Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 6/15 k. 32
  • Bangafunda Ezinyosini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bangafunda Ezinyosini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 6/15 k. 32

Bangafunda Ezinyosini

“Eminyakeni yamuva, onjiniyela kanye nabaklami bemikhiqizo baye baqaphela ngokwengeziwe okuthile izinyosi ngokusobala ebezilokhu zikwazi: ukwenza ngisho nento elulana ibe nesimo samakhekheba anezinhlangothi eziyisithuba kuyenza iqine kakhulu kunokuba beyingaba njalo uma imi ngenye indlela.”—The New York Times, October 6, 1991.

AKUMANGALISI ukuthi abantu bangazuza ekuhloleni ngokucophelela izinambuzane. Indoda yasendulo yokholo, uJobe, yake yathi: “Mawubuze izinkomo, ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu, ziyakukutshela. . . . Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?” (Jobe 12:7-9) Yebo, ukuhlakanipha koMdali kubonakala ezintweni ezivamile ezinjengesimo esinezinhlangothi eziyisithupha zamangqamuzana ongasibona ekhekhebeni.

Nakuba izindonga eziyinomfi zalamangqamuzana zicishe zibe ingxenye yesithathu nje yemilimitha ubuqatha, ziqine ngokwedlulele. Eqinisweni, zingakwazi ukuthwala okuthile okunesisindo esidlula esazo esiphindwe izikhathi ezingu-30.

Lamandla angasetshenziswa ezintweni ezisetshenziswa ngokoqobo njengokuvikela into ethile ukuba ingashayeki kanzima. Avikela nezinto zempi ezehliselwa emhlabeni ngeparachute. INew York Times iyaphawula ngalokhu: “Izinto ezinzima njengamaveni ziboshelwa ezintweni ezisasiteji ezinezitini zamakhekheba ngaphansi ukuze zivikeleke zingashayeki kakhulu lapho zehliselwa phansi.”

Imikhiqizo eyenziwe ngumuntu ngalomklamo ingenziwa ngezinto eziningi. Evame kakhulu iphepha. Iphepha lenylon-fiber neleresin asetshenziselwa ukwenza amakhekheba afakwa ngaphakathi kwezinye izindiza ezinkulu. Amandla aba nesisindo esincane ngokuqhathaniswa. Kungani? Izikhala eziningi eziphakathi kokwehlukanisayo zinomoya ngakho isisindo siba sincane. Umoya nawo unezimfanelo ezinhle zokwehlukanisa.

Inyosi “ayikwazi” ngempela konke lokhu, ngoba ayinasiqu sobunjiniyela. Nokho, nsuku zonke yenza umsebenzi wayo ngokuhlakanipha okushukunyiswa umzwelo owafakwa uMdali, uJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela