Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 8/15 kk. 15-20
  • Imibuthano Yokuzijabulisa—Jabulela Izinzuzo, Gwema Izingibe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuthano Yokuzijabulisa—Jabulela Izinzuzo, Gwema Izingibe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuthano Yokuzijabulisa Ngesikhathi Sayo Nasendaweni Yayo
  • Qaphelani Izingibe
  • Ukuzijabulisa Okusendaweni Efanele
  • Indlela Yokukhetha Ezokuzijabulisa Ezakhayo
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Khetha Izinto Zokuzijabulisa Ezithokozisa UJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ungazithola Ezokuzijabulisa Ezakhayo
    I-Phaphama!—1997
  • Kukhethe Ngokuhlakanipha Ozozijabulisa Ngakho
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 8/15 kk. 15-20

Imibuthano Yokuzijabulisa—Jabulela Izinzuzo, Gwema Izingibe

“Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe.”—UMSHUMAYELI 2:24.

1. Isiqondiso sikaNkulunkulu sibasiza ngaziphi izindlela abantu bakhe ngokuphathelene nokuzijabulisa?

ISIQONDISO sikaJehova silethela izinceku zakhe izinzuzo eziningi. Singakubona lokhu emkhakheni wokuzijabulisa. Isiqondiso sakhe sisiza amaKristu ukuba agweme ukweqisa kunoma imiphi imibono. Abanye abathanda inkolo, abanamathela ekubeni nesandla esiqinile ezingubeni zokugqoka nasekuziphatheni, babheka cishe noma ikuphi ukuzijabulisa njengokuyisono. Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi baphishekela izinjabulo ngisho nakuba zishayisana nemithetho kanye nezimiso zikaJehova.—Roma 1:24-27; 13:13, 14; Efesu 4:17-19.

2. Yini eyanikeza uphawu lokuqala lombono kaNkulunkulu ngokuzijabulisa?

2 Nokho, kuthiwani ngabantu bakaNkulunkulu? Abaningi abaqalisa ukufunda iBhayibheli bayamangala ngokufunda ukuthi empeleni uNkulunkulu wadala abantu benekhono lokujabulela ukuphila. Wanikeza abazali bethu bokuqala umsebenzi wokuwenza—kodwa hhayi umsebenzi oyisicefe ocindezelayo oye waba uphawu lokuphila kwabantu abaningi abangaphelele. (Genesise 1:28-30) Cabanga ngezindlela eziningi ezinhle lezo bonke abaphila emhlabeni oyipharadesi ababengathola ngazo injabulo. Cabanga ngenjabulo yabo ekubukeni izilwane zasendle ezazingeke zibe usongo kanye nezinhlobonhlobo zalezo ezifuywayo ezazingaba ingxenye yokuphila kwansuku zonke! Futhi yeka ukudla ababeyoba nakho kuvela ‘emithini yonke ebukekayo, emihle, edliwayo’!—Genesise 2:9; UmShumayeli 2:24.

3-5. (a) Ukuzijabulisa kufanele kufeze yiphi injongo? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu akazange awenqabele amaIsrayeli ukuba athole injabulo?

3 Empeleni, leyomisebenzi ingabhekwa njengokuzijabulisa, injongo yayo ePharadesi eyayiyofana neyamanje: ukuqabula nokuvuselela amandla omuntu okuba enze eminye imisebenzi (umsebenzi) ekhiqizayo. Lapho ukuzijabulisa kukufeza lokhu, kunenzuzo. Ingabe lokho kusho ukuthi abakhulekeli beqiniso bangayenza indawo ekuphileni kwabo yokuzijabulisa ngisho nakuba bengakaphili ePharadesi? Yebo. I-Insight on the Scriptures ngokuphathelene nokuzijabulisa phakathi kwabantu bakaJehova basendulo ithi:

4 “Izindlela zokuzijabulisa kanye nezinto zokuzilibazisa zamaIsrayeli aziqokonyiswa embhalweni weBhayibheli. Nakuba kunjalo, liziveza njengezazingase zibhekwe kokubili njengezifanele nezifiselekayo lapho zivumelana nezimiso ezingokwenkolo zesizwe. Izindlela eziyinhloko zokuzilibazisa kwakuwukushaya izimfijoli zomculo, ukuhlabelela, ukudansa, ukuxoxa, kanye nemidlalo ethile. Ukwenza izimfumbe kanye nemibuzo enzima kwakuthandwa kakhulu.—AbaHl. 14:12.”—Umqulu 1, ikhasi 102.

5 Lapho uDavide ebuya enqobile, abesifazane abangamaHeberu basebenzisa izinkenezo kanye nezigubhu lapho behalalisela (ngesiHeberu, sa·chaqʹ). (1 Samuweli 18:6, 7) Igama lesiHeberu ngokuyisisekelo lisho “ukuhleka,” futhi ezinye izinguqulo zikhuluma ‘ngabesifazane ababejabulile.’ (Byington, Rotherham, The New English Bible) Lapho uMphongolo uthuthwa, “uDavide kanye nendlu yonke kaIsrayeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha.” UMikhali, inkosikazi kaDavide, wayenombono ongalinganiseli, ngoba wamelana nokuhlanganyela kukaDavide emisebenzini ejabulisayo. (2 Samuweli 6:5, 14-20) UNkulunkulu wabikezela ukuthi abathunjwa ababuyayo ababevela eBabiloni babeyohlanganyela emisebenzini efanayo ejabulisayo.—Jeremiya 30:18, 19; 31:4; qhathanisa namaHubo 126:2.

6. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki isisiza kanjani embonweni wethu wokuzijabulisa?

6 Nathi futhi kufanele sifune ukulinganisela ekuzijabuliseni. Ngokwesibonelo, ingabe siyaqaphela ukuthi uJesu wayengesiye umuntu ozincisha ngokweqile? Waba naso isikhathi sokudla okuqabulayo, ‘njengesidlo esikhulu’ uLevi amenzela sona. Futhi lapho labo ababezishaya abalungile bemgxeka ngokudla nangokuphuza, uJesu wayilahla imibono kanye nezindlela zabo. (Luka 5:29-31; 7:33-36) Khumbula futhi ukuthi waba khona emshadweni futhi wanikela ekubeni kwawo ngojabulisayo. (Johane 2:1-10) Umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa uJuda uphawula ukuthi amaKristu ‘ayenamadili othando,’ ngokusobala amadili lapho abampofu ababengajabulela khona ukudla kanye nobungane obuhle, obukhululekile.—Juda 12.

Imibuthano Yokuzijabulisa Ngesikhathi Sayo Nasendaweni Yayo

7. IZwi likaNkulunkulu likukhuthaza kanjani ukulinganisela ngokuphathelene nokuzijabulisa?

7 UmShumayeli 10:19 ukhuluma kahle ‘ngedili elenzelwa ukuhleka, newayini elenamisa ukuphila.’ Lokho akuzwakali njengokungathi ukuzijabulisa khona ngokwakho kwakungafuneki nhlobo noma kukubi, akunjalo? Nokho, incwadi efanayo ithi: “Konke kunesikhathi sakho, . . . isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina.” (UmShumayeli 3:1, 4) Yebo, nakuba lingakulahli ukuzijabulisa okufanelekile, iBhayibheli lisinikeza izixwayiso. Lezi zihlanganisa ukugcina imibuthano yokuzijabulisa isendaweni yayo ngokuphathelene nesikhathi kanye nobukhulu bayo. Liyasixwayisa futhi ngokuphathelene nezingibe ebezilokhu zivame kakhulu emibuthanweni emikhulu yokuzijabulisa.—2 Thimothewu 3:4.

8, 9. Kungani isikhathi esiphila kuso kanye nesabelo sethu esisinikezwe uNkulunkulu kufanele kuthonye ukuzijabulisa?

8 Siphawulile ukuthi amaJuda ayebuya eBabiloni—ayenomsebenzi omningi onzima okwakumelwe awenze—ayeyohlanganyela ekuphumuleni okujabulisayo. Nokho, ngaphambili uJeremiya wathi wayengeke ‘ahlale emhlanganweni wabahlekayo, wayengeke athokoze.’ (Jeremiya 15:17) Wayabelwe ngokwaphezulu ukuba adlulisele isigijimi sokwahlulela okwakusondela, ngakho kwakungesona isikhathi esimisiwe ngaye sokujabula.

9 AmaKristu namuhla abelwe ukuba amemezele isigijimi sikaNkulunkulu sethemba kanye nokuzwakalisa izahlulelo zakhe ngokumelene nesimiso esibi sikaSathane. (Isaya 61:1-3; IzEnzo 17:30, 31) Ngakho kufanele kube sobala ukuthi akumelwe sivumele ukuzijabulisa kube into evelele ekuphileni kwethu. Leliphuzu singalifanekisa ngosawoti omncane noma isinongo esikhethekile esithuthukisa ukunambitheka kokudla. Ubungasiqulela yini isinongo kakhulu kangangokuba kuze kuzwakale sona kakhulu kunokudla? Cha, akunjalo neze. Ngokuvumelana namazwi kaJesu akuJohane 4:34 noMathewu 6:33, ukukhathalela kwethu okuyinhloko—khona kanye ukudla kwethu—kufanele kube ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngakho ukuzilibazisa kuba njengesinongo. Kufanele kuqabule futhi kuthuthukise, kungakhathalisi noma kweqe isilinganiso.

10. Kungani sonke kufanele sihlole kabusha ukuzijabulisa kwethu ngokuphathelene nesikhathi esisichithayo kukho?

10 Nokho, ake ume ucabange: Abantu abaningi bebengeke yini bathi isikhathi kanye nokunaka abakunikeza ukuzijabulisa kusesilinganisweni? Uma bebezizwa ngendlela ehlukile, ngabe bakwenza ukulungisa. Ingabe lokhu akusikiseli yini ukuthi ngamunye wethu kufanele eme kancane futhi ahlaziye ngokungathi sína, nangobuqotho, ukuthi ukuzijabulisa kunayiphi ngempela indawo ekuphileni kwethu? Ingabe ngokunyenya kuye kwaba into evelele ekuphileni kwethu? Ngokwesibonelo, ingabe ngokuzenzakalelayo simane nje sivule iTV noma nini lapho sifika ekhaya? Ingabe siye saba nomkhuba wokugcina ingxenye enkulu yesikhathi ngenjongo yokuzijabulisa isonto ngalinye, njengokuthi njalo ngoLwesihlanu kusihlwa noma ngoMgqibelo kusihlwa? Ingabe besingazizwa sidumele uma lesosikhathi sifika sisekhaya futhi kungekho ukuzilibazisa okuhleliwe? Nansi eminye imibuzo emibili: Ngosuku lwangemva kombuthano othile, ingabe sithola ukuthi siye sephuza ukubuya noma sahambe ibanga elide kangangokuba sikhathale saba ingcuba, mhlawumbe sikhathale kakhulu ukuba singahlanganyela enkonzweni yobuKristu noma ukuthi singanikeza umqashi wethu umsebenzi omuhle wosuku? Uma ukuzijabulisa kwethu ngezikhathi ezithile, noma ngokuvamile, kunalowo mphumela, ingabe ngempela kufanelekile futhi kuwukuzijabulisa okusesilinganisweni?—Qhathanisa nezAga 26:17-19.

11. Kungani ukubukeza uhlobo lokuzijabulisa kwethu kufanelekile?

11 Kungase kube kuhle futhi ngathi ukuba sibukeze nohlobo lokuzijabulisa kwethu. Ukuba kwethu izinceku zikaNkulunkulu akusona isiqinisekiso sokuthi ukuzijabulisa kwethu kufanelekile. Cabangela lokho umphostoli uPetru akubhalela amaKristu agcotshiwe: “Isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.” (1 Petru 4:3) Wayengakhombi muntu ngomunwe, esola abazalwane bakhe ngokulingisa lokho okwakwenziwa yilabo abasezweni. Nokho, ukuqapha kubalulekile ngamaKristu (njalo ngezikhathi ezithile) ngoba kalula umuntu angangena ogibeni lokuzijabulisa okulimazayo.—1 Petru 1:2; 2:1; 4:7; 2 Petru 2:13.

Qaphelani Izingibe

12. EyokuQala kaPetru 4:3 iqokomisa luphi uhlobo logibe?

12 Yiluphi uhlobo logibe okufanele siluqaphele? Phela, uPetru waphawula ‘ukudakwa, ukuminza, nokuxokozela.’ Umkhulumeli waseJalimane wachaza ukuthi amagama esiGreki asetshenzisiwe “asebenza ngokuyinhloko ekuphuzeni kokuzijabulisa edilini.” Uprofesa waseSwitzerland wabhala ukuthi leyomikhuba yayivamile emuva ngalesosikhathi: “Lencazelo kumelwe ukuthi iphathelene nemibuthano ehleliwe noma ngisho namaqembu abantu okwakwenziwa kuyo lemisebenzi eyihlazo echaziwe.”

13. Ukusebenzisa utshwala emibuthanweni kuye kwaba kanjani ugibe? (Isaya 5:11, 12)

13 Ukuba nophuzo oludakayo emibuthanweni emikhulu yokuzijabulisa kuye kwaba ugibe kwabaningi. IBhayibheli alikwenqabeli ukusetshenziswa kweziphuzo ezinjalo ngokulinganisela. Njengobufakazi balokhu, uJesu wenza iwayini edilini lomshado eKhana. Kumelwe ukuthi lapho kwakungekho ukuphuza ngokweqile, ngoba uJesu wayeyosekela iseluleko sikaNkulunkulu sokugwema ukuba phakathi kwabantu abayizinseli zewayini. (IzAga 23:20, 21) Kodwa cabangela lomniningwane: Umqondisi walelodili wathi kwamanye amadili kwakukhishwa iwayini elimnandi kuqala ‘kuthi lapho sebephuzé kakhulu, kukhishwe elibi kunalo.’ (Johane 2:10) Ngakho kwakuvamile ngamaJuda ukuba adakwe emishadweni lapho kwakuba newayini eliningi elanela bonke.

14. Iziphi izindlela amaKristu amemile angabhekana ngazo nogibe olungabekwa iziphuzo ezidakayo?

14 Ngokufanelekile, amanye amaKristu amemile aye anquma ukuba newayini, ubhiya, kanye nezinye iziphuzo ezidakayo kuphela uma wona ngokwawo ezoqondisa ukuthi izivakashi zawo zinikezwani noma ziphuzani. Uma iqembu lilikhulu kakhulu ukuba lowo omemile angakwazi ukuqondisa ngokuqondile, njengasemishadweni yamaJuda okukhulunywe ngayo, utshwala obuningi bungaba ugibe oluyingozi. Kungenzeka kube khona umuntu owalwa futhi wayinqoba inkinga yokuphuza. Ungabona ukuthi ukutholakala kotshwala okungalinganiselwa, nokungaqondiswa kungamlinga ukuba aminze futhi enze wonke umuntu angasijabuleli lesenzakalo. Umbonisi futhi owubaba waseJalimane waphawula ukuthi umkhaya wakhe uyazuza ekuhlanganeni okuhle emibuthanweni yokuzijabulisa kanye nakholwa nabo. Nokho, wanezela ngokuthi ithuba lezinkinga nakanjani laliba likhulu ngokwengeziwe lapho ubhiya wawutholakala kalula.

15. Kungafinyelelwa kanjani ukuqondiswa okuhle kwemibuthano yokuzijabulisa?

15 Umshado waseKhana ‘wawunomphathi wokudla.’ (Johane 2:8) Lokhu akusho ukuthi umkhaya omeme iqembu ekhaya lawo ukuba lizohlanganyela ekudleni noma isikhathi sobungane kuyodingeka ukhethe umqondisi. Indoda iyoba nomthwalo wemfanelo wokwengamela lesosenzakalo. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi iqembu liyimikhaya nje emibili noma lingaphezulu kwalokho, kufanele kucace ukuthi othile unomthwalo wemfanelo ngalokho okuqhubekayo. Abazali abaningi bayafuna ukwazi ngalokhu lapho indodana yabo noma indodakazi imenyelwe embuthanweni wokuzijabulisa. Bathintana nalowo obamemile ukuze babuze ukuthi ubani ozobe eqondisa konke okuqhubekayo, kuhlanganise nokuba abe khona kuze kube sekupheleni. Abazali abangamaKristu baye bashintsha ngisho nesimiso sabo siqu ukuze babekhona ukuze kokubili abadala nabancane bakwazi ukujabulela ubudlelwane bomunye nomunye.

16. Iziphi izinto okufanelekayo ukuzicabangela ngokuphathelene nobukhulu bemibuthano?

16 Igatsha laseCanada leWatch Tower Society liyabhala: “Iseluleko ngokuphathelene nokulinganisela ubukhulu bemibuthano yokuzijabulisa siye saqondwa abadala abambalwa njengesisho ukuthi imibuthano emikhulu emadilini omshado iwukweqa leseluleko. Baye baphetha ngokuthi uma selulekwa ukuba sigcine imibuthano yethu yokuzijabulisa imincane, isesilinganisweni esiqondisekayo, kungaba okungalungile ukuba nabantu abangu-200 noma abangu-300 edilini lomshado.”a Kunokugcizelela isilinganiso esinqunywe kusengaphambili sombono womuntu siqu, ukunakekela okuyinhloko kufanele kunikezwe ekuqondiseni okufanele, kungakhathaliseki ukuthi bangaki abazoba khona lapho. Isilinganiso sewayini uJesu alenza sibonisa ukuthi kwakukhona iqembu elikhulu impela emshadweni waseKhana, kodwa ngokusobala wawuqondiswa kahle. Amanye amadili emuva ngalesosikhathi ayengaqondiswa kahle; ubukhulu bawo kungenzeka ukuthi babuyisici esaholela ekungaqondisekini kahle kwawo. Uma umbuthano umkhulu, inselele iba nkulu, ngoba kulula ngababuthakathaka, abathambekele ekweqiseni, ukuba bazikhulumele ngesibindi. Emibuthanweni engenamqondisi bangase bakhuthaze izenzo ezingabazekayo.—1 Korinte 10:6-8.

17. Ukulinganisela kobuKristu kungaboniswa kanjani lapho kuhlelwa umbuthano?

17 Ukuqondisa okuhle umbuthano wokuzijabulisa kuhlanganisa ukuhlelwa kwawo kanye nokuwulungiselela. Lokhu akudingi ukwenza isihloko esikhangayo ukuze wenziwe uvelele noma ukhumbuleke kodwa oyolingisa imicimbi yezwe, njengemidanso egqokelwa izingubo zakhona noma imicimbi egqokelwa izingubo zikanokusho. Ingabe ungacabanga ngamaIsrayeli eZweni Lesithembiso ehlela umcimbi lapho wonke umuntu kwakufanele agqoke njengamaqaba aseGibithe noma elinye izwe? Ingabe ayengahlela umdanso ovusa inkanuko noma umculo oklabalasayo okungenzeka wawuyintandokazi kubantu abangamaqaba? Emuva eNtabeni yaseSinayi, bangena ogibeni lomculo nokudansa okunjengalokho okungenzeka ukuthi kwakuvamile ngalesosikhathi futhi kuthandwa eGibithe. Siyazi ukuthi uNkulunkulu kanye nenceku yakhe evuthiwe uMose bakubheka kanjani lokho kuzijabulisa. (Eksodusi 32:5, 6, 17-19) Ngakho, omemile noma umqondisi wombuthano kufanele acabangele ukuthi uzoba khona yini umculo noma umdanso; futhi uma kunjalo, kufanele aqikelele ukuthi kuvumelana nezimiso zobuKristu.—2 Korinte 6:3.

18, 19. Ikuphi ukuqonda esingakuzuza ngokumenyelwa kukaJesu emshadweni, futhi singakusebenzisa kanjani lokhu?

18 Ekugcineni, siyakhumbula ukuthi “noJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.” (Johane 2:2) Kuyavunywa, umKristu ngamunye noma umkhaya kungenzeka bavakashele abanye ukuze nje babe nesikhathi esimnandi, esakhayo. Kodwa ngokuphathelene nezenzakalo zokuzijabulisa ezihleliwe, okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi ukunquma kusengaphambili ukuthi obani abazoba khona kuyasiza ekuvimbeleni izinkinga. Ukubaluleka kwalokhu kwagcizelelwa umdala eTennessee, eU.S.A., oye wakhulisa amadodana namadodakazi asenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngaphambi kokuba yena noma umkakhe amukele isimemo, noma anikeze izingane zakhe imvume yokuya khona, wayethintana nomemile ukuze aqiniseke ukuthi abazoba khona babecatshangelwe yini kusengaphambili. Umkhaya wakhe wavikeleka ezingibeni eziye zabamba abanye emibuthanweni okungeza noma ubani kuyo, kungakhathaliseki ukuthi eyokudla, ipikiniki, noma ukuzivivinya, njengokudlala ibhola.

19 UJesu wakugxeka ukumemela embuthanweni izihlobo kuphela, abangane abakhulu, noma ontanga noma abasesimweni esifana nesethu ngokomnotho. (Luka 14:12-14; qhathanisa noJobe 31:16-19; IzEnzo 20:7-9.) Uma ubakhetha ngokucophelela ozobamema, kulula ukuhlanganisa amaKristu obudala obuhlukahlukene nezimo. (Roma 12:13; Heberu 13:2) Abambalwa babo bangase babe ababuthakathaka ngokomoya noma abasanda kuhlanganyela abangazuza ekubeni nobudlelwane namaKristu avuthiwe.—IzAga 27:17.

Ukuzijabulisa Okusendaweni Efanele

20, 21. Kungani ukuzijabulisa ngokufanelekile kungaba nendawo ekuphileni kwethu?

20 Kuyafaneleka ngathi njengabantu abesaba uNkulunkulu ukuba nesithakazelo ekuzijabuliseni kwethu nokukhathalela ukuthi lokho kuyafaneleka yini nokuthi siyalinganisela esikhathini esisisebenzisa kukho. (Efesu 2:1-4; 5:15-20) Umbhali ophefumlelwe wencwadi yomShumayeli wazizwa ngaleyondlela: “Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.” (UmShumayeli 8:15) Izinjabulo ezilinganiselayo ezinjalo zingawuqabula umzimba futhi zisize ekuqedeni izinkinga nokukhungatheka okuvamile kulesimiso samanje.

21 Ngokwesibonelo, iphayona laseAustria labhalela umngane omkhulu: “Ngolunye usuku saba nesikhathi esihle sokuyoshaywa umoya. Cishe singu-50 salibangisa echibini elincane eliseduze naseFerlach. UMzalwane uB—— wahola udwendwe ngeveni yakhe, eyayithwele izinto ezintathu zokosa, izihlalo ezigoqwayo, amatafula, kanye netafula lokudlalela ithenisi. Sakujabulela kakhulu. Omunye udade wayephethe inkositini, ngakho kwahlatshelelwa izingoma eziningi zoMbuso. Abazalwane, abancane nabadala, babujabulela ubudlelwane.” Wayenezinkumbulo ezinhle ngokuzilibazisa okuqondiswe kahle okwakungenazo izingibe ezinjengokuphuza ngokweqile noma ukuziphatha okubi.—Jakobe 3:17, 18.

22. Nakuba siwujabulela umbuthano wokuzijabulisa, isiphi isixwayiso ngamunye wethu okufanele asigcine njalo engqondweni?

22 UPawulu wasinxusa ukuba siqaphele singehlulwa izifiso zenyama engaphelele, ingasaphathwa eyokwenza amalungiselelo asenza singavikeleki ezilingweni. (Roma 13:11-14) Lokho kuhlanganisa namalungiselelo ombuthano wokuzijabulisa. Lapho sisisebenzisa iseluleko sakhe kulokho, siyokwazi ukugwema izimo eziye zaholela abanye ekubeni bafelwe umkhumbi ongokomoya. (Luka 21:34-36; 1 Thimothewu 1:19) Kunalokho, ngokuhlakanipha siyokhetha ukuzilibazisa okunempilo okuyosisiza ukuba silondoloze ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Ngaleyondlela siyozuza embuthanweni wokuzijabulisa ongacatshangelwa njengesinye sezipho ezinhle ezivela kuNkulunkulu.—UmShumayeli 5:18.

[Umbhalo waphansi]

a INqabayokulinda kaOctober 15, nekaNovember 1, 1984, yayineseluleko esilinganiselayo ngokuphathelene nemishado kanye namadili emishado. Lowo ozoba umkhwenyana kanye nomakoti wakhe, kanye nabanye abazobasiza, bangabukeza ngokunenzuzo lokhu kwaziswa ngaphambi kokuba benze amalungiselelo abo omshado.

Yini Esiyifundile?

◻ Imuphi umbono olinganiselayo esiwuthola eBhayibhelini ngokuphathelene nokujabulela umbuthano wokuzijabulisa?

◻ Kungani kufanele sicatshangelwe isici sesikhathi kanye nohlobo lokuzijabulisa?

◻ Iziphi ezinye izinto umKristu omemile angazenza ukuze avimbele izingibe?

◻ Uma kufanelekile futhi kulinganiselwa, yini engafezwa ukuzijabulisa kumaKristu?

[Isithombe ekhasini 18]

Omemile noma umqondisi wombuthano unomthwalo wemfanelo wokuqikelela ukuthi izivakashi azingeni ogibeni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela