Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 4/15 k. 32
  • INguqulo Yezwe Elisha Ihlaba Isazi Umxhwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INguqulo Yezwe Elisha Ihlaba Isazi Umxhwele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 4/15 k. 32

INguqulo Yezwe Elisha Ihlaba Isazi Umxhwele

NGOKWESAZI sezincwadi zesiGreki uDkt. Rijkel ten Kate, izinguqulo zeBhayibheli lesiDashi ziyehluleka ukuhumusha amagama athile ngokunembile. Ngokwesibonelo, kuLuka isahluko 2, sithola amagama amathathu ahlukene esiGreki (elithi breʹphos, pai·diʹon, nelithi pais) asetshenziselwe ukuchaza izigaba ezilandelanayo zokukhula kukaJesu. Ngalinye lalamagama linencazelo ehlukile. Nokho, emaBhayibhelini amaningi, amabili noma wonke womathathu lamagama ahunyushwa ngokudidayo ngokuthi “umntwana.” Yikuphi ukuhumusha okuqondile?

UDkt. ten Kate uchaza ukuthi evesini 12 igama lesiGreki elithi breʹphos lisho “osanda kuzalwa, noma usana.” Elithi pai·diʹon, elisetshenziswe evesini 27, lisho “umfanyana noma umntwana,” futhi elithi pais, elitholakala evesini 43, kufanele lihunyushwe ngokuthi “umfana.” “Ngokwazi kwami,” kubhala uDkt. ten Kate kumagazini ka-March 1993 we-Bijbel en Wetenschap (IBhayibheli Nesayensi), “ayikho neyodwa inguqulo yesiDashi eye yalihumusha ngokwanelisayo, okungukuthi, ngokuvumelana ngokuphelele nombhalo wokuqala.”

Kamuva, uDkt. ten Kate waboniswa i-New World Translation of the Holy Scriptures, etholakala ngezilimi ezingu-12, kuhlanganise nesiDashi. Wasabela kanjani? “Ngimangele kakhulu,” esho, “ukuthi empeleni kuneBhayibheli elilodwa kuphela lesiDashi lapho ukusetshenziswa okuhlukene kwalamagama amathathu esiGreki elithi breʹphos, pai·diʹon, nelithi pais kucatshangelwe khona ngokufanelekile.” Ingabe INguqulo Yezwe Elisha ihumusha lamavesi ngokuvumelana nombhalo wokuqala wesiGreki? “Ivumelana ngokuphelele,” kuphendula uDkt. ten Kate.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela