni kweqiniso, futhi ayebe nesikhathi esengeziwe sokuthuthukela ekubeni abadala abangamaKristu abavuthiwe.—Qhathanisa namaRoma 3:1, 2.

Ngesikhathi salokhu kuhlangana kwendikimba ebusayo okulandiswa ngakho kuzEnzo isahluko 15, abeZizwe abaningi base bengamaKristu. Laba babehlanganisa abantu base-Afrika, abaseYurophu, nabantu abavela kwezinye izifunda. Nokho, awukho umbhalo ogciniwe obonisa ukuthi noma ibaphi abeZizwe abanjalo base benezelwe endikimbeni ebusayo ukuze kwenziwe ubuKristu bukhange kwababengemaJuda. Nakuba lamaKristu abeZizwe ayesanda kuguquka ayengamalungu alinganayo ‘ku-Israyeli kaNkulunkulu,’ kwakuyodingeka ahloniphe ukuvuthwa nokuhlangenwe nakho okwengeziwe kwamaKristu angamaJuda, anjengabaphostoli, ayeyingxenye yendikimba ebusayo emuva ngaleso sikhathi. (Galathiya 6:16) Phawula indlela lokho okuhlangenwe nakho okwakwaziswa kakhulu ngayo kuzEnzo 1:21, 22.—Heberu 2:3; 2 Petru 1:18; 1 Johane 1:1-3.

Emakhulwini amaningi eminyaka uNkulunkulu wayesebenzelane ngendlela ekhekhekile nesizwe sakwa-Israyeli, uJesu akhetha kuso abaphostoli bakhe. Kwakungelona iphutha noma ukungabi nabulungisa ukuba bangabibikho abaphostoli abavela emazweni manje okuthiwa iNingizimu Melika noma i-Afrika noma iMpumalanga Ekude. Ngokuhamba kwesikhathi amadoda nabesifazane bakulezo zindawo babeyoba nethuba lokuzuza amalungelo amakhulu ngokwengeziwe kunokuba umphostoli emhlabeni, ukuba ilungu lendikimba ebusayo yekhulu lokuqala, noma ukumiselwa noma isiphi esinye isikhundla phakathi kwabantu bakaNkulunkulu namuhla.—Galathiya 3:27-29.

Omunye umphostoli washukunyiselwa ukuba asho ukuthi “uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Yebo, izinzuzo zomhlatshelo kaKristu zitholakalela bonke, ngaphandle kokukhetha. Futhi abantu ngabanye abavela kuzo zonke izizwana nezilimi nezizwe bayohlanganiswa eMbusweni wasezulwini nasesixukwini esikhulu esiyophila kuze kube phakade emhlabeni.

Abantu abaningi basheshe bazwele ngezizinda zohlanga, ulimi, noma ubuzwe. Lokhu kuboniswa yilokho esikufunda kuzEnzo 6:1 ngendaba eyabangela ukububula phakathi kwamaKristu akhuluma isiGreki nalawo akhuluma isiHeberu. Kungenzeka ukuthi sikhulé noma sithonywe isimo sengqondo sokusheshe sizwele ngolimi, uhlanga, isizinda sohlanga, noma ubulili. Ngenxa yokuthi kungaba njalo ngempela, kuhle uma senza umzamo wokuzimisela ukuvumela ukuba imizwa nokusabela kwethu kulolongwe umbono kaNkulunkulu, owukuthi bonke abantu bayalingana phambi kwakhe, kungakhathaliseki ukubonakala kwethu kwangaphandle. Lapho uNkulunkulu enza ukuba kulotshwe izimfanelo zabadala nezinceku ezikhonzayo, akazange akhulume ngesizinda sohlanga noma ubuzwe. Cha, wagxila ezimfanelweni ezingokomoya zalabo okungenzeka bafanelekele ukukhonza. Lokhu kunjalo nangabadala bendawo, ababonisi abajikelezayo, nezisebenzi zasemagatsheni namuhla, njengoba kwakunjalo nangendikimba ebusayo ekhulwini lokuqala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela