Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Isikhumbuzo Esihlala Njalo Somoya Wokubambisana”
EDUZE kwesiqongo saseSpain esingaseningizimu kunodedangendlale wetshe eliphakeme le-limestone elaziwa ngokuthi i-Rock of Gibraltar. Emakhulwini amaningi eminyaka, lelitshe beliwubufakazi obuthule empikiswaneni yezombangazwe nokungavumelani komhlaba wonke. Ngokuphambene, muva nje i-Rock of Gibraltar yayiyisizinda sokubonakaliswa kokubambisana nobunye okuyivela kancane ezweni namuhla.
Ebangeni elingamakhilomitha amathathu nje kuphela ukusuka kuleliDwala kunedolobha laseLa Línea, eSpain. Ukwakhiwa kweHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova lapho kwahlanganisa ndawonye amakhulu amaningi ezisebenzi zokuzithandela ezazizimisele ukunikela ngesikhathi namandla azo. Njengoba zazisebenza ukuze zakhe indawo efanelekayo yokukhulekela uMdali, uJehova uNkulunkulu, ngisho nokubaluleka kwesizinda esikhulu se-Rock of Gibraltar kwashabalala uma kuqhathaniswa nomsebenzi owawenziwa.
Abamemezeli boMbuso kuleyongxenye yezwe bathumela lombiko olandelayo:
“Izisebenzi zokuzithandela ezishisekayo ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zasebenza ubusuku nemini, ziqala ngoLwesihlanu ntambama, ngo-September 24, 1993. Ngehora lesikhombisa ngeSonto kusihlwa, uphawu olusha oluchaza isakhiwo njengeHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova lwase lufakiwe futhi isakhiwo esisha esikhangayo sase sisetshenziselwa wona kanye umhlangano weningi wokuqala ngqá.
“OFakazi abaningi abavela eGibraltar eseduze banqamula umngcele ukuze basize abazalwane baseSpain. ‘Ukwehlukana kwezombangazwe akubudambisi ubuzalwane bethu bomhlaba wonke,’ kuchaza esinye sezisebenzi zokuzithandela, esingowomdabu waseGibraltar. Sanezela: ‘Eminyakeni embalwa edlule, abangane abavela eLa Línea beza bezosisiza ekwakheni iHholo LoMbuso eGibraltar, ngakho manje sijabulela ukubonisa umusa ofanayo.’
“Ukuze linezele emizamweni yokuphana yalamabandla amabili oFakazi BakaJehova namakhulu amaningi abasizi abanamakhono emisebenzi abavela esifundeni sase-Andalusia, idolobha laseLa Línea lanquma ukunikela ngebala lezwe elidingekayo. ‘Ngokuvamile, iziphathimandla zendawo zaseSpain ngaso sonke isikhathi ziye zanikeza amasonto amaKatolika indawo yokwakha,’ kuchaza omunye umphathi-dolobha waseLa Línea phakathi nokuvakashela kwakhe indawo yesakhiwo. ‘Kungani zingenzi okufanayo ngezinye izinkolo? Kungihlabe umxhwele kakhulu ukungabi nabugovu kwezisebenzi zokuzithandela, futhi nginomuzwa wokuthi zifanelwe ukusekela kwethu. Siwudinga kakhulu umoya waloluhlobo ezweni lanamuhla elihlukene.’
“Wathi leliHholo LoMbuso ‘liyisikhumbuzo esihlala njalo somoya wokubambisana.’ Ngempela, isici esasihlaba umxhwele kakhulu kwakungebona ubuciko besakhiwo noma ubukhulu baso. Kunalokho, okwahlaba abaningi umxhwele emphakathini kwakuyiqiniso lokuthi sasakhiwe izisebenzi zokuzithandela kuphela futhi sakhiwa ngamahora angu-48 kuphela!”
Kuyakhanya ukuthi oFakazi BakaJehova eLa Línea nasezindaweni eziyizungezile bazibonakalisa bethembekile emazwini akweyabaseGalathiya 6:10. Lapho umphostoli uPawulu wayala ayekholwa kanye nabo: “Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.”