Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 10/1 kk. 4-8
  • IBhayibheli—Incwadi Eyayenzelwe Ukuba Iqondwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Incwadi Eyayenzelwe Ukuba Iqondwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani IBhayibheli Lalotshwa?
  • Ingabe Liyinkimbinkimbi Kakhulu Ukuba Liqondwe?
  • IBhayibheli Nabalandeli BakaJesu
  • Yiluphi Usizo Olutholakalayo?
  • Kungani IBhayibheli Libalulekile?
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ukuhlola ‘Izinto Ezijulile ZikaNkulunkulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Funda IZwi LikaNkulunkulu Futhi Umkhonze Ngeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Yini Eyokusiza Uqonde IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 10/1 kk. 4-8

IBhayibheli—Incwadi Eyayenzelwe Ukuba Iqondwe

ABANYE abantu bakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu elicacile okufanele lilandelwe njengoba linjalo. Kwabanye, “isigijimi seBhayibheli sidida kakhulu.” Lisho kanjalo ikomiti lokholo nemfundiso yenkolo elinamalungu angu-12 lesonto lamaProtestani elikhulu ukuwedlula wonke eCanada. Umfundisi uClifford Elliott, we-United Church, unomuzwa wokuthi kwabanye “iBhayibheli liba yinto engaqondakali, engahlangene nabantu nengasebenziseki.”

Imibono enjalo iphakamisa imibuzo efanelekayo edinga izimpendulo. Eminye ebalulekile phakathi kwayo yilena, Kungani iBhayibheli lalotshwa? Ingabe liyimpicabadala futhi liyinkimbinkimbi kakhulu ukuba liqondwe? Ingabe umuntu ovamile angaliqonda? Yiluphi usizo oludingekayo ukuze umuntu aqonde incazelo yemiBhalo? Futhi kungani ulwazi oluqondile lweBhayibheli lubalulekile kulezizikhathi ezineziyaluyalu?

Kungani IBhayibheli Lalotshwa?

Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu bekulokhu kudingeka kulabo abayozuza umusa futhi bamukelwe uNkulunkulu Ophakeme Kakhulu, uJehova. Amakhosi, abapristi, abazali, amadoda, abesifazane, nabantwana—abacebile nabampofu ngokufanayo—bayalwa ukuba bazinike isikhathi ezindabeni zokuphila zansuku zonke ukuze bacabangele ngokungathi sína nangomthandazo iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe.—Duteronomi 6:6, 7; 17:18-20; 31:9-12; Nehemiya 8:8; IHubo 1:1, 2; 119:7-11, 72, 98-100, 104, 142; IzAga 3:13-18.

Ngokwesibonelo, uJoshuwa wanikezwa isiqondiso: “Qiniseka ukuthi incwadi yoMthetho ifundwa njalo ekukhulekeleni kwakho. Yitadishe imini nobusuku, futhi uqiniseke ukuthi ulalela konke okulotshwe kuyo. Khona-ke uyochuma futhi uphumelele.” (Joshuwa 1:8, Today’s English Version) Ukutadisha ngokunakekela okunjalo nokusetshenziswa koMthetho kaNkulunkulu kwakuyoletha impumelelo nenjabulo. UJehova wayehlose ukuba “abantu bonke” bangaliqondi nje kuphela iZwi lakhe, iBhayibheli, kodwa futhi balilalele, benethemba lokwamukela isipho sokuphila.—1 Thimothewu 2:3, 4; Johane 17:3.

Ingabe Liyinkimbinkimbi Kakhulu Ukuba Liqondwe?

Ngaphambi kokwenyukela kukaJesu ezulwini, wakwenza kwacaca ukuthi wayefuna ukuba isimiso esikhulu semfundo yeBhayibheli siqhubeke emhlabeni wonke. (IzEnzo 1:8) Wayazi ukuthi iBhayibheli lalenzelwe ukuba liqondwe. Ngemva kokuchaza ukuthi uJehova wayemnikeze lonke igunya ezulwini nasemhlabeni, wakhipha lomyalo oqondile: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.”—Mathewu 28:19, 20.

Ngaphambi kokubhapathizwa, abafundi abasha kwakumelwe bafundiswe ngoJehova, iNdodana yakhe, nokusebenza komoya ongcwele. Ngaphezu kwalokho, kwakumelwe bafundiswe umthetho wesimiso sezinto samaKristu. (1 Korinte 9:21; Galathiya 6:2) Ukuze bathole lomphumela, abafanelekayo kwakudingeka bakholelwe kuqala ukuthi iBhayibheli lalivela kuJehova nokuthi okwesibili lalenzelwe ukuba liqondwe.—Mathewu 10:11-13.

Yini edingekayo kuwe ukuze uqonde iBhayibheli? INdodana kaNkulunkulu yenza umzamo okhethekile wokuchaza imiBhalo. Yayazi ukuthi imiBhalo eNgcwele iyiqiniso nokuthi iqukethe intando kaJehova eyembuliwe. (Johane 17:17) Ngokuphathelene nesabelo sakhe somsebenzi, uJesu Kristu wathi: “Ngazalelwa futhi ngafikela yona leyonjongo ezweni, ukuba ngikhulume ngeqiniso. Bonke abeqiniso bayangilalela.” (Johane 18:37, TEV; Luka 4:43) UJesu akazange azigodle ekufundiseni labo ababenezinhliziyo nezingqondo ezisabelayo. KuLuka 24:45 siyatshelwa: “Khona [UKristu Jesu] wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.”

Phakathi nenkonzo kaJesu, wacaphuna ngokukhululekile eZwini elilotshiwe, echaza futhi ebhekisela emibhalweni “emthethweni kaMose, nakubaprofethi, nasemaHutsheni.” (Luka 24:27, 44) Labo abezwa izincazelo zakhe ezingokomBhalo bashukunyiswa kakhulu ukuqonda kwakhe okucacile, kanye nekhono lakhe lokufundisa. (Mathewu 7:28, 29; Marku 1:22; Luka 4:32; 24:32) Kuye, imiBhalo yayiyincwadi okwakulula ukuyiqonda.

IBhayibheli Nabalandeli BakaJesu

Umphostoli uPawulu, umlingisi kaJesu Kristu, wabona isidingo sokufundisa abanye lokho okuqukethwe imiBhalo. Naye ngokufanayo wayazi ukuthi yayenzelwe ukuba iqondwe. Yingakho afundisa obala futhi ngokungangabazeki wachaza imiBhalo emakhaya alabo ababefuna ukuyiqonda. UPawulu wakwenza kwaziwa ukuma kwakhe lapho ethi: “Niyazi ukuthi angigodlanga lutho oluyoba usizo kini njengoba ngangishumayela futhi ngifundisa obala nasemakhaya enu.” (IzEnzo 20:20, TEV) Ezingxoxweni zakhe wabonisana nabantu ngemiBhalo, echaza futhi enikeza ubufakazi bamaphuzu akhe ngezikhombo. (IzEnzo 17:2, 3) Wayenesithakazelo ekusizeni abanye ukuba baqonde incazelo yemiBhalo.

Ingabe ulangazelela ukuqonda izinto uJesu nabafundi bakhe abazifundisa? (1 Petru 2:2) Izakhamuzi zaseBereya lasendulo zazinesifiso esinjalo, futhi zazizimisele ukukholelwa kulokho umphostoli uPawulu ayezifundisa khona ngoKristu. Ngakho zakhuthazwa ukuba zitadishe imiBhalo nsuku zonke futhi ngaleyondlela ziqiniseke ngokuthi izindaba ezinhle ezazizwa zaziyiqiniso ngempela. Ngenxa yokuthi izingqondo zalezakhamuzi zazisabela, ‘eziningi kuzo zakholwa.’—IzEnzo 17:11, 12.

Ukuze aqonde iBhayibheli, umuntu kumelwe abe nesimo senhliziyo esiqondile, isifiso esiqotho sokufunda, futhi ‘aqaphele isidingo sakhe esingokomoya.’ (Mathewu 5:3, qhathanisa ne-NW.) Lapho uJesu ebuzwa: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” waphendula: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.” Kwakubikezelwe ukuthi ‘wayezakuvula umlomo wakhe ngemifanekiso, aphimisele okufihlakeleyo.’ (Mathewu 13:10, 11, 35) Ngakho uJesu wakhuluma ngemifanekiso ukuze ahlukanise isilaleli esinganaki nesinelukuluku lokwazi kowayebuza ngobuqotho. Abafundi bakaJesu babonisa ubuqotho babo ngesinye isikhathi lapho bengena naye endlini futhi bethi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”—Mathewu 13:36.

Kusobala ukuthi sidinga usizo ukuze siqonde iBhayibheli. Umfundisi uHal Llewellyn, unobhala wemfundiso yezenkolo, ukholo, nezindikimba zamasonto, we-United Church wathi: “Kubaluleke kakhulu ukucacisa lokho iBhayibheli elikushoyo kithi nendlela elifundwa futhi lichazwe ngayo.” Kodwa nakuba kungebona bonke abaliqaphelayo, iqiniso liwukuthi asinakuliqonda iBhayibheli ngokwethu. Sidinga usizo.

Yiluphi Usizo Olutholakalayo?

EBhayibhelini kunezisho ezithile eziphicayo, imibuzo edidayo, nezinkulumo ezijulile ezidinga ukukhanyiswa. Kungenzeka ukuthi akucaciswanga ngokunenjongo, kusetshenziswa ukuqhathanisa okunengqondo okwakungaqondiwe ukuba kuqondwe ngesikhathi okwalotshwa ngaso. Kodwa kwakuhilela izinjongo zikaJehova. Ngokwesibonelo, IsAmbulo 13:18 sithi “isibalo sesilo . . . singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.” Nakuba lelivesi lithi “nakhu ukuhlakanipha,” alikuchazi ukubaluleka kwalesosibalo. Nokho, uJehova ngenhlangano yakhe, uye wavumela ukuba izinceku zakhe ezithembekile ziyiqonde incazelo yaso namuhla. (Bheka ibhokisi elinesihloko esithi, “Umzila Wokuqonda IBhayibheli.”) Nawe ngokufanayo ungakuthola lokhu kuqonda ngosizo lwalabo abanokuhlangenwe nakho ‘ekuqondiseni kahle izwi leqiniso.’—2 Thimothewu 2:2, 15, 23-25; 4:2-5; IzAga 2:1-5.

Ngezinye izikhathi uJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze abonise ukusabela esigijimini soMbuso noma ukuntuleka kwako. Wabonisa ukuthi abanye babengenakuthuthuka ngenxa yokudunyazwa ukuphikiswa okuvela kubangane nezihlobo. Abanye babeyovumela “ukuhlupheka nokuzingelwa” kuqede ukwazisa kwabo isigijimi soMbuso. Abanye babezovumela izindaba zokuphila zansuku zonke, “iminako yalesisikhathi nokukhohlisa kwengcebo,” kuminyanise lonke uthando okungenzeka babe nalo ngezindaba ezinhle. Ngakolunye uhlangothi, kunalabo abasabela ngenjabulo futhi abazimisele ukuzwa izwi eliyigugu futhi baliqonde. ‘Bayabubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa’ kweLobukholwa, ngokunokwenzeka egameni likaJesu Kristu. Labobantu bamagange bafuna ukuqondiswa endleleni kaJehova futhi ngaleyondlela baqonde lokho abakufunda eBhayibhelini.—Mathewu 13:3-9, 18-23; Hezekeli 9:4; Isaya 2:2-4.

Kulabo abafuna ukuzuza ukuqonda ngezinjongo zikaJehova ngokomuntu siqu, uJehova angaqikelela ukuba banikezwe usizo abaludingayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli libika ukuthi umoya kaJehova waqondisa umvangeli uFiliphu ukuba asize indoda yaseTopiya eyayicabangela incwadi yeBhayibheli ka-Isaya njengoba yayisendleleni ivela eJerusalema. Lapho iphindela ekhaya, yayiyifunda enqoleni yayo. Elalela ukuhola komoya ongcwele kaJehova, uFiliphu wagijimela eduze kwenqola futhi wabuza: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?” Lendoda yayithobekile futhi ithembeke ngokwanele ukuba ivume ukuthi yayidinga usizo. UFiliphu wamfundisa ngokujabula lomuntu owayelambile ngokomoya futhi efundiseka. Lokhu kufundisa kwamsiza ukuba aqonde imiBhalo. Wafunda lokho okwase kumelwe akwenze ukuze ajabulele ubuhlobo obamukelekayo noJehova ukuze azuze ukuphila okuphakade. Waba inceku kaJehova ejabulayo, ebhapathiziwe, eyayiphishekela ukuphila okwakujabulisa kuNkulunkulu.—IzEnzo 8:26-39.

Kungenzeka uneBhayibheli ekhaya lakho, futhi kungenzeka uye walifunda izikhathi eziningi. Ngokunokwenzeka uye wahlangabezana nenkinga efanayo umTopiya oqotho, nothobekile ahlangabezana nayo. Wayengakuqondi ayekufunda. Wayedinga usizo futhi akazange angabaze ukwamukela usizo uJehova uNkulunkulu ayejabulela ukumnikeza lona. NjengoFiliphu, oFakazi BakaJehova bayakujabulela ukukusiza ekuqondeni izinto eziphathelene noNkulunkulu ezilotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli. Bayazi ukuthi uJehova ulungiselele iBhayibheli nokuthi wayelenzele ukuba liqondwe.—1 Korinte 2:10; Efesu 3:18; 2 Petru 3:16.

Kungani IBhayibheli Libalulekile?

Siphila esikhathini esiphuthuma ngaphezu kwazo zonke emlandweni womuntu. IBhayibheli libhekisela kuso ngokuthi ‘ukuphela kwezwe.’ (Mathewu 24:3) Izenzakalo eziningi ezenzekayo ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli kusukela ngo-1914 zibonisa ukuthi ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ‘uzochoboza, uqede yonke lemibuso.’—Daniyeli 2:44.

Zifundele ngokwakho lokho okubikezelwa eBhayibhelini kuMathewu isahluko 24, uMarku isahluko 13, noLuka isahluko 21. Uzophawula ukuthi izenzakalo ezichaziwe zikhathaza imbulunga yonke. Zihlanganisa izimpi zomhlaba—ezihlukile kuzo zonke ezinye izimpi. Kusukela eMpini Yezwe I, siye sabona ukuntuleka kokudla, ukuzamazama komhlaba, nesikhathi sokungabi namthetho okungavamile konke okwabikezelwa. Futhi manje izizwe zibonakala ziseduze kakhulu nokwenza lokho okuyonikeza uphawu olungenaphutha lokuthi ukubhujiswa kwezwe kuseduze. Ngokuphathelene nalokhu, umphostoli uPawulu wabhala: “Usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyabazuma, . . . abasoze baphunyuka.” (1 Thesalonika 5:2, 3) Bangobani labo abangaphunyuki? UPawulu uyachaza: ‘Abangamazi uNkulunkulu nabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.’ (2 Thesalonika 1:7-9) Ingxenye yalesisibonakaliso esiyinhlanganisela yayizogcwaliswa yilabo abalalela umyalo onikezwe kuMathewu 24:14 wokushumayela ‘ivangeli lombuso ezweni lonke.’

Izigidi zoFakazi BakaJehova zifeza lomyalo emazweni naseziqhingini zolwandle okungu-231. Bavakashela emakhaya abantu futhi babameme ngokomuntu siqu ukuba bafunde ngohulumeni woMbuso kaJehova. Ngomusa bachaza inkambo okumelwe ngamunye ayithathe ukuze abe phakathi kwabayosinda kulesisimiso sezinto futhi aphile epharadesi emhlabeni lapho ukulila, ubuhlungu, noma ukufa kungasayikuba khona.—IsAmbulo 21:3, 4.

Isikhathi siliphelela ngokushesha lelizwe elibi, futhi kuyaphuthuma ngabo bonke abafuna ukusinda ekupheleni kwalelizwe ukuba bafunde lokho okuhilelekile ‘ekulaleleni izindaba ezinhle’ futhi basinde ekubhujisweni. Esikhathini esizayo lapho oFakazi BakaJehova bevakashela ekhaya lakho, kungani ungamukeli isimemo sokuba nesifundo seBhayibheli masonto onke? Okungcono nakakhulu, kungani ungaceli ukuba batadishe iBhayibheli nawe ngoba ufuna ukuliqonda?

[Ibhokisi ekhasini 8]

UMZILA WOKUQONDA IBHAYIBHELI

UJESU wasiqinisekisa ukuthi ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, wayeyovusa “inceku ethembekileyo neqondayo” eyayizokhonza njengomzila wakhe wokukhulumisana. (Mathewu 24:45-47) Umphostoli uPawulu wachaza lomzila kumaKristu ase-Efesu lapho ebhala ukuthi “baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu, ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Efesu 3:10, 11) Kwakuyibandla lamaKristu agcotshiwe, elazalwa ngePentekoste lika-33 C.E., elaphathiswa “okwambuliweyo.” (Duteronomi 29:29) Njengeqembu, amaKristu agcotshiwe akhonza njengenceku ethembekileyo neqondayo. (Luka 12:42-44) Isabelo sawo asinikwe uNkulunkulu ukwaba ukuqonda okungokomoya ‘kokwambuliweyo.’

Njengoba isiprofetho seBhayibheli sakhomba phambili kuMesiya, siphinde sisibhekisele endikimbeni ehlangene yoFakazi abangamaKristu agcotshiwe manje ekhonza njengenceku ethembekileyo neqondayo.a Isisiza ukuba siqonde iZwi likaNkulunkulu. Bonke abafuna ukuqonda iBhayibheli kufanele bakwazise ukuthi “ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu” kungaziwa kuphela ngomzila kaJehova wokukhulumisana, inceku ethembekileyo neqondayo.—Johane 6:68.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1981, amakhasi 8-15.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela