Ingabe Ufundisa Ngendlela UJesu Ayefundisa Ngayo?
“Izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.”—MATHEWU 7:28, 29.
1. Ubani owalandela uJesu njengoba ayefundisa eGalile, futhi uJesu wasabela kanjani?
NOMAPHI lapho uJesu ayeya khona, izixuku zazithutheleka kuye. “Walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.” Njengoba umbiko ophathelene nemisebenzi yakhe wawusakazeka, “izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.” (Mathewu 4:23, 25) Lapho ezibona “waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” Njengoba ayefundisa zazisizwa isihe noma uthando olunesisa ayezizwela ngalo; lwalunjengomuthi odambisayo ezilondeni zazo owawuzisondeza kuye.—Mathewu 9:35, 36.
2. Ngaphandle kwezimangaliso zikaJesu, yini eyadonsa izixuku ngezixuku?
2 Yeka ukuphulukisa okungokomzimba okuyisimangaliso uJesu akwenza—enza abanochoko bahlanzeke, izithulu zizwe, izimpumputhe zibone, izishosha zihambe, abafileyo babuyele ekuphileni! Ngokuqinisekile lokhu kubonakaliswa okumangalisayo kwamandla kaJehova esebenza ngoJesu kwakuyodonsa izixuku ngezixuku! Kodwa kwakungezona izimangaliso kuphela ezabadonsela kuye; izixuku ezinkulu zaziza futhi ukuze zithole ukuphulukiswa okungokomoya okwakunikezwa lapho uJesu efundisa. Ngokwesibonelo, phawula ukusabela kwazo, ngemva kokuzwa iNtshumayelo yakhe edumile yaseNtabeni: “Kwathi uJesu eseqedile lawomazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.” (Mathewu 7:28, 29) Orabi babo babecaphuna amasiko adluliselwa ngomlomo orabi basendulo njengegunya labo. UJesu wayebafundisa ngegunya ayelithole kuNkulunkulu: “Lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”—Johane 12:50.
Ukufundisa kwakhe Kwakufinyelela Inhliziyo
3. Ukunikeza kukaJesu isigijimi sakhe kwakuhluke kanjani kulokho kwababhali nabaFarisi?
3 Umehluko phakathi kwemfundiso kaJesu neyababhali nabaFarisi kwakungekhona lokho ekuqukethe kuphela—amaqiniso avela kuNkulunkulu ngokungafani namasiko awumthwalo adluliselwa ngomlomo avela kubantu—kodwa futhi nendlela ayefundisa ngayo. Ababhali nabaFarisi babezidla futhi benokhahlo, ngokuqhosha befuna ngenkani iziqu ezibaphakamisayo futhi ngokweyisa bephatha izixuku ‘njengabantu abaqalekisiwe.’ Nokho, uJesu wayethobekile, emnene, enomusa, enozwela, futhi ngokuvamile ebonelela, futhi wayeshukunyiswa isihe ngazo. UJesu akazange nje afundise ngamazwi afanele kuphela kodwa futhi nangamazwi akhangayo avela enhliziyweni yakhe, angena ngokuqondile ezinhliziyweni zezilaleli zakhe. Isigijimi sakhe esijabulisayo sadonsela abantu kuye, sabashukumisela ukuba baye ethempelini kusenesikhathi ukuze bayomlalela, futhi sababangela ukuba bamlandele eduze futhi bamlalele ngenjabulo. Bafika ngezixuku bezomlalela, bethi: “Akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowomuntu.”—Johane 7:46-49; Marku 12:37; Luka 4:22; 19:48; 21:38.
4. Yini ngokukhethekile eyakhanga abantu abaningi ekushumayeleni kukaJesu?
4 Ngokuqinisekile, esinye sezizathu ezenza ukuba abantu bazizwe bekhangwa ukufundisa kwakhe ukusebenzisa kwakhe imifanekiso. UJesu wabona lokho abanye ababekubona, kodwa wacabanga ngezinto ababengakaze bacabange ngazo. Iminduze emila emasimini, izinyoni ezakha izidleke zazo, abantu abatshala okusanhlamvu, abelusi abathola izimvu ezilahlekile, abesifazane abachibiyela izembatho ezigugile, izingane ezidlala ezigcawini, abadobi abadonsa amanetha abo—izinto ezivamile wonke umuntu ayezibona—zazingezona izinto ezingasho lutho emehlweni kaJesu. Kuzo zonke izindawo ayebheka kuzo, wayebona izinto ayengazisebenzisa ukuze afanekise uNkulunkulu noMbuso waKhe noma ukuveza iphuzu elithile ngomphakathi wesintu owawumzungezile.
5. UJesu wayeyisekelaphi imifanekiso yakhe, futhi yini eyayiyenza iphumelele?
5 Imifanekiso kaJesu isekelwe ezintweni zansuku zonke abantu abaye bazibona izikhathi eziningi, futhi lapho kuhlobaniswa amaqiniso nalezizinto ezivamile, agxiliswa ngokushesha nangokujulile ezingqondweni zalabo abalalele. Amaqiniso anjalo awazwiwa nje kuphela; abonwa iso lengqondo futhi kamuva akhumbuleka kalula. Imifanekiso kaJesu yayiphawuleka ngokuba lula, ingaminyanisiwe ukwaziswa okungadingekile okungase kuphazamise noma kuthiye ukuqonda kwabo amaqiniso. Ngokwesibonelo, cabangela umfanekiso womSamariya olungileyo. Ubona ngokucacile ukuthi umuntu onjani ongumakhelwane omuhle. (Luka 10:29-37) Bese kuba umfanekiso wamadodana amabili—enye eyathi yayizosebenza esivinini kodwa ayangasebenza, nenye eyathi yayingenakusebenza kodwa yasebenza. Usheshe ubone ukuthi liyini iphuzu elisemqoka lokulalela kwangempela—ukwenza umsebenzi owabelwe. (Mathewu 21:28-31) Azikho izingqondo ezazindwaza noma zizule phakathi nokufundisa kukaJesu okunentshiseko. Zazigcinwa zimatasa kakhulu ngokulalela nokubona.
UJesu Wayebonelela Lapho Uthando Lukuvumela
6. Kunini lapho ukuba ocabangelayo, noma obonelelayo, kuwusizo khona ngokukhethekile?
6 Izikhathi eziningi lapho iBhayibheli likhuluma ngokuba ocabangelayo, umbhalo waphansi we-NW ubonisa ukuthi kusho ukuba obonelelayo. Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuyabonelela lapho kunezimo ezenza kube nokubonelela. Ngezinye izikhathi kumelwe sicabangele, noma sibonelele. Abadala kufanele bazimisele ukubonelela lapho uthando lukuvumela futhi ukuphenduka kunikeza isisekelo sokubonelela. (1 Thimothewu 3:3; Jakobe 3:17) UJesu washiya izibonelo ezimangalisayo zokubonelela, enza ngokwehlukile emithethweni evamile lapho isihe noma isihawu senza lokho kudingeke.
7. Yiziphi ezinye izibonelo zokuba kukaJesu obonelelayo?
7 UJesu wake wathi: “Lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.” Kodwa akazange amlahle uPetru, nakuba uPetru amphika izikhathi ezintathu. Kwakunezimo ezazenza kube nokubonelela, ngokusobala uJesu azicabangela. (Mathewu 10:33; Luka 22:54-62) Futhi kwakunezimo ezazenza kube nokubonelela lapho owesifazane ongahlanzekile owayopha ephula uMthetho kaMose ngokuza ezixukwini. Naye uJesu akazange amlahle. Wayekuqonda ukuphelelwa kwakhe ithemba. (Marku 1:40-42; 5:25-34; bheka noLuka 5:12, 13.) UJesu wayetshele abaphostoli bakhe ukuthi bangatsheli muntu ukuthi unguMesiya, kodwa akazange anamathele ngokuqinile kulowomthetho lapho ezazisa ukuthi unguye kowesifazane ongumSamariya emthonjeni. (Mathewu 16:20; Johane 4:25, 26) Kuzo zonke lezizimo, uthando, isihe, nesihawu kwenza lokhu kubonelela kwaba okufanele.—Jakobe 2:13.
8. Kunini lapho ababhali nabaFarisi babeyiphula khona imithetho, futhi kunini lapho babengakwenzi khona?
8 Kwakuhlukile ngababhali nabaFarisi abangaboneleli. Kokuphathelene nabo babengawephula amasiko abo eSabatha ukuze bayophuzisa inkabi yabo amanzi. Noma uma inkabi noma indodana yabo iwele emthonjeni, babengaliphula iSabatha ukuze bayitakule. Kodwa kokuphathelene nabantu abavamile, babengalokothi babonelele! ‘Babengazimisele ukufukula [izimfuneko] ngomunwe wabo.’ (Mathewu 23:4; Luka 14:5) KuJesu, abantu babebaluleke ngaphezu kwemithetho eminingi; kubaFarisi, imithetho yayibaluleke ngaphezu kwabantu.
Ukuba “Indodana Yomyalo”
9, 10. Ngemva kokuphindela eJerusalema, abazali bakaJesu bamtholaphi, futhi yayiyini inhloso yokubuza kukaJesu?
9 Abanye bakhala ngokuthi kunesenzakalo esisodwa kuphela sangesikhathi uJesu esewumfana esilotshiwe. Kodwa abaningi bayahluleka ukuqaphela ukubaluleka okukhulu kwalesosenzakalo. Sisibikelwe kuLuka 2:46, 47: “Emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.” I-Theological Dictionary of the New Testament kaKittel iveza umqondo wokuthi kulendaba igama lesiGreki elisho ‘ukubuza’ lalingekhona nje ukuba nelukuluku komfana. Leligama lingabhekisela ekubuzeni okusetshenziswa ekuhloleni kokwahlulela, ukubuzisisa, ukuphenyisisa, ngisho “nemibuzo yokuhlolisisa neyobuqili yabaFarisi nabaSadusi,” njengaleyo ephawulwe kuMarku 10:2 naku-12:18-23.
10 Lesisichazamazwi siyaqhubeka: “Uma kucatshangelwa lokhu kusetshenziswa kwalo kungase kubuzwe ukuthi akukhona yini ukuthi . . . [uLuka] 2:46 akabonisi kangako ukubuza komfana kokuba nelukuluku lokufuna ukwazi, kodwa kunalokho ubonisa ukuveza kwaKhe amaphuzu ngokuphumelelayo. [Ivesi] 47 beliyovumelana kahle nalombono wamuva.”a Indlela uRotherham ahumusha ngayo ivesi 47 ikuveza njengenselele evusa amadlingozi: “Bonke ababemuzwa babamba ongezansi, ngenxa yokuqonda nezimpendulo zakhe.” I-Word Pictures in the New Testament kaRobertson ithi ukumangala kwabo kusho ukuthi “babamba ongezansi njengokungathi amehlo abo ayephumele ngaphandle.”
11. Basabela kanjani oMariya noJosefa kulokho abakuzwa nabakubona, futhi sisikiselani esinye isichazamazwi semfundiso yenkolo?
11 Ekugcineni lapho abazali bakaJesu befika kuleyondawo “bamangala.” (Luka 2:48) URobertson uthi igama lesiGreki kulenkulumo lisho “ukwethuka, ukukhipha ngegalelo.” Unezela ukuthi uJosefa noMariya “bethuswa” yilokho abakubona nabakuzwa. Ngandlela-thile, uJesu wayesengumfundisi omangalisayo kakade. Futhi ngenxa yalesisenzakalo ethempelini, incwadi kaKittel ithi “uJesu uqala esengumfana kakade ukumelana nabaphikisi baKhe ekugcineni okuyodingeka ukuba bazinikele.”
12. Yini eyaphawula izingxoxo zikaJesu zakamuva nabaholi benkolo?
12 Futhi bazinikela ngempela! Eminyakeni eminingi kamuva, uJesu wanqoba abaFarisi ngokubahloma imibuzo okunjalo kwaze kwaba yilapho ‘emva kwalolosuku bengasekho abanesibindi sokumbuza-lutho.’ (Mathewu 22:41-46) AbaSadusi ngokufanayo bathuliswa ngokuphathelene nendaba yovuko, futhi “babengasenasibindi sokumbuza-lutho.” (Luka 20:27-40) Ababhali nabo bahluleka. Ngemva kokuba omunye wabo ebe nenkulumo-mpikiswano noJesu, ‘akubange kusabakho onesibindi sokumbuza.’—Marku 12:28-34.
13. Yini eyenza ukuba isenzakalo sasethempelini sibaluleke kakhulu ekuphileni kukaJesu, futhi yikuphi okunye esibonisa ukuthi wayekuqaphela?
13 Kungani lesisenzakalo esihilela uJesu nabafundisi ethempelini kusukela esewumfana kuyisona esakhethwa ukuba silandiswe? Kwakuyinkathi yenguquko ekuphileni kukaJesu. Lapho eneminyaka engaba ngu-12 ubudala, waba yilokho amaJuda ayekubiza ngokuthi “indodana yomyalo,” enesibopho sokugcina zonke izimiso zawo. Lapho uMariya ekhononda kuJesu ngokukhungatheka ayebabangele khona yena noJosefa, impendulo yendodana yakhe yabonisa ukuthi cishe yayisiqaphela isimo esimangalisayo sokuzalwa kwayo nesikhathi sayo esizayo sobuMesiya. Lokhu kuboniswa ukusho kwayo ngokungagunci ukuthi uNkulunkulu wayenguYise: “Kukanjani beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe-kokukaBaba na?” Ngenhlanhla, lawa amazwi okuqala ayevela kuJesu alotshwe eBhayibhelini, futhi abonisa ukuqaphela kwakhe injongo kaJehova yokuthunyelwa kwakhe emhlabeni. Ngakho, lesisenzakalo sisonke sinokubaluleka okukhulu.—Luka 2:48, 49.
UJesu Uyazithanda Futhi Uyaziqonda Izingane
14. Ukulandisa okuphathelene noJesu osemusha ethempelini kungenza intsha iqaphele maphi amaphuzu athakazelisayo?
14 Lokhu kulandisa kufanele kube okuvusa amadlingozi ngokukhethekile entsheni. Kubonisa indlela okumelwe ukuba uJesu wayetadisha ngayo ngokuzikhandla njengoba ayekhulela ebudodeni. Orabi ethempelini bathuswa ukuhlakanipha ‘kwalendodana yomyalo’ eneminyaka engu-12. Kodwa wayesasebenza noJosefa eshabhu lokubaza, ‘ezithoba’ kuye nakuMariya, futhi wakhula “emseni kuNkulunkulu nakubantu.”—Luka 2:51, 52.
15. UJesu wayeyisekela kanjani intsha phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, futhi lokhu kusho ukuthini ngentsha namuhla?
15 UJesu wayeyisekela kakhulu intsha phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni: “Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide, bacasuka, bathi kuye: Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso, na?” (Mathewu 21:15, 16; IHubo 8:2) Uwasekela ngendlela efanayo amakhulu ezinkulungwane entsha namuhla agcina ubuqotho bawo namnikeza udumo, amanye awo aye enza kanjalo ngisho nangokulahlekelwa ukuphila kwawo!
16. (a) UJesu wabafundisa siphi isifundo abaphostoli bakhe ngokumisa umntwana omncane phakathi kwabo? (b) Kukusiphi isikhathi esibucayi kakhulu ekuphileni kukaJesu lapho ayesenesikhathi sokuba nezingane?
16 Lapho abaphostoli bephikisana ngokuthi ngubani owayemkhulu, uJesu wathi kwabangu-12: “Uma umuntu ethanda ukuba-ngowokuqala, makabe-ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke. Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: Yilowo nalowo oyakwamukela abe-munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina; ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.” (Marku 9:35-37) Ngaphezu kwalokho, lapho elibangise eJerusalema okokugcina, eyobhekana nosizi olwesabekayo nokufa, wazinika isikhathi sokuba nezingane: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.” Khona-ke “wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.”—Marku 10:13-16.
17. Kungani kwakulula ngoJesu ukwakha ubuhlobo nezingane, futhi yini izingane okumelwe ziyikhumbule ngaye?
17 UJesu uyazi ukuthi kunjani ukuba ingane phakathi kwabantu abadala. Waphila nabantu abadala, wasebenza nabo, wezwa ukuthi kunjani ukuzithoba kubo, futhi wezwa umuzwa ofudumele, olondekile wokuthandwa yibo. Zingane, yena kanye loJesu ungumngane wenu; wanifela, futhi niyophila phakade uma nilalela imiyalo yakhe.—Johane 15:13, 14.
18. Imuphi umcabango ovusa amadlingozi okufanele siwukhumbule, ikakhulukazi ngezikhathi zokucindezeleka noma ingozi?
18 Ukwenza njengoba uJesu eyala akunzima njengoba kungase kubonakale kunjalo. Basha, ukulungele ukusekela nina nabo bonke abanye, njengoba nje sifunda kuMathewu 11:28-30: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu [noma, “Ngenani kanye nami ngaphansi kwejoka lami,” umbhalo waphansi we-NW], nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.” Cabanga nje, njengoba uqhubeka ekuphileni ukhonza uJehova, uJesu uhamba eceleni kwakho, enza ijoka libe lihle nomthwalo ube lula. Lowo umcabango ovusa amadlingozi kithi sonke!
19. Imiphi imibuzo ephathelene nezindlela zikaJesu zokufundisa esingayibukeza ngezikhathi ezithile?
19 Ngemva kokubukeza izindlela ezimbalwa nje uJesu afundisa ngazo, ingabe sithola ukuthi sifundisa ngendlela ayefundisa ngayo? Lapho sibona labo abagulayo ngokomzimba noma abalambile ngokomoya, ingabe sishukunyiswa isihawu ukuba senze konke esingakwenza ukuze sibasize? Lapho sifundisa abanye, ingabe sifundisa iZwi likaNkulunkulu, noma, njengabaFarisi, sifundisa imibono yethu? Ingabe sikuphaphamele ukubona izinto zansuku zonke ezisizungezile ezingase zisetshenziselwe ukucacisa, ukufanekisa, ukukhanyisa, nokwenza amaqiniso angokomoya aqondakale kahle? Ingabe siyakugwema ukubambelela ngokuqinile emithethweni ethile lapho, ngenxa yezimo, uthando nesihe kuboniswa kangcono ngokuba sibonelele ekusebenziseni imithetho enjalo? Futhi kuthiwani ngezingane? Ingabe sizibonisa ukukhathalela komusa nomusa wothando okufanayo uJesu akubonisa? Ingabe uyazikhuthaza izingane zakho ukuba zifunde indlela uJesu enza ngayo lapho esengumfana? Ingabe uyoqina njengoba uJesu enza kodwa ukulungele ukwamukela abaphendukayo ngokufudumele, ngendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo ngaphansi kwamaphiko aso amachwane aso?—Mathewu 23:37.
20. Imuphi umcabango ojabulisayo esingaziduduza ngawo njengoba sikhonza uNkulunkulu wethu?
20 Uma silwela ukwenza okungcono kakhulu ekufundiseni ngendlela uJesu afundisa ngayo, ngokuqinisekile uyokwenza ukuba ‘singene kanye naye ngaphansi kwejoka lakhe.’—Mathewu 11:28-30.
[Umbhalo waphansi]
a Eqinisweni, sinazo zonke izizathu zokukholelwa ukuthi uJesu wayeyobonisa inhlonipho efanele ngalabo abadala kunaye, ikakhulukazi abampunga nabapristi.—Qhathanisa noLevitikusi 19:32; IzEnzo 23:2-5.
Uyakhumbula?
◻ Kungani izixuku zazithutheleka kuJesu?
◻ Kungani ngezinye izikhathi uJesu ayebonelela emithethweni ethile?
◻ Yini esingayifunda ekubuzeni kukaJesu abafundisi basethempelini?
◻ Yiziphi izifundo esingazifunda ebudlelwaneni bukaJesu nezingane?