OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IColombia
ICOLOMBIA iyizwe elihlukile laseNingizimu Melika. Lelizwe lezintaba-mlilo liphahlwe yizo zozimbili izilwandle zase-Atlantic nasePacific. Ukushisa kwasezindaweni ezingasogwini ezishisayo kuhlukile emakhazeni aseziqongweni eziphakeme, ezineqhwa zeziNtaba zase-Andes.a
Nakuba iColombia iphawuleka ngegolide nama-emerald, abantu bakhona yibo abayigugu kakhulu. Namuhla, uJehova ugcwalisa indlu yakhe engokomoya ngenkazimulo. Abakhulekeli abahle, abanxanelekayo bagobhozela kuyo kuzo zonke izingxenye zomhlaba, kuhlanganise neColombia.—Hagayi 2:7.
Izikhulu Zamabhizinisi Zihlabeka Umxhwele
Ngosuku lwangeSonto, ngo-November 1, 1992, kwanikezelwa ihhovisi legatsha nendawo yokunyathelisa entsha ye-Watch Tower Society eFacatativá, engamakhilomitha angu-42 ukuya enyakatho-ntshonalanga yeBogotá. Uhambo lokubuka leligatsha luye lwaba nethonya elikhulu ezivakashini. Lapho sibuyela efekthri esasisebenza kuyo, esinye isivakashi sanxusa abaphathi baso ngentshiseko ukuba bahambe bayobona inhlangano ‘enempumelelo emangalisayo, ukuhleleka, nokuzimisela kwezisebenzi.’ Phakathi nohambo lwazo olwalandela, izikhulu zabonisa isithakazelo esijulile zabuza nemibuzo.
Lezizikhulu zazifuna ukuletha onsumpa bazo, abaqondisi, nezimfolomane—empeleni, zonke izisebenzi zazo—ukuba zizobuka lendawo. Zazihlela ukuvakashisa izisebenzi ezingu-15 kuya kwezingu-25 isonto ngalinye kuze kube yilapho lonke iqembu lezisebenzi ezingu-1 300 selikubonile lokho kuphumelela kwenhlangano.
Amakhulu ezisebenzi zazo ziye zeza zizobona izakhiwo zegatsha zabuka ne-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Zihlatshwe umxhwele ubukhulu benhlangano nokuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wenziwa emhlabeni wonke, zikhexa imilomo ngenxa yezinga eliphezulu lobuchwepheshe obusetshenziswa emisebenzini yeNhlangano. Lapho sezihamba, eziningi zizwakala zithi zizwa sengathi ‘seziyashiya ePharadesi sezibuyela ezweni elingahlelekile.’
Iqiniso Lifinyelela Zonke Izinhlobo
Zonke izinhlobo zabantu ziyafinyelelwa ngezindaba ezinhle. (1 Thimothewu 2:3, 4) Ngokwesibonelo, omunye umlobi wezingoma nomholi weqembu le-rock enesigqi esinamandla wamukela iqiniso, wenza izinguquko ekuphileni kwakhe, futhi ngokushesha waba iphayona elivamile. Kamuva wamiswa njengenceku ekhonzayo. Abanye ababengamalungu amaqembu avukela umbuso baye bafunda ukubeka ithemba labo eMbusweni kaJehova. Njengamanje sebehileleke ekushumayeleni isigijimi sezwe elisha elinokuthula.
Imilutha yezidakamizwa nabashushumbisi bazo nabo baphendukele eqinisweni. Enye insizwa manje esinguFakazi yayikade iphethe insimu yezidakamizwa nendawo yokucwenga i-cocaine emahlathini iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba igqashule kulolohlobo lokuphila. Yajatshuliswa ukufunda nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Kwelinye ijele ababulali abagwetshiwe abashukunyiswe isifundo esiqotho seBhayibheli bathandaza ngobuqotho ukuba uJehova athethelele izono zabo futhi abamukele njengezinceku zakhe.
Ngakho abantu bazo zonke izinhlobo bayasabela esigijimini soMbuso. EColombia uJehova ugcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo njengakwezinye izindawo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994.
[Ibhokisi ekhasini 8]
UMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1993
INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 60 854
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-558
ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 249 271
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 8 487
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 100 927
INANI LABABHAPATHIZWA: 5 183
INANI LAMABANDLA: 751
IHHOVISI LEGATSHA: IFACATATIVÁ
[Isithombe ekhasini 9]
Izisebenzi zasehhovisi legatsha nezithunywa zevangeli ngo-1956
[Isithombe ekhasini 9]
Umfanekiso othathwe emoyeni wehhovisi legatsha