Imibuzo Evela Kubafundi
NgokweyabaseGalathiya 6:8, “lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni yakhe, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okumi phakade okuvela emoyeni.” Yimuphi ‘umoya’ okubhekiselwa kuwo, futhi singakuvuna kanjani ukuphila?
Amagama esiHeberu nesiGreki ahunyushwa ngokuthi ‘umoya’ anezincazelo ezihlukahlukene, njengokuthi: (1) amandla asebenzayo kaNkulunkulu, (2) amandla okuphila akubantu noma izilwane, (3) amandla omuntu engqondo ashukumisayo, (4) nomuntu womoya, noma ingelosi. Incazelo yokuqala kulezi—amandla asebenzayo kaNkulunkulu—incazelo esiyithola kweyabaseGalathiya 6:8.
Ukuze uthole okunye ukwaziswa, phawula eyabaseGalathiya 3:2, lapho sithola khona ukusetshenziswa kokuqala kwelithi “umoya” encwadini yabaseGalathiya. UPawulu wabuza amaKristu: “Ingabe namukela umoya ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngenxa yokuzwa ngokholo?” Khona-ke, kweyabaseGalathiya 3:5, wahlobanisa ‘lowomoya’ nokwenziwa kwemisebenzi yamandla. Ngakho “umoya” ayebhekisela kuwo umoya ongcwele, amandla asebenzayo kaNkulunkulu angabonakali.
Kamuva, kweyabaseGalathiya 5:16, uPawulu waveza umehluko phakathi komoya nenyama. Siyafunda: “Ngithi, Qhubekani nihamba ngomoya futhi ngeke neze nifeze isifiso senyama.” ‘Ngesifiso senyama’ wayesho inyama yobuntu enesono. Ngaleyondlela, kweyabaseGalathiya 5:19-23, wanikeza uhlu ‘lwemisebenzi yenyama’ ukuze aveze umehluko phakathi kwayo ‘nezithelo zomoya.’
Ngakho, kweyabaseGalathiya 6:8, umuntu “ohlwanyela enombono wenyama yakhe” kumelwe kube umuntu ozivumela ukuba aqondiswe izifiso zobuntu ezinesono, ezitika ‘ngemisebenzi yenyama.’ Angase abhekane nemiphumela eyonakalisayo yokuziphatha okunjalo, futhi uma engashintshi, ngokuqinisekile ngeke akuthole ukuphila eMbusweni kaNkulunkulu noma ngaphansi kwawo.—1 Korinte 6:9, 10.
NjengamaKristu azinikele kufanele sibe nesifiso ‘sokuhlwanyela sinombono womoya kaNkulunkulu.’ Lokho kuhilela ukuphila ngendlela evumela umoya ongcwele ukuba usebenze ngokukhululeka ekuphileni kwethu, usisiza ukuba sibonise izithelo zawo. Kufanele sikukhumbule lokho lapho sinquma ukuthi ikuphi okumelwe sikufunde noma ukuthi iziphi izinhlelo zethelevishini esiyozibukela. Sihlwanyela sinombono womoya njengoba sigxilisa ukunakekela kwethu emihlanganweni yebandla futhi sizama ukusebenzisa iseluleko sabadala abamiswe umoya.—IzEnzo 20:28.
Ngokuthakazelisayo, eyabaseGalathiya 6:8 iphetha ngesiqinisekiso sokuthi njengoba sihlwanyela ngokuvumelana nomoya ongcwele, siyoba sesimweni ‘sokuvuna ukuphila okumi phakade okuvela emoyeni.’ Yebo, ngokusekelwe esihlengweni sikaKristu, uNkulunkulu uyonikeza ukuphila okungenasiphelo ngokusebenza komoya ongcwele.—Mathewu 19:29; 25:46; Johane 3:14-16; Roma 2:6, 7; Efesu 1:7.