UJehova Uyacabangela!
“Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyacabangela.”—JAKOBE 3:17, NW.
1. Abanye baye bamveza kanjani uNkulunkulu njengongacabangeli, futhi uzizwa kanjani ngombono onjalo ngoNkulunkulu?
HLOBO luni lukaNkulunkulu olukhulekelayo? Ingabe ukholelwa ukuthi unguNkulunkulu wobulungisa obungavumelani nezimo nobuqinile, onolaka, nonenhliziyo elukhuni? Kumshisekeli wenguquko ongumProthestani uJohn Calvin, kumelwe ukuba yileyondlela uNkulunkulu ayebonakala ngayo. UCalvin wathi uNkulunkulu “unesu laphakade futhi elingaguquki” ngokuphathelene nomuntu ngamunye, emisela ngamunye kusengaphambili ukuthi uyophila phakade ngenjabulo noma uyohlushwa phakade esihogweni somlilo. Ake ucabange: Uma lokhu kwakuyiqiniso, akukho owawungakwenza, kungakhathaliseki ukuthi uzama kanzima kangakanani, okwakuyoguqula isu likaNkulunkulu laphakade, elingaguquki ngawe nangekusasa lakho. Ingabe wawuyodonsekela kuNkulunkulu onjalo ongacabangeli?—Qhathanisa noJakobe 4:8.
2, 3. (a) Singakufanekisa kanjani ukungacabangeli kwezinhlangano zabantu? (b) Umbono kaHezekeli wenqola kaJehova yasezulwini ukuveza kanjani ukuvumelana kwaKhe nezimo?
2 Yeka indlela esikhululeke ngayo ngokwazi ukuthi uNkulunkulu weBhayibheli ucabangela ngokuvelele! Akuyena uNkulunkulu kodwa abantu abathambekele ekubeni lukhuni futhi bangavumelani nezimo, bebanjwe ukungapheleli kwabo. Njengezitimela ezithwala impahla, izinhlangano zabantu zingase zingaqondiseki kalula. Lapho isitimela esikhulu esithwala impahla sihamba kujantshi onesiphazamiso, asinakukwazi ukujika, futhi akulula neze ukuba sime. Ezinye izitimela zinamandla amakhulu okuya phambili kangangokuthi zithatha ibanga elingaphezu kwekhilomitha ngemva kokunyathelwa kwamabhuleki ukuba zime! Ngokufanayo, umkhumbi omkhulu kawoyela ungase uhambe amanye amakhilomitha yisishiyagalombili ngemva kokuba izinjini zicishiwe. Ngisho noma lezizinjini zifakwa egiyeni lokuhlehla, ungase uqhubekele phambili ngamakhilomitha amathathu! Kodwa manje ake ucabangele inqola eyesabeka kakhulu kunalezizinqola ezimbili, leyo emelela inhlangano kaNkulunkulu.
3 Eminyakeni engaphezu kuka-2 600 edlule, uJehova wanikeza umprofethi uHezekeli umbono owawufanekisela inhlangano yaKhe yasezulwini yezidalwa zomoya. Kwakuyinqola enobukhulu obesabekayo, “inqola” kaJehova uqobo eqondiswa nguye ngaso sonke isikhathi. Okwakuthakazelisa kakhulu indlela eyayihamba ngayo. Amasondo amakhulu ayenezinhlangothi ezine futhi egcwele amehlo, ngakho ayengabona yonke indawo futhi engashintsha indlela ngokuphazima kweso, ngaphandle kokuma noma ukujika. Futhi kwakungadingeki ukuba lenqolakazi idonse kanzima njengomkhumbi omkhulu kawoyela noma isitimela esithwala impahla. Yayingahamba ngejubane lombani, ithathe ngisho namajika acijile! (Hezekeli 1:1, 14-28) UJehova uhluke kakhulu kuNkulunkulu owayeshunyayelwa uCalvin njengoba nje nenqola yaKhe ihlukile emishinini engaqondiseki kalula eyenziwa abantu. Uvumelana nezimo ngokuphelele. Ukuqonda lesisici sobuntu bukaJehova kufanele kusisize ukuba sihlale sivumelana nezimo futhi sigweme ugibe lokuba abangacabangeli.
UJehova—UMuntu Ovumelana Nezimo Ukwedlula Bonke Endaweni Yonke
4. (a) Kungayiphi indlela lona kanye igama likaJehova elimveza ngayo njengoNkulunkulu ovumelana nezimo? (b) Yiziphi ezinye zeziqu ezisetshenziswa kuJehova uNkulunkulu, futhi kungani zifaneleka?
4 Lona kanye igama likaJehova lisikisela ukuvumelana kwakhe nezimo. Elithi “Jehova” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “Ubangela Kube Khona.” Lokhu ngokusobala kusho ukuthi uJehova ubangela ukuba abe uMfezi wazo zonke izithembiso zakhe. Lapho uMose ebuza uNkulunkulu igama lakhe, uJehova wanikeza incazelo yalo eningiliziwe ngalendlela: “Ngiyakuzibonakalisa ngiyilowo engiyakuzibonakalisa nginguye.” (Eksodusi 3:14, NW) Inguqulo kaRotherham ikubeka ngokuqondile: “Ngiyoba yinoma yini engithanda ukuba yiyo.” UJehova uzibonakalisa eyilokho, noma ukhetha ukuba yinoma yini edingekayo ukuze afeze izinjongo nezithembiso zakhe zokulunga. Ngakho, unochungechunge lweziqu oluhlaba umxhwele, njengezithi uMdali, uBaba, iNkosi enguMbusi, uMalusi, uJehova wamabutho, uMuzwi womkhuleko, uMahluleli, uMfundisi Omuhle, uMhlengi. Uye wabangela ukuba abe yikho konke lokhu ikakhulukazi ukuze afeze izinjongo zakhe zothando.—Isaya 8:13; 30:20, NW; 40:28; 41:14; IHubo 23:1; 65:2; 73:28; 89:26; AbAhluleli 11:27; bheka ne-New World Translation, Appendix 1J.
5. Kungani kungafanele siphethe ngokuthi ukuvumelana kukaJehova nezimo kusho ukuthi ubunjalo noma izindinganiso zakhe kuyashintsha?
5 Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi ubunjalo bukaNkulunkulu noma izindinganiso zakhe kuyashintsha? Cha; njengoba uJakobe 1:17 ekubeka, “okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.” Ingabe kukhona ukuziphikisa lapha? Lutho neze. Ngokwesibonelo, yimuphi umzali onothando ongenakubekela eceleni imisebenzi ethile ukuze azuzise izingane? Phakathi nosuku olulodwa, umzali angase abe umeluleki, umpheki, umnakekeli wekhaya, umfundisi, umyali, umngane, umakhenika, umhlengikazi—kuqhubeke njalonjalo. Umzali akashintshi ubuntu lapho enza lemisebenzi; umane nje azivumelanise nezidingo zangalesosikhathi. Kungokufanayo nangoJehova kodwa ngokwesilinganiso esikhulu kakhulu. Akalinganiselwe ngokuphathelene nalokho angabangela ukuba abe yikho ukuze azuzise izidalwa zakhe. Ukujula kokuhlakanipha kwakhe kuyamangalisa ngempela!—Roma 11:33.
Ukucabangela Kuwuphawu Lokuhlakanipha Kwaphezulu
6. Iyini incazelo yezwi nezwi nalokho okushiwo igama lesiGreki uJakobe alisebenzisa lapho echaza ukuhlakanipha kwaphezulu?
6 Umfundi uJakobe wasebenzisa igama elithakazelisayo ukuze achaze ukuhlakanipha kwaloNkulunkulu ovumelana nezimo ngezinga eliphakeme. Wabhala: “Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyacabangela.” (Jakobe 3:17, NW) Igama lesiGreki alisebenzise lapha (e·pi·ei·kesʹ) kunzima ukulihumusha. Abahumushi baye basebenzisa amagama anjengokuthi “omnene,” “onobubele,” “ozikhuzayo,” nokuthi “ocabangelayo.” I-New World Translation ilihumusha ngokuthi “ocabangelayo,” futhi inombhalo waphansi obonisa ukuthi incazelo yezwi nezwi ithi “obonelelayo.”a Leligama futhi lidlulisela umqondo wokungaphoqeleli yonke imininingwane yomthetho olotshiwe, ukungabi oqinisa ingalo noma oqine ngokwedlulele. Isazi uWilliam Barclay sithi kuyi-New Testament Words: “Into eyinhloko neyisisekelo ngegama elithi epieikeia ukuthi lisukela kuNkulunkulu. Ukube uNkulunkulu wayephoqelela amalungelo akhe, ukube uNkulunkulu wayesebenzisa kithi izindinganiso zomthetho eziqinile kuphela, ngabe sikuphi? UNkulunkulu uyisibonelo esiphakeme somuntu one-epieikēs nosebenzelana nabanye nge-epieikeia.”
7 .UJehova wakubonisa kanjani ukucabangela ensimini yase-Edene?
7 Cabanga ngesikhathi lapho isintu sivukela ubukhosi bukaJehova. Yeka ukuthi kwakuyoba lula kanjani ngoNkulunkulu ukubhubhisa labobavukeli abathathu abangenakwazisa—u-Adamu, u-Eva, noSathane! Yeka ukuthi ngaleyondlela wayengazikhulula osizini olukhulu kangakanani! Futhi ubani owayengaphikisa ngokuthi wayengenalo ilungelo lokufuna ukuba kwenziwe ubulungisa obunjalo obuqinile? Nakuba kunjalo, uJehova akenzi neze ukuba inhlangano yakhe yasezulwini enjengenqola iboshelwe endinganisweni yobulungisa eqinile, engavumelani nezimo. Ngakho leyonqola ayizange icoboshise ngokungenaluzwela umkhaya wabantu nawo wonke amathemba ekusasa elijabulisayo lesintu. Ngokuphambene, uJehova waqondisa inqola yakhe ngokushesha okunjengokombani. Ngokushesha ngemva kokuhlubuka, uJehova uNkulunkulu waveza injongo yaphakade eyaletha isihe nethemba kuyo yonke inzalo ka-Adamu.—Genesise 3:15.
8. (a) Umbono weLobukholwa oyiphutha ngokuphathelene nokucabangela uhluke kanjani ekucabangeleni kwangempela kukaJehova? (b) Kungani singase sithi ukucabangela kukaJehova akusho ukuthi angase ayekethise izimiso zaphezulu?
8 Nokho, ukucabangela kukaJehova akusho ukuthi angase ayekethise izimiso zaphezulu. Amasonto eLobukholwa anamuhla angase acabange ukuthi ayacabangela lapho eshalazela ukuziphatha okubi ukuze nje azuze ukuthandwa imihlambi yawo enhlanhlathayo. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 4:3.) UJehova akayephuli neze imithetho yakhe, futhi akaziyekethisi izimiso zakhe. Kunalokho, ubonisa ukuzimisela ukuzivumelanisa nezimo nokubonelela, ukuze lezozimiso zisetshenziswe ngokufanele nangesihe. Uhlala ekuphaphamele ukulinganisela ukusebenzisa kwakhe ubulungisa namandla ngothando nokuhlakanipha kwakhe okucabangelayo. Ake sicabangele izindlela ezintathu uJehova abonisa ngazo ukucabangela.
“Ukulungele Ukuthethelela”
9, 10. (a) Ukuba ‘okulungele ukuthethelela’ kuhlobene ngani nokucabangela? (b) UDavide wazuza kanjani ekulungeleni kukaJehova ukuthethelela, futhi ngani?
9 UDavide wabhala: “Ngokuba wena-Nkosi umuhle, [futhi ukulungele ukuthethelela, NW], unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.” (IHubo 86:5) Lapho imiBhalo YesiHeberu ihunyushelwa esiGrekini, igama elihunyushwe ngokuthi “ukulungele ukuthethelela” lahunyushwa esiGrekini ngokuthi e·pi·ei·kesʹ, noma “ocabangelayo.” Ngempela, ukuba okulungele ukuthethelela nokubonisa isihe mhlawumbe kuyisihluthulelo sokubonisa ukucabangela.
10 UDavide ngokwakhe wayeyiqaphela ngokugcwele indlela uJehova acabangela ngayo kulokhu. Lapho uDavide ephinge noBati-Sheba futhi wahlela ukuba umyeni wakhe abulawe, yena noBati-Sheba babenecala elinesijeziso sokufa. (Duteronomi 22:22; 2 Samuweli 11:2-27) Ukube abahluleli abangabantu abalukhuni babesingathe lelicala, bobabili babengase balahlekelwe ukuphila kwabo. Kodwa uJehova wabonisa ukucabangela (e·pi·ei·kesʹ), lokho, njengoba i-Vine’s Expository Dictionary of Biblical Words ikubeka, “okubonisa lokho kubonelela okubheka ‘amaqiniso endaba ngesihawu nangokucabangela.’” Amaqiniso athonya isinqumo sikaJehova esinesihe cishe ayehlanganisa ukuphenduka okuqotho kwabenzi bobubi nesihe uDavide ngokwakhe ayesibonisile kwabanye. (1 Samuweli 24:4-6; 25:32-35; 26:7-11; Mathewu 5:7; Jakobe 2:13) Nokho, ngokuvumelana nendlela uJehova azichaza ngayo ku-Eksodusi 34:4-7, kwakunengqondo ukuba uJehova anikeze uDavide iseluleko. Wathumela umprofethi uNathani kuDavide nesigijimi esinamandla, egcizelela kuDavide iqiniso lokuthi wayedelele izwi likaJehova. UDavide waphenduka futhi akazange afe ngenxa yesono sakhe.—2 Samuweli 12:1-14.
11. UJehova wakubonisa kanjani ukulungela ukuthethelela endabeni kaManase?
11 Isibonelo seNkosi uManase yakwaJuda siphawuleka kakhulu kulokhu, njengoba uManase, ngokungafani noDavide, ayemubi kakhulu isikhathi eside. UManase wakhuthaza imikhuba enyanyekayo engokwenkolo ezweni, kuhlanganise nokwenziwa kwabantu imihlatshelo. Kungenzeka futhi ukuthi wayenecala ‘lokunqunywa ngesaha’ kukamprofethi othembekile u-Isaya. (Heberu 11:37) Ukuze ajezise uManase, uJehova wavumela ukuba athunjelwe eBabiloni. Nokho, uManase waphenduka esejele futhi wacela ukuboniswa isihe. Esabela kulokhu kuphenduka okuqotho, uJehova ‘wayekulungele ukuthethelela’—ngisho nakulesisimo esidlulele.—2 IziKronike 33:9-13.
Ukushintsha Inkambo Lapho Kuphakama Izimo Ezintsha
12, 13. (a) Endabeni yeNineve, yiluphi ushintsho lwesimo olwashukumisela uJehova ukuba aguqule inkambo yakhe? (b) UJona wazibonakalisa kanjani engacabangeli kunoJehova uNkulunkulu?
12 Ukucabangela kukaJehova kubonakala futhi ekuzimiseleni kwakhe ukuguqula inkambo abezoyithatha lapho kuphakama izimo ezintsha. Ngokwesibonelo, lapho umprofethi uJona ehamba enqamula ezitaladini zaseNineve lasendulo, isigijimi sakhe esiphefumlelwe sasicace kakhulu: Umuzi onamandla wawuzochithwa ezinsukwini ezingu-40. Nokho, izimo zashintsha—ngokuphawulekayo! Abantu baseNineve baphenduka.—Jona, isahluko 3.
13 Ukuqhathanisa indlela uJehova noJona abasabela ngayo kulokhu kushintsha kwezimo kunikeza isifundo. Eqinisweni uJehova waguqula inkambo yenqola yakhe yasezulwini. Kulesisenzakalo wavumelana nezimo, ebangela ukuba abe umthetheleli wezono esikhundleni sokuba “indoda yempi.” (Eksodusi 15:3) Ngakolunye uhlangothi, uJona akazange avumelane nezimo. Kunokuba ahambisane nenqola kaJehova, walingisa isitimela esithwala impahla noma umkhumbi kawoyela okukhulunywe ngakho ngaphambili. Wayememezele ukuthi lizobhujiswa, ngakho kwakumelwe libhujiswe! Mhlawumbe wayenomuzwa wokuthi noma yiluphi ushintsho kulenkambo lwaluyomenza alahlekelwe isithunzi kubantu baseNineve. Nokho, ngesineke, uJehova wafundisa lomprofethi wakhe onenkani isifundo ayengasoze asikhohlwa ngokuphathelene nokucabangela nesihe.—Jona, isahluko 4.
14. Kungani uJehova ashintsha inkambo yakhe ngokuphathelene nomprofethi wakhe uHezekeli?
14 UJehova uye washintsha inkambo ngezinye izikhathi—ngisho nasezindabeni ezincane kakhulu ngokuqhathaniswa. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi lapho ethuma umprofethi uHezekeli ukuba enze idrama engokwesiprofetho, iziyalezo zikaJehova zazihlanganisa isiqondiso sokuthi uHezekeli apheke ukudla kwakhe ngomlilo obaswe ngendle yomuntu. Lokhu kwakunzima kakhulu kulomprofethi, owakhala, “O Nkosi Jehova,” futhi wanxusa ukuba angenziswa into enyanyeka kangaka kuye. UJehova akazange ayishaye indiva imizwa yomprofethi njengengenangqondo; kunalokho, wavumela uHezekeli ukuba asebenzise amalongwe, okuyinto evamile yokubasa emazweni amaningi kuze kube namuhla.—Hezekeli 4:12-15.
15. (a) Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJehova ubelokhu ezimisele ukulalela abantu futhi asabele? (b) Yisiphi isifundo lokhu okungase kusifundise sona?
15 Akujabulisi yini ukuzindla ngokuthobeka kukaNkulunkulu wethu uJehova? (IHubo 18:35) Uphakeme kakhulu kunathi; kodwa ubalalela ngesineke abantu abangaphelele aze ngisho aguqule inkambo yakhe ngokuvumelana nezimo ngezinye izikhathi. Wavumela u-Abrahama ukuba amncenge isikhathi eside ngokuphathelene nokubhujiswa kweSodoma neGomora. (Genesise 18:23-33) Futhi wavumela uMose ukuba amelane nokusongoza kwaKhe ukubhubhisa ama-Israyeli avukelayo futhi esikhundleni sawo enze uMose abe isizwe esinamandla. (Eksodusi 32:7-14; Duteronomi 9:14, 19; qhathanisa no-Amose 7:1-6.) Ngaleyondlela wabekela izinceku zakhe ezingabantu isibonelo esiphelele, nazo okufanele zibonise ukukulungela ngokufanayo ukulalela abanye lapho kunengqondo nalapho kungenzeka ukwenza kanjalo.—Qhathanisa noJakobe 1:19.
Ukucabangela Ekusebenziseni Igunya
16. UJehova uhluke kanjani kubantu abaningi endleleni asebenzisa ngayo igunya lakhe?
16 Uye waqaphela yini ukuthi lapho abantu bezuza igunya elengeziwe, abaningi babonakala beba abangacabangeli? Ngokuphambene, uJehova unesikhundla segunya esiphakeme kunazo zonke endaweni yonke, kodwa uyisibonelo esikhulu sokucabangela. Usebenzisa igunya lakhe ngendlela ecabangela ngokungahluleki. Ngokungafani nabantu abaningi, uJehova unegunya elilondekile, ngakho akazizwa ephoqelekile ukuba alivikele ngomona—njengokungathi ukunikeza abanye isilinganiso esithile segunya kungase ngandlela-thile kusongele elakhe. Eqinisweni, lapho kwakunomunye umuntu oyedwa kuphela endaweni yonke, uJehova wanikeza lowomuntu igunya elikhulu kakhulu. Wenza uLogos waba “ingcweti” yakhe, kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke enza ukuba zonke izinto zibe khona ngaleNdodana ethandekayo. (IzAga 8:22, 29-31; Johane 1:1-3, 14; Kolose 1:15-17) Kamuva wamnika “amandla onke ezulwini nasemhlabeni.”—Mathewu 28:18; Johane 5:22.
17, 18. (a) Kungani uJehova athumela izingelosi eSodoma naseGomora? (b) Kungani uJehova acela ukusikisela kwezingelosi ngokuphathelene nendlela u-Ahabi ayengayengwa ngayo?
17 Ngokufanayo, uJehova uphathisa eziningi zezidalwa zakhe imisebenzi abengayenza kangcono ngokwakhe. Ngokwesibonelo, lapho etshela u-Abrahama ukuthi, “ngiyakwehla [ngiye eSodoma naseGomora], ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi,” wayengasho ukuthi wayeyokuya yena siqu. Kunalokho, uJehova wakhetha ukuphathisa igunya, emisa izingelosi ukuba zimtholele lokho kwaziswa. Wazinikeza igunya lokuba ziqondise lomsebenzi wokuthola amaqiniso bese zimnikeza umbiko.—Genesise 18:1-3, 20-22.
18 Ngesinye isikhathi, lapho uJehova enquma ukukhipha isahlulelo eNkosini embi u-Ahabi, wabizela izingelosi emhlanganweni wasezulwini ukuze zisikisele ukuthi ‘yayingayengwa’ kanjani leyonkosi eyisihlubuki ekuhlanganyeleni empini eyayiyoqeda ukuphila kwayo. Ngokuqinisekile, uJehova, uMthombo wakho konke ukuhlakanipha, wayengaludingi usizo ukuze athole inkambo engcono kakhulu! Nokho, wazidumisa izingelosi ngokuzinika ilungelo lokusongoza amakhambi negunya lokusebenzisa lelokhambi ayelikhethile.—1 AmaKhosi 22:19-22.
19. (a) Kungani uJehova elinganisela inani lemithetho ayenzayo? (b) UJehova uzibonakalisa kanjani engocabangelayo ngokuphathelene nalokho akulindele kithi?
19 UJehova akalisebenzisi igunya lakhe ukuze alawule abanye ngokungafanele. Nakulokhu ubonisa ukucabangela okungenakuqhathaniswa. Ngokucophelela ulinganisela inani lemithetho ayenzayo futhi anqabele izinceku zakhe ukuba ‘zeqise kokulotshiweyo’ ngokunezela imithetho esindayo ezizenzele yona. (1 Korinte 4:6; IzEnzo 15:28; qhathanisa noMathewu 23:4.) Akakufuni neze ukulalela okungenangqondo kwezidalwa zakhe, kodwa ngokuvamile ulungiselela ukwaziswa okwanele ukuze aziqondise futhi ashiyele kuzo ukuba zizikhethele, azazise ngezinzuzo zokulalela nemiphumela yokungalaleli. (Duteronomi 30:19, 20) Kunokuba acindezele abantu ngomuzwa wecala, amahloni, noma ukwesaba, ufuna ukufinyelela izinhliziyo; ufuna ukuba abantu bamkhonze beqhutshwa uthando lwangempela kunokucindezelwa. (2 Korinte 9:7) Yonke inkonzo enjalo yomphefumulo wonke yenza inhliziyo kaNkulunkulu ijabule, ngaleyondlela akayena umuntu ngokungenangqondo ‘okunzima ukumjabulisa.’—1 Petru 2:18, NW; IzAga 27:11; qhathanisa noMika 6:8.
20. Ukucabangela kukaJehova kukuthinta kanjani?
20 Ingabe akuphawuleki yini ukuthi uJehova uNkulunkulu, onamandla ukwedlula noma yimuphi umuntu endalweni, akalokothi awasebenzise ngokungacabangeli lawomandla, akalokothi awasebenzisele ukuqhwaga abanye? Nokho, abantu, abangelutho kakhulu ngokuqhathaniswa, banomlando wokubusa ngokucindezelana. (UmShumayeli 8:9) Ngokusobala, ukucabangela kuyimfanelo eyigugu, esishukumisela ukuba simthande kakhulu uJehova. Lokhu, nakho kungasishukumisela ekuhlakuleleni lemfanelo ngokwethu. Singakwenza kanjani lokho? Isihloko esilandelayo sizodingida lendaba.
[Umbhalo waphansi]
a Emuva ngo-1769, umlobi wezichazamazwi uJohn Parkhurst wachaza leligama ngokuthi “obonelelayo, onesimo sengqondo sokubonelela, omnene, onesineke.” Ezinye izazi nazo ziye zahumusha incazelo yaleligama ngokuthi “obonelelayo.”
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Igama likaJehova nombono wenqola yakhe yasezulwini kukugcizelela kanjani ukuvumelana kwakhe nezimo?
◻ Kuyini ukucabangela, futhi kungani kuwuphawu lokuhlakanipha kwaphezulu?
◻ Kungaziphi izindlela uJehova aye wabonisa ngazo ukuthi “ukulungele ukuthethelela”?
◻ Kungani uJehova ezimweni ezithile eye wakhetha ukushintsha inkambo yesenzo abezoyithatha?
◻ UJehova ukubonisa kanjani ukucabangela endleleni asebenzisa ngayo igunya?
[Isithombe ekhasini 10]
Kungani uJehova athethelela iNkosi embi uManase?