Imibuzo Evela Kubafundi
OFakazi BakaJehova bakubheka kanjani ukuthenga izimpahla ezebiwe?
AmaKristu ayakugwema ukuba nengxenye ekuthengeni izimpahla aziyo ukuthi zebiwe.
Ukweba kubi ngokuqinisekile. UMthetho kaNkulunkulu ngamaIsrayeli washo ngokukhanyayo: “Ungebi.” (Eksodusi 20:15; Levitikusi 19:11) Uma isela lalibanjiwe, kwakumelwe likhokhe okuphindwe kabili, kane, noma kasihlanu, kuxhomeke ezimweni.
Kusukela ezikhathini zasendulo, amasela aye azama ukudlulisa izimpahla ezebiwe ukuze azenzele inzuzo esheshayo futhi angabanjwa nobufakazi bokuba kwawo necala. Ngenxa yalokhu avame ukuthengisa izimpahla ezebiwe ngenani eliphansi lelo abathengi abaningi abakuthola kunzima ukulenqaba. Umkhuba onjalo kungenzeka wawuhilelekile kulokho esikufunda kuEksodusi 22:1: “Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.”
Ecabangela lokho imithetho enjalo ekushoyo, uRabi Abraham Chill uyabhala: “Akuvunyelwe ukuthenga noma ukwamukela impahla eyebiwe, ngisho noma leyompahla ingabhekwa njengeyebiwe. Ngakho-ke umuntu akumelwe athenge imbuzi kumalusi, ngoba kungenzeka umalusi uyithengisa engazi umqashi wakhe futhi uhlose ukuzithathela leyomali.”—The Mitzvot—The Commandments and Their Rationale.
Eqinisweni, umthetho kaNkulunkulu awukwenqabeli ‘ukuthenga imbuzi kumalusi’ ngoba nje usola ukuthi angase azithathele imali yomqashi wakhe, okufanayo nokuthengisa imbuzi eyebiwe. Kodwa ngakolunye uhlangothi lwendaba, izinceku zikaJehova akufanele zibe nengxenye ekuthengeni (imbuzi noma yikuphi okunye) lapho kubonakala ngokucacile ukuthi akuyona eyalona othengisayo noma kungenzeka yebiwe. Umthetho kaNkulunkulu ubonisa ukuthi uyayiqaphela impahla yomuntu, kodwa isela liphanga umnikazi impahla yakhe. Umuntu othenga into okwaziwayo ukuthi yebiwe angase angabhekwa njengesela, kodwa ukuthenga kwakhe kunciphisa ithuba lokuthi umnikazi wempahla uyophinde ayithole.—IzAga 16:19; qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 4:6.
Sonke siyaqonda ukuthi abathengi bafuna ukuthenga izimpahla ngenani elingcono kakhulu. Emhlabeni wonke abesifazane bafuna ukuthenga ngamanani amahle, bazame ukungathengi ngokushesha kuze kube inkathi yamanani aphansi, noma bathenge ezimakethe ezithengisa izinto ngobuningi noma ezitolo ezinezindleko ezincane futhi ngaleyondlela ngamanani angcono kakhulu. (IzAga 31:14) Nokho, isithakazelo esinjalo ekutholeni amanani aphansi kufanele sibe nokulinganisela okuqotho. Abathembekile ezinsukwini zikaNehemiya benqaba ukuthenga ngeSabatha, ngisho noma babengase bathole amanani aphansi ngalezozinsuku. (Nehemiya 10:31; qhathanisa noAmose 8:4-6.) Kungokufanayo nangamaKristu. Ukulahla kwawo ukweba kuwasiza ukuba alawule noma yisiphi isilingo sokuthenga ngamanani aphansi izimpahla okusobala ukuthi zebiwe.
Kungenzeka kuyaziwa nje ukuthi abathengisi abathile bathengisa izimpahla ezebiwe. Noma inani elishiwo ngasese lingase libe phansi kakhulu kangangokuba noma yimuphi umuntu ovamile angaphetha ngokuthi kungenzeka leyompahla yatholakala ngokungemthetho. Ngisho nomthetho wendawo ungasibona isidingo sokucabanga kanjalo. Umqulu ophathelene nezimiso zemthetho uyaphawula:
“Akudingekile olwazini oluyimfuneko lokuba kwesenzo ubugebengu ukuba obekwe icala azi ukuthi impahla yebiwe kubani noma ngubani, noma yebiwe nini noma kuphi, noma yebiwe ezimweni ezinjani, kodwa kwanele ukwazi ukuthi yebiwe. . . . Ezinye izinkantolo zinombono wokuthi ukwazi komuntu ukuthi isenzo siwubugebengu kunganqunywa ngeqiniso lokuthi ummangalelwa wathola leyompahla ngaphansi kwezimo ezingatholwa ngisho nawumuntu ongahlakaniphile kangako nongaqaphile ukuthi yebiwe.”
Lokhu kunezela isizathu esizwakalayo ngomKristu ukuba agweme ukuthenga izimpahla ezebiwe. Ukuthenga kwakhe izimpahla ezinjalo kungamenza isaphula-mthetho. Eqinisweni, kwamanye amazwe umuntu othenga izinto ezebiwe ngaphansi kwanoma iziphi izimo uyobhekwa njengonecala lokwaphula umthetho. Abantu abaningi abangabazi ukwephula umthetho uma becabanga ukuthi ngeke babanjwe. Lokho akunjalo ngamaKristu, afuna ‘ukuzithoba emagunyeni aphakeme.’ Ukuthobela umthetho kuyawavikela ekuboshweni njengezigebengu, futhi kuyawasiza ekubeni nonembeza omuhle phambi kukaJehova.—Roma 13:1, 4, 5.
UAbrahama umhlobo kaNkulunkulu wabeka isibonelo esihle ngokuphathelene nonembeza. Osukwini lwakhe, ababusi abane basempumalanga banqoba amakhosi alapho kwakuhlala khona uLoti, bahamba nezimpahla eziningi eziyigugu njengempango yezempi. UAbrahama wazixosha, wazinqoba izitha, futhi wabuyisela emuva izimpahla ezebiwe. Inkosi yaseSodoma yatshela uAbrahama: “Zithathele impahla” njengomvuzo. Kunalokho, uAbrahama wabuyisela izimpahla kumnikazi wazo, ethi: ‘Angiyikuthatha lutho kokwakho, ukuba ungasho ukuthi, Ngimcebisile uAbrahama.’—Genesise 14:1-24.
AmaKristu awanasithakazelo kunoma iyiphi inzuzo engokwezimali engatholakala ngezimpahla ezebiwe. UJeremiya wabhala: “Intendele efukamela ingazalanga, unjalo owenza ingcebo ngokungalungi.” (Jeremiya 17:11) Ngakho, ngaphezu kokubonisa ukuhlakanipha ngokungayephuli imithetho kaKesari ephathelene nempahla eyebiwe, amaKristu afisa ukuphakamisa ubulungisa bukaNkulunkulu ngokwenqaba ukuzihlanganisa nganoma iyiphi indlela nokungabi nabulungisa kokweba. UDavide wabhala ngokufanelekile: “Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.”—IHubo 37:16.