UJehova—UBaba Wethu Onobubele Besisa
“UJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unobubele.”—JAKOBE 5:11, umbhalo waphansi we-NW.
1. Kungani abathobekile bedonsekela kuJehova uNkulunkulu?
INDAWO yonke inkulu kakhulu kangangokuba izazi zezinkanyezi azikwazi ngisho nokubala yonke imithala yayo. Umthala wethu, i-Milky Way, mkhulu kakhulu kangangokuba umuntu akakwazi ngisho nokubala zonke izinkanyezi zawo. Ezinye izinkanyezi, njenge-Antares, zinkulu futhi zikhanya ngokuphindwe izikhathi eziyizinkulungwane ukudlula ilanga lethu. Yeka ukuthi uMdali Omuhle wazo zonke izinkanyezi endaweni yonke kumelwe ukuba unamandla kangakanani! Ngempela, “nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama.” (Isaya 40:26) Nokho, yena kanye loNkulunkulu owesabekayo “unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unobubele.” Yeka ukuthi ulwazi olunjalo luqabula kanjani ezincekwini zikaJehova ezithobekile, ikakhulukazi kulezo ezibhekene noshushiso, ukugula, ukucindezeleka, noma ezinye izinkinga!
2. Abantu balelizwe ngokuvamile bayibheka kanjani imizwelo yesisa?
2 Abaningi babheka imizwelo ethambile, ‘njengokusondelana okunesisa nobubele’ bukaKristu, njengobuthakathaka. (Filipi 2:1, NW) Bethonywe ifilosofi yokuziphendukela kwemvelo, bakhuthaza abantu ukuba bakhathalele izithakazelo zabo kuqala ngisho noma kusho ukulimaza imizwa yabanye. Izihlabani eziningi kwezokuzijabulisa nezemidlalo zingabantu abaqungayo abangakhali noma babonise isisa sokusondelana ngokomzwelo. Abanye ababusi bezombangazwe benza ngendlela efanayo. Isazi sefilosofi yamaStoic uSeneca, esafundisa umbusi ononya uNero, sagcizelela ukuthi “isihawu siwubuthakathaka.” I-Cyclopædia kaM’Clintock noStrong ithi: “Amathonya obuStoic . . . ayaqhubeka ethonya izingqondo zabantu ngisho nasezikhathini zanamuhla.”
3. UJehova wazichaza kanjani kuMose?
3 Ngokuphambene, ubuntu boMdali wesintu buyajabulisa. Wazichaza kuMose ngalamazwi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, . . . othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala.” (Eksodusi 34:6, 7) Yiqiniso, uJehova waphetha lencazelo ephathelene naye ngokuqokomisa ubulungisa bakhe. Akanakuyeka ukunika izoni zangabomu isijeziso esifanele. Nakuba kunjalo, okokuqala uzichaza njengoNkulunkulu onesihe.
4. Iyiphi incazelo ejabulisayo yegama lesiHeberu ngokuvamile elihunyushwa ngokuthi “isihe”?
4 Ngezinye izikhathi igama elithi “isihe” licatshangelwa kuphela ngomqondo wokwahlulela ongenaluzwela wokugodla isijeziso. Nokho, ukuqhathanisa izinguqulo zeBhayibheli kuveza incazelo ecebile yesiphawulo sesiHeberu esisuselwa esenzweni esithi ra·chamʹ. Ngokwezinye izazi, incazelo yaso ewumsuka isho “ukuba othambile.” Elithi “racham,” kuchaza incwadi ethi Synonyms of the Old Testament, “lichaza umuzwa wobubele ojulile nonesisa, njengalowo ovuswa ukubona ubuthakathaka noma ukuhlupheka kulabo esibathandayo noma abadinga usizo lwethu.” Ezinye izincazelo ezijabulisayo zalemfanelo efiselekayo zingatholakala kwethi Insight on the Scriptures, Umqulu 2, amakhasi 375-9.
5. Isihe sabonakala kanjani eMthethweni kaMose?
5 Ububele bukaNkulunkulu besisa bubonakala ngokucacile eMthethweni awunikeza isizwe sakwa-Israyeli. Abaswele, njengabafelokazi, izintandane, nabampofu, kwakumelwe baphathwe ngobubele. (Eksodusi 22:22-27; Levitikusi 19:9, 10; Duteronomi 15:7-11) Bonke, kuhlanganise izigqila nezilwane, kwakumelwe bazuze eSabatheni lokuphumula lamasonto onke. (Eksodusi 20:10) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wayebaqaphela abantu ababephatha abampofu ngesisa. IzAga 19:17 zithi: “Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.”
Imikhawulo Ekuboniseni Ububele Baphezulu
6 .Kungani uJehova athumela abaprofethi nezithunywa kubantu bakhe?
6 Ama-Israyeli ayephatha igama likaNkulunkulu futhi ekhulekela ethempelini eJerusalema, ‘okwakuyindlu yegama likaJehova.’ (2 IziKronike 2:4; 6:33) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, abekezelela ukuziphatha okubi, ukukhonza izithombe, nokubulala, eletha isihlamba esikhulu egameni likaJehova. Ngokuvumelana nobuntu bakhe bokuba nobubele, ngesineke uNkulunkulu wazama ukulungisa lesisimo esibi ngaphandle kokuletha inhlekelele esizweni sonke. “Wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba [waba nobubele ngabantu, NW] bakhe nendawo yakhe yokuhlala; kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.”—2 IziKronike 36:15, 16.
7. Lapho ububele bukaJehova sebufinyelele umkhawulo wabo, kwenzekani embusweni wakwaJuda?
7 Nakuba uJehova enobubele futhi ephuza ukuthukuthela, lapho kudingekile uyakubonisa ukuthukuthela okulungile. Emuva ngalesosikhathi, ububele baphezulu base bufinyelele emkhawulweni wabo. Sifunda ngalemiphumela: “Ngalokho [uJehova] wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nagugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.” (2 IziKronike 36:17) Kanjalo iJerusalema nethempeli lalo kwabhujiswa, futhi lesisizwe sathunjelwa eBabiloni.
Ububele Ngenxa Yegama Lakhe
8, 9. (a) Kungani uJehova amemezela ukuthi wayeyoba nobubele ngenxa yegama lakhe? (b) Zathuliswa kanjani izitha zikaJehova?
8 Izizwe ezazizungezile zajabula ngalenhlekelele. Ngokuhleka usulu, zathi: “Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.” Ekuqaphela lokhu kuhlanjalazwa, uJehova wathi: “[Ngiyakuba nobubele ngenxa yegama, NW] lami elingcwele . . . Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu . . . izizwe zazi ukuthi nginguJehova.”—Hezekeli 36:20-23.
9 Ngemva kokuba isizwe sakhe sithunjwe iminyaka engu-70, uNkulunkulu onobubele, uJehova, wasikhulula futhi wasivumela ukuba siphindele futhi sakhe kabusha ithempeli eJerusalema. Lokhu kwazithulisa izizwe ezazizungezile, ezabheka ngokumangala. (Hezekeli 36:35, 36) Nokho, ngokudabukisayo, isizwe sakwa-Israyeli saphinde sawela emikhubeni emibi. UmJuda othembekile, uNehemiya, wasiza ekulungiseni lesisimo. Emthandazweni wakhe wasobala, wabukeza ukusebenzelana kukaNkulunkulu ngobubele nalesisizwe, ethi:
10. UNehemiya wabuqokomisa kanjani ububele bukaJehova?
10 “Ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo. Kepha sebephumulile, babuye benza okubi ebusweni bakho; wawusubashiya esandleni sezitha zabo, zaze zabusa phezu kwabo; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu . . . Iminyaka eminingi wababekezelela.”—Nehemiya 9:26-30; bheka no-Isaya 63:9, 10.
11. Imuphi umehluko okhona phakathi kukaJehova nonkulunkulu babantu?
11 Ekugcineni, ngemva kokwenqaba ngonya iNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, isizwe samaJuda salahlekelwa isikhundla saso esiyilungelo phakade. Ukusondelana kwaso noNkulunkulu ngokwethembeka kwakuthathe iminyaka engaphezu kuka-1 500. Kuwubufakazi baphakade beqiniso lokuthi ngempela uJehova unguNkulunkulu wesihe. Yeka ukuthi uhluke ngokuphawuleka kangakanani konkulunkulu abanonya nabangenamizwa abasungulwe abantu abanesono!—Bheka ikhasi 8.
Ukubonakaliswa Kobubele Okukhulu Kunakho Konke
12. Ikuphi ukubonakaliswa kobubele bukaNkulunkulu okukhulu kunakho konke?
12 Ukuthumela kukaNkulunkulu iNdodana yakhe ethandekayo emhlabeni kwakuwukubonakaliswa kobubele bakhe okukhulu kunakho konke. Yiqiniso, ukuphila kukaJesu kobuqotho kwaletha injabulo enkulu kuJehova, kumnikeza impendulo ephelele ekumangaleleni kwamanga kukaDeveli. (IzAga 27:11) Nokho, ngesikhathi esifanayo, ukubukela kwakhe iNdodana yakhe ethandekayo ibhekana nokufa okunonya nokuhlazisayo ngokungangabazeki kwabangela uJehova ubuhlungu obukhulu kunanoma ibuphi obake babekezelelwa umzali ongumuntu. Kwakuwumhlatshelo wothando ngempela, ovula indlela yokusindiswa kwesintu. (Johane 3:16) Njengoba uZakariya, uyise kaJohane uMbhapathizi abikezela, kwaphakamisa ‘[ububele besisa, NW] bukaNkulunkulu wethu.’—Luka 1:77, 78.
13. Kungayiphi indlela ebaluleke kakhulu uJesu aye wabonakalisa ngayo ubuntu bukaYise?
13 Ukuthunyelwa kweNdodana kaNkulunkulu emhlabeni kwanikeza isintu futhi umbono ocace kakhudlwana wobuntu bukaJehova. Kanjani? Ngokuthi uJesu wabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaYise, ikakhulukazi ngendlela enobubele besisa aphatha ngayo abathobekile! (Johane 1:14; 14:9) Kulokhu, abalobi abathathu bamaVangeli, uMathewu, uMarku, noLuka basebenzisa isenzo sesiGreki esithi splag·khniʹzo·mai, esisuselwa egameni lesiGreki elisho “izibilini.” “Kusukela khona kanye emnyombweni walo,” kuchaza isazi seBhayibheli uWilliam Barclay, “kungabonakala ukuthi alichazi isihawu noma ububele obuvamile nje, kodwa umzwelo oshukumisa umuntu ekujuleni kwenhliziyo yakhe. Liyigama elinamandla kakhulu esiGrekini elisho umuzwa wobubele.” Lihunyushwe ngezindlela ezihlukahlukene ngokuthi “hawukela” noma “[yi]ba-nesihe.”—Marku 6:34; 8:2.
Lapho UJesu Ehawukela
14, 15. Emzini waseGalile, uJesu ushukunyiswa kanjani isihe, futhi lokhu kubonisani?
14 Lesisigcawu senzeka edolobheni laseGalile. Indoda “egcwele uchoko” isondela kuJesu ngaphandle kokunikeza isixwayiso esivamile. (Luka 5:12) Ingabe uJesu uyisola ngokhahlo ngokungamemezi ithi, “Ngingcolile, ngingcolile,” njengoba uMthetho kaNkulunkulu wawufuna kwenziwe kanjalo? (Levitikusi 13:45) Cha. Kunalokho, uJesu uyakulalela ukunxusa kwalendoda kokuphelelwa ithemba: “Uma uthanda, ungangihlambulula.” ‘Emhawukela,’ uJesu wasondela wathinta onochoko, ethi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Impilo yalomuntu ibuyiselwa ngokuphazima kweso. Kanjalo uJesu akabonakalisi nje kuphela amandla akhe ayisimangaliso awanikezwe uNkulunkulu, kodwa futhi nemizwa yesisa emshukumisela ekubeni asebenzise lawomandla.—Marku 1:40-42.
15 Ingabe uJesu kumelwe kuziwe kuye ngaphambi kokuba abonise imizwa yobubele? Cha. Ngesinye isikhathi kamuva, uhlangana nodwendwe oluya emngcwabeni luphuma emzini waseNayini. Ngokungangabazeki, uJesu uye wabona imingcwabo eminingi ngaphambili, kodwa lona udabukisa kakhulu. Oshonile uwukuphela kwendodana yomfelokazi. ‘Emhawukela,’ uJesu usondela kuye futhi athi: “Ungakhali.” Khona-ke wenza isimangaliso esivelele sokuvusela indodana yakhe ekuphileni.—Luka 7:11-15.
16. Kungani uJesu eba nesihe ngesixuku esikhulu esimlandelayo?
16 Isifundo esiphawulekayo esisifunda ezenzakalweni okukhulunywe ngazo ngenhla siwukuthi lapho uJesu ‘ehawukela,’ wenza okuthile okuhle ukuze asize. Kwesinye isenzakalo sakamuva, uJesu uhlola izixuku ezinkulu ezilokhu zimlandela. UMathewu ubika ukuthi “waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) AbaFarisi abenzi lutho ukuze banelise ukulamba okungokomoya kwabantu abavamile. Kunalokho, bathwesa abantu abathobekile imithetho eminingi engadingekile. (Mathewu 12:1, 2; 15:1-9; 23:4, 23) Umbono wabo ngabantu abavamile wembuleka lapho bethi ngokuphathelene nalabo abalalela uJesu: “Lesisixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”—Johane 7:49.
17. Isihe sikaJesu ngezixuku simshukumisa kanjani, futhi isiphi isiqondiso esifinyelela kude asinikezayo lapho?
17 Ngokuphambene, uJesu uthintwa ngokujulile isimo esingokomoya esidabukisayo sezixuku. Kodwa kunabantu abaningi kakhulu abathakazelayo ukuthi angabanikeza ukunakekela komuntu ngamunye. Ngakho utshela abafundi bakhe ukuba bathandazele izisebenzi ezengeziwe. (Mathewu 9:35-38) Ngokuvumelana nemithandazo enjalo, uJesu uthumela abaphostoli bakhe nalesisigijimi: “Umbuso wezulu ususondele.” Iziyalo ezanikezwa ngalesosikhathi ziye zasebenza njengesiqondiso esiwusizo kumaKristu kuze kube sosukwini lwanamuhla. Ngokungangabazeki, imizwa kaJesu yobubele imshukumisela ukuba anelise ukulamba okungokomoya kwesintu.—Mathewu 10:5-7.
18. UJesu usabela kanjani lapho izixuku ziphazamisa isikhathi sakhe sokuba yedwa, futhi isiphi isifundo esisithola kulokhu?
18 Ngesinye isikhathi, uJesu futhi uzizwa ekhathazekile ngezidingo ezingokomoya zezixuku. Kulesisikhathi yena nabaphostoli bakhe bakhathele ngemva kohambo lokushumayela olumatasa, futhi bafuna indawo yokuphumula. Kodwa ngokushesha abantu bayabathola. Kunokuba uJesu acasulwe yilokhu kuphazanyiswa kwesikhathi sabo sokuba bodwa, uMarku uloba ukuthi “waba-nesihe.” Sasiyini isizathu sokuba kukaJesu nemizwa ejulile? “Babenjengezimvu ezingenamalusi.” Nalapha, uJesu uveza imizwa yakhe ngesenzo futhi uqala ukufundisa izixuku “ngombuso kaNkulunkulu.” Yebo, wayethintwe kakhulu ukulamba kwazo okungokomoya kangangokuba wadela ukuphumula ayekudinga ukuze abafundise.—Marku 6:34; Luka 9:11.
19. Ukukhathalela kukaJesu izixuku kudlulela kanjani ngisho nangalé kwezidingo zazo ezingokomoya?
19 Nakuba ayekhathalela ngokuyinhloko izidingo zabantu ezingokomoya, uJesu akazange azishaye indiva izidingo zabo ezingokwenyama. Ngalesosikhathi esifanayo, “wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.” (Luka 9:11) Ngesinye isikhathi kamuva, izixuku zazibe naye isikhathi eside, futhi zazikude nasemakhaya. Ezwa isidingo sazo esingokwenyama, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.” (Mathewu 15:32) UJesu manje wenza okuthile ukuze avimbele ukuhlupheka okungaba khona. Ngokuyisimangaliso ulungiselela izinkulungwane zamadoda, abesifazane, nezingane ukudla okwenziwe ngezinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi ezincane ezimbalwa.
20. Yini esiyifundayo esenzakalweni sokugcina esilotshiwe sokushukunyiswa kukaJesu isihe?
20 Isenzakalo sokugcina esilotshiwe sikaJesu lapho eba nesihe yileso esenzeka ohambweni lwakhe lokugcina elibangise eJerusalema. Izixuku ezinkulu zihamba naye ukuyogubha iPhasika. Endleleni eduze naseJeriko, izinxibi ezimbili eziyizimpumputhe zilokhu zimemeze njalo: “Nkosi, . . . sihawukele!” Izixuku ziyazama ukuzithulisa, kodwa uJesu uyazibiza futhi azibuze ukuthi zifuna ukuba enzeni. “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke,” zinxusa. ‘Enesihe,’ uthinta amehlo azo, futhi ziyabona. (Mathewu 20:29-34) Yeka isifundo esibalulekile esisifunda kulokhu! Sekuzoba isonto lokugcina lenkonzo kaJesu yasemhlabeni. Unomsebenzi omningi okumelwe awufeze ngaphambi kokuba abhekane nokufa okunonya ezandleni zamanxusa kaSathane. Nokho, akakuvumeli ukucindezela kwalesisikhathi esinzima ukuba kuminyanise ukubonisa kwakhe imizwa enesisa yobubele ngezidingo zesintu ezingabalulekile kangako.
Imifanekiso Eqokomisa Ububele
21. Yini efanekiselwa ukusula kwenkosi isikweleti esikhulu senceku yayo?
21 Isenzo sesiGreki esithi splag·khniʹzo·mai, esisetshenziswe kulokhu kulandisa okuphathelene nokuphila kukaJesu, sisetshenzisiwe futhi emifanekisweni yakhe emithathu. Kwenye indaba inceku inxusa ukuba inikezwe isikhathi sokukhokha isikweleti esikhulu. Inkosi yayo, “inesihe,” iyasisula lesisikweleti. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uye wabonisa ububele obukhulu ngokusula isikweleti esikhulu sesono somKristu ngamunye obonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu.—Mathewu 18:27; 20:28.
22. Yini efanekiselwa umfanekiso wendodana yolahleko?
22 Bese kuba indaba yendodana yolahleko. Khumbula lokho okwenzekayo lapho indodana ephambukayo iphindela ekhaya. “Kepha kuthé isekude, uyise wayibona, waba-nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.” (Luka 15:20) Lokhu kubonisa ukuthi lapho umKristu oye waphambuka ebonisa ukuphenduka okuqotho, uJehova uyoba nesihe futhi abuye amamukele ngesisa. Ngakho, ngalemifanekiso emibili, uJesu ubonisa ukuthi uBaba wethu, uJehova, “unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unobubele.”—Jakobe 5:11, umbhalo waphansi we-NW.
23. Isiphi isifundo esisifunda emfanekisweni kaJesu womSamariya olungileyo?
23 Indlela yesithathu yokusetshenziswa okungokomfanekiso kwelithi splag·khniʹzo·mai iphathelene nomSamariya onobubele ‘owaba nesihawu’ ngosizi lomJuda owayephangiwe futhi washiywa umndondo. (Luka 10:33) Esabela kulemizwa, umSamariya wenza konke okwakusemandleni akhe ukuze asize lesisihambi. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova noJesu balindele ukuba amaKristu eqiniso alandele isibonelo sabo ekuboniseni isisa nesihawu. Ezinye zezindlela esingakwenza ngazo lokhu kuzoxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kusho ukuthini ukuba onesihe?
◻ UJehova wabubonisa kanjani ububele ngenxa yegama lakhe?
◻ Ikuphi ukubonakaliswa okukhulu kunakho konke kobubele?
◻ Kungayiphi indlela evelele uJesu abonakalisa ngayo ubuntu bukaYise?
◻ Yini esiyifundayo ezenzweni zikaJesu zokuba nobubele nasemifanekisweni yakhe?
[Ibhokisi ekhasini 12, 13]
IGAMA ELICACILE ELISHO “UKUKHATHALELA KOTHANDO OKUNESISA”
“ZIBILINI zami, zibilini zami,” kukhala umprofethi uJeremiya. Ingabe wayekhononda ngobuhlungu bezibilini ngenxa yokuthile okungafanele ayekudlile? Cha. UJeremiya wayesebenzisa isingathekiso sesiHeberu ukuze achaze ukukhathazeka kwakhe okujullile ngenhlekelele eyayizofikela umbuso wakwaJuda.—Jeremiya 4:19.
Njengoba uJehova uNkulunkulu enemizwa ejulile, igama lesiHeberu elisho “izibilini,” (me·ʽimʹ), liyasetshenziswa futhi ukuchaza imizwelo yakhe yesisa. Ngokwesibonelo, emashumini amaningi eminyaka ngaphambi kwezinsuku zikaJeremiya, umbuso wakwa-Israyeli onezizwe eziyishumi wathunjwa inkosi yase-Asiriya. UJehova wakuvumela lokhu njengesijeziso sokungathembeki kwabo. Kodwa ingabe uNkulunkulu wabakhohlwa ekudingisweni? Cha. Wayesasondelene nabo ngokujulile njengengxenye yabantu bakhe besivumelwano. Ebhekisela kubo ngegama lesizwe esivelele sakwa-Efrayimi, uJehova wabuza: “UEfrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba-nesihe impela kuye.”—Jeremiya 31:20.
Ngokuthi “izibilini zami ziyamhawukela,” uJehova wasebenzisa isifenqo ukuze achaze imizwa yakhe ejulile yokusondelana ngokomzwelo nabantu bakhe abasekudingisweni. Lapho sikhulumela lelivesi, isazi seBhayibheli sekhulu le-19 u-E. Henderson sabhala: “Akukho okungadlula ukubonakaliswa okuthinta inhliziyo komuzwa wobuzali onesisa kosaphazayo ophendukayo, okuboniswa lapha nguJehova. . . . Nakuba ayekhulumé ngokumelene [nabakwa-Efrayimi ababekhonza izithombe] futhi wabajezisa . . . , akazange abakhohlwe, kodwa, ngokuphambene, wakujabulela ukulindela ukululama kwabo ekugcineni.”
Igama lesiGreki elisho “izibilini,” lisetshenziswe ngendlela efanayo emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Lapho lingasetshenziswanga ngokwalokho elikushoyo ngokoqobo, njengakuzEnzo 1:18, libhekisela ekusondelaneni ngokomzwelo noma ububele besisa. (Filemoni 12, qhathanisa ne-NW.) Ngezinye izikhathi leligama lijobelelwe egameni lesiGreki elisho “okulungile” noma “kahle.” Abaphostoli oPawulu noPetru basebenzisa inkulumo ehlangene nalamagama lapho bekhuthaza amaKristu ukuba abe “nobubele besisa,” ngokwezwi nezwi okusho ukuthi “athambekele kahle ekubeni nesihe.” (Efesu 4:32; 1 Petru 3:8, qhathanisa ne-NW.) Igama lesiGreki elisho “izibilini” lingahlanganiswa futhi negama lesiGreki elithi pol·yʹ. Lenhlanganisela ngokwezwi nezwi isho “ukuba nezibilini ezinkulu.” Lenkulumo yesiGreki engavamile neze isetshenziswe kanye kuphela eBhayibhelini, futhi ibhekisela kuJehova uNkulunkulu. I-New World Translation iyihumusha ngalendlela: “UJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo.”—Jakobe 5:11.
Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngokuthi onamandla ukubedlula bonke endaweni yonke, uJehova uNkulunkulu, akave engafani nonkulunkulu abanonya abasungulwe abantu abangenabubele! Elingisa uNkulunkulu wawo ‘onobubele besisa,’ amaKristu eqiniso ashukunyiselwa ukuba enze ngendlela efanayo ekusebenzelaneni kwawo namanye.—Efesu 5:1.
[Isithombe ekhasini 10]
Lapho ububele baphezulu bufinyelela umkhawulo wabo, uJehova wavumela abaseBabiloni ukuba banqobe abantu bakhe abaphambukayo
[Isithombe ekhasini 11]
Ukubukela iNdodana yakhe ethandekayo ifa kumelwe ukuba kwabangela uJehova uNkulunkulu ubuhlungu obukhulu kakhulu kunanoma ibuphi obunye obake bezwiwa umuntu
[Isithombe ekhasini 15]
UJesu wabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaYise obunobubele