Imibuzo Evela Kubafundi
Ngokwemininingwane, ingabe ukhona umehluko phakathi kwamazwi angokweBhayibheli athi “ezinye izimvu” nathi “isixuku esikhulu”?
Yebo, nakuba kungafanele sikhathazeke ngokweqile ngokusetshenziswa kwamagama noma siphatheke kabi uma othile esebenzisa elinye endaweni yelinye.
Iningi lamaKristu lijwayelene nezindawo esiwathola kuzo lamazwi. Enye yazo uJohane 10:16. Lapho, uJesu wathi: “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesisibaya; nazo kumelwe ngizilethe, futhi ziyolalela izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, namalusi munye.” Amazwi athi, “isixuku esikhulu,” atholakala kusAmbulo 7:9. Siyafunda: “Ngemva kwalezizinto ngabona, bheka! isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sigqoke izivatho ezimhlophe; futhi kwakukhona amagatsha esundu ezandleni zaso.”
Ake sicabangele uJohane 10:16 kuqala. Zingobani izimvu? Nokho, kuyoba kuhle ukuhlala sikhumbula ukuthi bonke abalandeli bakaJesu abathembekile kubhekiselwa kubo njengezimvu. KuLuka 12:32, wabiza labo kubafundi bakhe ababezoya ezulwini ngokuthi ‘umhlambi omncane.’ Umhlambi wani? Wezimvu. ‘Izimvu zomhlambi omncane’ ziyoba ingxenye yoMbuso ezulwini. Nokho, kukhona abanye, abanethemba elihlukile, nabo uJesu ababheka njengezimvu.
Singakubona lokhu kuJohane isahluko 10. Ngemva kokukhuluma ngezimvu njengabaphostoli bakhe labo ayeyobabizela ekuphileni kwasezulwini, uJesu wanezela evesini 16: “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesisibaya; nazo kumelwe ngizilethe.” Sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova beqaphela ukuthi kulelivesi uJesu wayekhuluma ngabantu abanethemba lokuphila emhlabeni. Abaningi abathembekile bangezikhathi zangaphambi kobuKristu, abanjengo-Abrahama, uSara, uNowa noMalaki, babenamathemba anjalo. Ngakho singabahlanganisa ngokufanelekile njengabayingxenye ‘yezinye izimvu’ zikaJohane 10:16. Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, ofakazi abathembekile abanjalo bangaphambi kobuKristu bayovuswa futhi bayobe sebefunda ngoKristu Jesu futhi bamamukele, beba “ezinye izimvu” zikaMalusi Omuhle.
Siyazi futhi ukuthi kusukela lapho ubizo lwabo bonke abesigaba sasezulwini lwaphela, izigidi ziye zaba amaKristu eqiniso. Nalaba babizwa ngokufanelekile ngokuthi “ezinye izimvu,” njengoba bengeyona ingxenye ‘yomhlambi omncane.’ Kunalokho, namuhla ezinye izimvu zibheke phambili ekuphileni zize ziyongena epharadesi lasemhlabeni.
Manje-ke, yini engase ishiwo ngokuthi singobani “isixuku esikhulu” okukhulunywa ngaso kusAmbulo 7:9? Nokho, bheka ivesi 13 nombuzo othi, “Bangobani futhi bavelephi?” Sithola impendulo kusAmbulo 7:14: “Laba yilabo abaphuma osizini olukhulu.” Ngakho “isixuku esikhulu” sakhiwa yilabo abaphuma, noma abasinda, osizini olukhulu. Njengoba ivesi 17 lisho, ‘bayoqondiswa emithonjeni yamanzi okuphila’ emhlabeni.
Nokho, ngokuqondakalayo, ukuze laba basinde osizini olukhulu olusondelayo, kumelwe ukuba ngaphambili babe behlanzé izivatho zabo egazini leWundlu, beba abakhulekeli beqiniso. Ngakho-ke, nakuba isAmbulo 7:9 sichaza lesisixuku ngemva kosizi, singawasebenzisa amazwi athi “isixuku esikhulu” kubo bonke abanamathemba asemhlabeni abanikeza uJehova inkonzo engcwele manje, ngaphambi nje kokuba usizi olukhulu lugqashuke ngokuhlasela kwezizwe inkolo yamanga.
Ngamafuphi, singase sikhumbule athi “ezinye izimvu” njengamazwi anomqondo obanzi, ahlanganisa zonke izinceku zikaNkulunkulu ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni. Ahlanganisa nesigaba esilinganiselwe ngokwengeziwe sabanjengezimvu namuhla abaqoqwa ‘njengesixuku esikhulu’ benethemba lokuphila badlulele ngalé kosizi olukhulu oseluseduze. Abaningi balawomaKristu athembekile abaphilayo namuhla ‘bangabezinye izimvu’ futhi nabo bayingxenye ‘yesixuku esikhulu.’
Kufanele siphinde sisho ukuthi, nakuba kukuhle ukuba nombono ocacile ngalezizincazelo, asikho isidingo nganoma yimuphi umKristu ukuba akhathazeke ngokweqile ngendlela amagama asetshenziswa ngayo—lokho okungase kubizwe ngokuthi ukugxeka amagama. UPawulu waxwayisa ngabathile ‘ababekhukhumele ngokuziqhenya’ behileleka ‘kuyizinkulumo-mpikiswano ngamazwi.’ (I Thimothewu 6:4) Uma thina ngokwethu siqaphela umehluko othile phakathi kwamazwi, kuhle. Nokho, akudingekile ukuba, ngokukuveza ngaphandle noma ngaphakathi kithina, sigxeke omunye ongase angawasebenzisi ngokunembe kangako amazwi angokweBhayibheli.