Ingabe Abafileyo Bangasibona?
OWESIFAZANE othile ubulala umyeni wakhe. Eminyakeni eyisikhombisa kamuva uthuswa yiphupho akholelwa ukuthi liyisibonakaliso sentukuthelo yomyeni wakhe owafa. Ukuze ashweleze “emoyeni” wakhe, uthuma indodakazi yakhe ukuba iyokwenza umnikelo wotshwala ethuneni lakhe.
Indodakazi ayazi ukuthi izokhuluma ithini emoyeni kayise, ngoba umnikelo uvela kunina owambulala. Ecashe endaweni ethile, umfowabo uyabukela. Uyaziveza bese yena nodadewabo benza umkhuleko kuyise ukuze abasize bamphindiselele ekubulaweni kwakhe.
Lendaba ivela ku-Libation Bearers, okuwumdlalo wesiGreki owalotshwa eminyakeni engaphezu kuka-2 400 edlule. Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, ikakhulukazi e-Afrika, iminikelo enjalo yasemathuneni isenziwa ngisho nanamuhla.
Ngokwesibonelo, cabangela okuhlangenwe nakho kuka-Ibe, ohlala eNigeria. Njengoba alahlekelwa abantwana abathathu ngokufa, uya enyangeni yesintu, efike itshele u-Ibe ukuthi lokhu kufa akuhambi kodwa—uyise ka-Ibe osewafa uthukuthele ngoba umngcwabo wakhe awenziwanga kahle.
Ethatha iseluleko salenyanga yesintu, u-Ibe uhlaba imbuzi bese ethulula umnikelo kagologo newayini ethuneni likayise. Ubiza umoya kayise, ashweleze, awuqinisekise ukuthi uyawuthanda, bese ecela nesibusiso.
U-Ibe akangabazi ukuthi uyise uyambona futhi uyamuzwa. Akakholelwa ekutheni uyise ufile kodwa ukuthi ngesikhathi efa “wawelela” ezweni elingabonwayo esuka kwelibonwayo. U-Ibe ukholwa ukuthi uyise udlulile ezweni lenyama negazi waya ezweni lemimoya, koyisemkhulu.
U-Ibe ucabanga ngalendlela: ‘Nakuba ubaba engasekho kulomhlaba, usangikhumbula futhi uyayikhathalela inhlalakahle yami. Futhi njengoba manje esengumoya onamandla amakhudlwana, usesesimweni esikahle kakhulu sokungisiza kunangesikhathi esengumuntu emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, usengangiyela ngokuthe ngqó kuNkulunkulu ngoba noNkulunkulu ungumoya. Kungenzeka ukuthi ubaba uthukuthele njengamanje, kodwa uma ngingambonisa inhlonipho efanele, uzongixolela futhi angibusise.’
E-Afrika inkolelo yokuthi abafileyo bayababona abantu emhlabeni bese bethonya ukuphila kwabo ivamile kulabo abaqhuba inkolo yabomdabu. Iyabonakala naphakathi kwalabo abathi bangamaKristu. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba owesifazane eseshadile esontweni, akuyona into engavamile ukuba aye ekhaya ayobusiswa ngokwesiko ngabazali bakhe. Lapho kubizwa okhokho, bese bethelelwa umnikelo ophuzwayo. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukungakwenzi lokhu kuletha inhlekelele kulowomshado.
Kucatshangwa ukuthi okhokho, noma imimoya yokhokho, iqinisekisa inqubekela-phambili yemikhaya yabo nokuchuma kwayo emhlabeni. Ngokwalombono, bangabangane abanamandla, abakwaziyo ukuletha izivuno ezinhle, bathuthukise inhlalakahle, bavikele nabantu ekulimaleni. Bangabalamuleli babantu. Nokho, uma benganakwa noma uma becasukile, baletha inhlekelele—ukugula, ubumpofu, ngisho nokufa. Ngenxa yalokho, ngeminikelo nezinkonzo, abantu balwela ukuba nobudlelwano obuhle nabafileyo.
Uyakholelwa yini wena ukuthi abafile bafeza ingxenye ebalulekile ekuphileni kwalabo abaphilayo? Wake wama yini ethuneni lothile othandekayo futhi wazithola usukhuluma amazwana ambalwa, ucabanga ukuthi mhlawumbe uyakuzwa? Nokho, ukuthi abafileyo bayasibona noma bayasizwa yini kuxhomeke ekutheni kwenzekani lapho befa. Ake sihlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngalendaba ebalulekile.