Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 6/15 k. 32
  • Abesifazane Kuyo Yonke Imbulunga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abesifazane Kuyo Yonke Imbulunga
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 6/15 k. 32

Abesifazane Kuyo Yonke Imbulunga

LAPHO umbhangqwana wokuqala wabantu uhlubuka kuNkulunkulu, uJehova wabikezela imiphumela eyinhlekelele eyayiyokwehlela wona nenzalo yawo. UJehova wathi ku-Eva: “Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Genesise 3:16) IBhayibheli aliguquki ekukhuthazeni ukuhlonishwa okujulile kwabesifazane, futhi izigidi zabesifazane zijabulela ukuphila okujabulisayo, okwanelisa ngokwengeziwe ngenxa yokuthi bona nemikhaya yabo basebenzisa izimiso zeBhayibheli.

Nokho, ngokusho kombiko wamuva ophathelene namalungelo abantu, iningi labanye besifazane emhlabeni wonke liyahlaziswa, lixhashazwe futhi lehliswe. Ikhuluma ngalombiko, i-International Herald Tribune ithi: “Ngemininingwane ebekwe ngokunakekela, lombiko ophathelene namazwe angu-193 . . . uveza isimo esidabukisayo sokubandlululwa nokuhlukunyezwa kwabo kwansuku zonke.”

Nazi izibonelo ezimbalwa: E-Afrika ephakathi, amantombazane kumelwe enze umsebenzi omningi onzima wasemapulazini, futhi aya esikoleni isikhathi esiyingxenye eyodwa kwezintathu uma kuqhathaniswa nabafana. Kwelinye izwe lapho, ukuphinga kungokomthetho kwabesilisa kodwa hhayi kwabesifazane. Umthetho wakwelinye izwe lase-Afrika uyayithethelela indoda ebulala umkayo uma ebanjwe ephinga, kodwa umthetho awumthetheleli umfazi obulala umyeni wakhe ngaphansi kwezimo ezifanayo.

Lombiko uthi ezingxenyeni ezithile zaseNingizimu Melika, amaphoyisa awabazweli abesifazane abashaywayo. Ngokuvamile abesifazane abasebenzayo kumelwe bakwazi ukuphila ngomholo ongamaphesenti angu-30 kuya ku-40 ngaphansi komholo wabesilisa.

Ezingxenyeni ezithile zase-Asia, abesifazane bayizisulu zokuvala inzalo nokukhishwa kwezisu okuphoqelelwe. Kwelinye izwe, kunezifebe ezilinganiselwa ku-500 000, eziningi zazo eziye zathengiswa abazali bazo kulelibhizinisi bezifunela imali yokuthenga amakhaya amasha. Kwelinye izwe amaphoyisa kumelwe abhekane nokusakazeka ‘kokufa ngenxa yelobolo elikhokhwa kumyeni’—umfazi ubulawa umyeni wakhe noma umkhaya wakubo ngenxa yokuthi ilobolo lakhe libe ngaphansi kwalokho obekulindelwe.

Ngokuphathelene noJesu Kristu, iBhayibheli liyasiqinisekisa: ‘Uyakukhulula ompofu ozikhalela kuye, nohluphekayo ongenamsizi. Uyakuhawukela odangeleyo nompofu; uyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Uyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni akhe.’ (IHubo 72:12-14) Ngakho sinesizathu sokulindela ngethemba; abesifazane emhlabeni wonke bangabheka phambili ezimweni ezithuthukisiwe eziyoba khona ngaleso sikhathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela