“Leqé Imingcele Yokusanguluka Kwengqondo”
“NJENGOBA izimpi ziqala ezingqondweni zabantu, kusezingqondweni zabantu futhi lapho kufanele sakhe khona izivikelo zokuthula.” (UMthetho-sisekelo Wenhlangano ye-UN Yezemfundo, Yesayensi, Namasiko) Zinalamazwi engqondweni, izazi ezingaphezu kuka-500 ezazize engqungqutheleni ye-UN yokubekwa phansi kwezikhali ngo-1993 zacabangela indima yenkolo ekwakheni lezo zivikelo.
Emelela i-Lawyers’ Alliance for World Security, uJonathan Granoff wengamela lengqungquthela. Waphawula: “Izinga lezingxabano zamanje zezinkolo nezinhlanga leqé imingcele yokuziphatha okuphucukile, cishe leqé imingcele yokusanguluka kwengqondo.” Amazwi kaJohn Kenneth Galbraith acashunwa ngokufanele kulengqungquthela: “Abantu abaningi baye babulawa egameni lenkolo ngaphezu kwabo bonke ababulawa kuzo zonke izimpi nezinhlekelele ezingokwemvelo.”
UDkt. Seshagiri Rao wathi: “Odokotela kumelwe belaphe futhi bangasakazi izifo. Amasiko angokwenkolo akufanele asakaze inzondo nengxabano yobudlova komunye nomunye. Enzelwe ukuba abe amandla okubuyisana. Nokho, esimweni esingokoqobo, ngokuvamile aye asebenza futhi asasebenza njengamandla ahlukanisayo.”
Eminyakeni ethile eminingi ngaphambili, i-Catholic Herald yaseLondon yathi ukuthula kungaqinisekiswa “uma amasonto anamuhla engaba munye ekulahleni impi.” Nokho, leli phephandaba lanezela: “Siyazi ukuthi lokhu akusoze kwenzeka.” Enye indelakazi engumKatolika yashukunyiselwa ukuba ithi: “Yeka ukuthi izwe beliyohluka kanjani uma sonke besiyovuka ngolunye usuku ekuseni sizimisele ngokuqinile ukuthi asinakuphinde siye empini, . . . njengoFakazi BakaJehova!”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Tom Haley/Sipa Press