Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 10/1 kk. 3-4
  • IBhayibheli—Libaluleke Ngani Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Libaluleke Ngani Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yonke ImiBhalo Inenzuzo Yokufundisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • IBhayibheli​—⁠Incwadi Evela KuNkulunkulu
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 10/1 kk. 3-4

IBhayibheli—Libaluleke Ngani Ngempela?

“IBHAYIBHELI liyimfihlakalo, incwadi eyayingenzelwanga ukuba iqondwe,” kusho umninikhaya othile. Omunye uyaphawula: “Ngiyazi ukuthi iBhayibheli liyincwadi ebalulekile, kodwa akukuningi engikwaziyo ngalo. Kunzima ukuliqonda.”

“AmaKristu amaningi azi . . . okuncane kakhulu ngeBhayibheli,” kusho i-Toronto Star. Owesifazane othile ongumKatolika waphawula: “Ukuba neBhayibheli kungenza ngizizwe kahle. Kungilethela ukuthula kwangaphakathi.” “IBhayibheli linjengekhampasi eqondisa umuntu olwandle lokuphila, olugubhayo oluneziphepho imholele endaweni elondekile,” kusho umdobi othile. Ngokwamazwi omuntu othile owayengumHindu, “iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nesipho sesintu futhi liwumuthi owelapha ukuhlupheka okungokomoya.”

Miningi imibono ephathelene nokubaluleka kwangempela kweBhayibheli futhi iyahlukahluka. Nokho, libaluleke ngani ngempela?

IBhayibheli liyincwadi ebalulekile futhi esakazwa kabanzi ngaphezu kwazo zonke izincwadi ezikhona. Emakhasini alo kunezimpendulo zezinkinga eziningi eziyinkimbinkimbi umuntu aye wabhekana nazo noma asazobhekana nazo. Ukusebenziseka kweseluleko salo akunakulinganiswa. Izindinganiso zokuziphatha elizisekelayo azinakulinganiswa. Isigijimi salo sinamandla futhi siyazuzisa. Lencwadi ebaluleke ngokungenakuqhathaniswa ifanelwe ukuthathwa emashalofini ethu futhi ihlolwe ngokunakekela okukhulu nangokucophelela.

Singavula iBhayibheli siqiniseka ngokugcwele ukuthi linembile, linokwethenjelwa, futhi liqotho ngokuphelele. Izenzakalo ezingokomlando ezilotshwe kulo zisekelwa umlando wezwe. Ngokuphindaphindiwe, imivubukulo embiwe isiqinisekisa ngokugcwele ukuthi iBhayibheli lineqiniso. Ubuqotho babalobi beBhayibheli abathi ababe ngu-40 bubahlukanisa njengamadoda athembekile naqotho. Ukuvumelana kwalo lonke iBhayibheli kubonisa ukuthi aliveli kumuntu. Izenzakalo ezilotshwe kulo zingokoqobo. Abantu elikhuluma ngabo bangokoqobo. Izindawo namazwe elibhekisela kukho kungokoqobo. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liqukethe iziprofetho ezivelele ezichaza ngokungenakuphikwa uJehova uNkulunkulu njengoMlobi weBhayibheli.—2 Petru 1:21.

UMfundisi wethu Omkhulu uye waqiniseka ukuthi ulwazi ngentando nezinjongo zakhe kuyotholakala kulabo ababefuna ukukwazi. Eqinisweni, uJehova usitshela ngolimi olucacile ukuthi kuyintando yakhe ukuba zonke izinhlobo zabantu zitadishe iZwi lakhe futhi ‘zifinyelele ekulazini iqiniso.’ (1 Thimothewu 2:3, 4; IzAga 1:5, 20-33) Lokhu kungenye yezinto ezibaluleke kakhulu esingazenza kukho konke ukuphila kwethu. Kuyinselele okumelwe sibhekane nayo. AmaKristu okuqala ayekuqonda lokhu. Omunye wawo washukunyiselwa ukuba athi: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuba uthando lwenu luvame nakakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele; ukuba niqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.”—Filipi 1:9, 10, NW; Kolose 1:9, 10.

IBhayibheli liyincwadi eyinhloko uMdali akhuluma ngayo ngentando nenjongo yakhe emkhayeni wesintu, futhi lichaza indlela thina ngabanye esingena ngayo kuleyonjongo. Kulotshwe kulo izenzakalo zesikhathi esidlule, futhi linikeza umbono ocacile wesikhathi esizayo. IBhayibheli linikeza imfundiso eqondile libuye lisiqondise ukuthi ikuphi okufanele noma okungafanele sikukholelwe. (IzEnzo 17:11; 2 Thimothewu 3:16, 17) Linikeza imithetho yokuziphatha umuntu okufanele aphile ngayo, futhi liqondisa abantu endleleni yempumelelo nenjabulo. (Mathewu, izahluko 5 kuya ku-7) Ligcizelela uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba laso sonke isintu futhi libonisa indlela uhulumeni wakhe oyithuluzi ngayo lokungcwelisa igama lakhe nokulwela ubukhosi bakhe. IBhayibheli lichaza inkambo okudingeka siyiphishekele ukuze sijabulele ubuhlobo obuseduze, bothando noMniki-kuphila wethu, uJehova.

Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liwukuphela kwencwadi eyokuholela emvuzweni omkhulu kunayo yonke isintu esiyoke siyithole—ukuphila okuphakade epharadesi emhlabeni njengabantu abaphelele. (Roma 6:23) INdodana kaJehova ezelwe yodwa iyasitshela: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ngempela incwadi enokubaluleka okukhulu kangaka kufanele isishukumisele ukuba sifunde lokho okumelwe sikwenze ukuze sizuze umvuzo wokuphila okuphakade. IBhayibheli liyincwadi eyayenzelwe ukuba iqondwe, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela