Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 6/15 kk. 12-17
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukubamba Abantu Bephila”
  • Abadobi Babantu
  • Ukudoba Olwandle Oluyisintu
  • Ukudoba Abantu ‘Osukwini LweNkosi’
  • Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukubizwa Kwabafundi Abane
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Abafundi Abane Bayabizwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukudoba Abantu Emanzini Asembulungeni Yonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 6/15 kk. 12-17

Ukukhonza Njengabadobi Babantu

“UJesu wathi kuSimoni: Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu [bephila, “NW”].”—LUKA 5:10.

1, 2. (a) Ukudoba kuye kwaba nayiphi indima emlandweni wesintu? (b) Yiluphi uhlobo olusha lokudoba olwethulwa eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule?

IZINKULUNGWANE zeminyaka, isintu siye sadoba ukudla ezilwandle zomhlaba, amachibi, nemifula. Izinhlanzi zaseNayile zaziyingxenye ebalulekile yokudla kwaseGibithe lasendulo. Lapho amanzi eNayile ephendulwa igazi osukwini lukaMose, abaseGibithe abazange bahlupheke nje kuphela ngenxa yokuntuleka kwamanzi okwaba umphumela kodwa futhi nangenxa yokuthi izinhlanzi zafa, okwathinta umthombo wabo wokudla. Kamuva, eSinayi, lapho uJehova enikeza amaIsrayeli uMthetho, wawatshela ukuthi izinhlanzi ezithile zazingase zidliwe nokuthi ezinye zazingcolile, kwakungamelwe zidliwe. Lokhu kwabonisa ukuthi amaIsrayeli ayeyozidla izinhlanzi lapho efika eZweni Lesithembiso, ngakho abanye kuwo babezoba abadobi.—Eksodusi 7:20, 21; Levitikusi 11:9-12.

2 Nokho, eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, kwethulwa olunye uhlobo lokudoba esintwini. Lolu kwakuwuhlobo lokudoba okungokomoya olwalungeke luzuzise abadobi nje kuphela kodwa olwaluyozuzisa nezinhlanzi! Loluhlobo lokudoba lusenziwa nanamuhla, okuphumela ezinzuzweni ezinkulu ezigidini emhlabeni wonke.

“Ukubamba Abantu Bephila”

3, 4. Yibaphi abadobi ababili ababonisa isithakazelo esikhulu kuJesu Kristu?

3 Ngonyaka ka-29 C.E., uJesu, Lowo owayezokwethula loluhlobo olusha lokudoba, wabhapathizwa uJohane uMbhapathizi emfuleni iJordani. Emasontweni ambalwa kamuva, uJohane wakhomba uJesu ebonisa abafundi bakhe ababili wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.” Omunye walabafundi, okwakuthiwa uAndreya, ngokushesha watshela umfowabo uSimoni Petru: “Simfumene uMesiya”! Ngokuthakazelisayo, umsebenzi ka-Andreya noSimoni kwakuwukudoba.—Johane 1:35, 36, 40, 41; Mathewu 4:18.

4 Esikhathini esithile kamuva, uJesu wayeshumayela ezixukwini ngasoLwandle LwaseGalile, eduze nalapho kwakuhlala khona uPetru noAndreya. Wayetshela abantu: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:13, 17) Singacabanga ukuthi uPetru noAndreya babekulangazelela ukuzwa isigijimi sakhe. Nokho, cishe babengaqondi ukuthi uJesu wayesezokusho okuthile kubo okwakuyokushintsha phakade ukuphila kwabo. Ngaphezu kwalokho, lokho uJesu ayezokusho futhi akwenze phambi kwabo kusho okuthile okubalulekile ngathi sonke namuhla.

5. Umdobi uPetru wakwazi kanjani ukusiza uJesu?

5 Siyafunda: “Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha.” (Luka 5:1, 2) Emuva ngalesosikhathi, abadobi abangochwepheshe ngokuvamile babesebenza ebusuku, futhi lamadoda ayehlanza amanetha awo ngemva kokudoba ebusuku. UJesu wanquma ukusebenzisa omunye wemikhumbi yabo ukuze ashumayele ngokuphumelela ngokwengeziwe esixukwini. “Esengené komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.”—Luka 5:3.

6, 7. Yisiphi isimangaliso esihilela ukudoba esenziwa uJesu, esaholela kuyiphi inkulumo ephathelene nokudoba?

6 Phawula ukuthi uJesu wayecabanga ngokuthile okwakungaphezu kokufundisa izixuku: “Kuthé esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” Khumbula, labadobi kakade base besebenze ubusuku bonke. Akumangalisi ukuthi uPetru uyaphendula: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga-lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.” Kwenzekani lapho benza lokhu? “Babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo. Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.”—Luka 5:4-7.

7 UJesu wayenze isimangaliso. Leyongxenye enkulu yolwandle yayingenazinhlanzi ubusuku bonke; manje yayisigcwele izinhlanzi. Lesimangaliso samthinta kakhulu uPetru. “USimoni Petru . . . waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni. Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba yena kanye nabo bonke ababenaye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni.” UJesu wamduduza uPetru wayesesho amazwi ayezoshintsha ukuphila kukaPetru. “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu [bephila, NW].”—Luka 5:8-10.

Abadobi Babantu

8. Abadobi abane abangochwepheshe basabela kanjani esimemweni ‘sokubamba abantu bephila’?

8 Kanjalo uJesu wafanisa abantu nezinhlanzi, futhi wamema lomdobi othobekile ukuba adele umsebenzi wakhe wokuziphilisa ukuze enze uhlobo lokudoba oluhle kakhulu—ukubamba abantu bephila. UPetru, nomfowabo uAndreya, basamukela isimemo. “Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.” (Mathewu 4:18-20) Ngemva kwalokho uJesu wabiza uJakobe noJohane, ababesemkhunjini wabo belungisa amanetha abo. Wabamema nalaba ukuba babe abadobi babantu. Basabela kanjani? “Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.” (Mathewu 4:21, 22) UJesu wabonisa ikhono lokuba umdobi wemiphefumulo. Kulokhu wabamba abantu abane bephila.

9, 10. Yiluphi ukholo olwaboniswa uPetru nabangane bakhe, futhi bakuqeqeshelwa kanjani ukudoba okungokomoya?

9 Umdobi onguchwepheshe uziphilisa ngokuthengisa izinhlanzi azibambile, kodwa umdobi ongokomoya akanakukwenza lokho. Ngakho, labafundi babonisa ukholo olukhulu lapho beshiya konke ukuze balandele uJesu. Nokho, babengangabazi ukuthi ukudoba kwabo okungokomoya kwakuyoba impumelelo. UJesu wayekwazile ukwenza amanzi angakhiqizi agcwale izinhlanzi zangempela. Ngokufanayo, lapho behlisela amanetha abo emanzini ayisizwe samaIsrayeli, abafundi babengaqiniseka, ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu, babeyobamba abantu bephila. Umsebenzi wokudoba okungokomoya owaqala emuva ngalesosikhathi usaqhubeka, futhi uJehova usanikeza isivuno esicebile.

10 Iminyaka engaphezu kwemibili, uJesu waqeqeshela labobafundi ukuba badobe abantu. Ngezikhathi ezithile wayebanikeza iziyalezo ngokucophelela futhi abathume ukuba bamandulele ekushumayeleni. (Mathewu 10:1-7; Luka 10:1-11) Lapho uJesu ekhashelwa futhi ebulawa, abafundi bashaqeka. Kodwa ingabe ukufa kukaJesu kwasho ukuthi abantu babengeke besadotshwa? Izenzakalo ngokushesha zanikeza impendulo.

Ukudoba Olwandle Oluyisintu

11, 12. Ngemva kokuvuswa kwakhe, isiphi isimangaliso uJesu asenza esasiphathelene nokudoba?

11 Ngokushesha ngemva kokufa kukaJesu ngaphandle kweJerusalema nokuvuka kwakhe, abafundi baphindela eGalile. Ngesinye isikhathi abayisikhombisa babo babendawonye ngasoLwandle LwaseGalile. UPetru wathi wayeyodoba, abanye bamlandela. Njengokuvamile, badoba ebusuku. Eqinisweni, baphinde behlisela amanetha abo olwandle ubusuku bonke bengabambi lutho. Khona-ke entathakusa, isithunzi esabonakala simi ogwini sabamemeza besemanzini: “Bantwana, aninakho ukudla na?” Abafundi baphendula: “Qha.” Ngakho lowo owayemi ogwini wathi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola. Base bephonsa, ababe besaba-namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.”—Johane 21:5, 6.

12 Yeka okuhlangenwe nakho okumangalisayo! Cishe abafundi bakhumbula isimangaliso sangaphambili esasihilela ukudoba, futhi okungenani oyedwa kubo wabona ukuthi lesithunzi esisogwini sasingubani. “Lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba-ze, waziphonsa elwandle. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili.”—Johane 21:7, 8.

13. Ngemva kokwenyukela kukaJesu ezulwini, yisiphi isimiso sokudoba somhlaba wonke esaqaliswa?

13 Lesimangaliso sasibonisani? Ukuthi umsebenzi wokudoba abantu wawungakapheli. Leliqiniso lagcizelelwa lapho uJesu etshela uPetru izikhathi ezintathu—futhi ngaye etshela bonke abafundi—ukuba aphe izimvu zikaJesu. (Johane 21:15-17) Yebo, kwakusazoba nesimiso sokondla okungokomoya. Ngaphambi kokufa kwakhe, wayeprofethile: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Manje kwase kuyisikhathi sokuba kuqale ukugcwaliseka kwalesiprofetho kwekhulu lokuqala leminyaka. Abafundi bakhe base bezokwehlisela amanetha abo olwandle oluyisintu, futhi amanetha ayengeke aphume engenalutho.—Mathewu 28:19, 20.

14. Ukudoba kwabalandeli bakaJesu kwabusiswa ngayiphi indlela eminyakeni eyandulela ukubhujiswa kweJerusalema?

14 Ngaphambi kokuba anyukele esihlalweni sobukhosi sikaYise ezulwini, uJesu wathi kubalandeli bakhe: ‘Nizakwamukeliswa amandla, umoya ongcwele usufikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.’ (IzEnzo 1:8) Lapho umoya ongcwele uthululelwa phezu kwabafundi ngePentekoste lika-33 C.E., kwaqalisa umsebenzi omkhulu wokudoba okungokomoya ezweni lonke. Ngosuku lwePentekoste lulodwa, imiphefumulo eyizinkulungwane ezintathu yabanjwa iphila, futhi ngokushesha ngemva kwalokho “umumo wamadoda waba-kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.” (IzEnzo 2:41; 4:4) Ukwanda kwaqhubeka. Umlando uyasitshela: “Benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane.” (IzEnzo 5:14) Ngokushesha, abaseSamariya basabela ezindabeni ezinhle, futhi ngokushesha ngemva kwalokho kwasabela nabeZizwe abangasokile. (IzEnzo 8:4-8; 10:24, 44-48) Eminyakeni engaba ngu-27 ngemva kwePentekoste, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseKolose ukuthi izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwe kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.’ (Kolose 1:23) Ngokusobala, abafundi bakaJesu base bedobe kude namanzi aseGalile. Babehlisele amanetha abo phakathi kwamaJuda ayesakazeke eMbusweni waseRoma, kanye nasolwandle olwalubonakala lungathembisi lwabantu abangewona amaJuda. Futhi amanetha abo aphuma egcwele. Ngenxa yezidingo zamaKristu ekhulu lokuqala leminyaka, isiprofetho sikaJesu esikuMathewu 24:14 sagcwaliseka ngaphambi kokuba iJerusalema libhujiswe ngo-70 C.E.

Ukudoba Abantu ‘Osukwini LweNkosi’

15. Encwadini yesAmbulo, kwaprofethwa ngamuphi omunye umsebenzi wokudoba, futhi wawuyofezwa nini?

15 Nokho, okuningi kwakuseza. Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka, uJehova wanikeza umphostoli wokugcina owayesaphila, uJohane, isambulo sezinto ezazizokwenzeka phakathi ‘nosuku lweNkosi.’ (IsAmbulo 1:1, 10) Esinye isici esivelele sasizoba ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke. Siyafunda: “Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayele kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi izinceku zikaNkulunkulu zaziyoshumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke owakhiwe, hhayi nje kuwo wonke uMbuso waseRoma. Kwakumelwe kwenziwe umsebenzi wembulunga yonke wokudoba imiphefumulo, futhi lowombono uye wagcwaliseka osukwini lwethu.

16, 17. Umsebenzi wokudoba okungokomoya wosuku lwanamuhla waqala nini, futhi uJehova uye wawubusisa kanjani?

16 Kuye kwaba njani ukudoba phakathi nekhulu lama-20 leminyaka? Ekuqaleni, abadobi babembalwa uma kuqhathaniswa. Ngemva kokuphela kweMpi Yezwe I, kwakunabashumayeli bezindaba ezinhle abakhuthele abacishe babe izinkulungwane ezine kuphela, abesilisa nabesifazane abashisekayo ngokuyinhloko ababengabagcotshiwe. Baphonsa amanetha abo nomaphi lapho uJehova ayevula khona indlela, futhi imiphefumulo eminingi yabanjwa iphila. Ngemva kwempi yezwe yesibili, uJehova wavula amanzi amasha okwakungase kudotshwe kuwo. Izithunywa zevangeli ezaziye eWatchtower Bible School of Gilead zahola emsebenzini emazweni amaningi. Amazwe anjengeJapane, i-Italy, neSpain, ekuqaleni okwakubonakala sengathi awanazithelo, ekugcineni aba nesivuno semiphefumulo esicebile. Muva nje siye sathola nokuthi kuye kwaba impumelelo kangakanani ukudoba eMpumalanga Yurophu.

17 Namuhla, emazweni amaningi amanetha asecishe ayadabuka. Isivuno esikhulu semiphefumulo siye senza kwadingeka ukuba kuhlelwe amabandla amasha nezifunda. Ukuze kunakekelwe lemiphefumulo, kwakhiwa amaHholo OMbuso namaHholo OMhlangano amasha ngaso sonke isikhathi. Kudingeka abadala abengeziwe nezinceku ezikhonzayo ukuze banakekele ukwanda. Umsebenzi omkhulu waqaliswa yilabobantu abathembekile emuva ngo-1919. UIsaya 60:22 uye wagcwaliseka ngokoqobo. ‘Omncane useye waba inkulungwane,’ njengoba labobadobi abayizinkulungwane ezine beye baba ngaphezu kwezigidi ezine namuhla. Futhi ukuphela akukafiki.

18. Singasilingisa kanjani isibonelo esihle sabadobi abangokomoya babantu bekhulu lokuqala leminyaka?

18 Konke lokhu kusho ukuthini ngathi ngabanye? Umbhalo uthi lapho uPetru, uAndreya, uJakobe, kanye noJohane bemenywa ukuba babe abadobi babantu, “bashiya konke, bamlandela [uJesu].” (Luka 5:11) Yeka isibonelo esihle sokholo nokuzinikezela! Ingabe nathi singawuhlakulela umoya ofanayo wokuzidela, ukuzimisela okufanayo ukukhonza uJehova kungakhathaliseki ukuthi yini eyosilahlekela? Izigidi ziye zathi zingakwazi. Ekhulwini lokuqala leminyaka, abafundi badoba abantu noma kuphi lapho uJehova ayevuma khona. Kungakhathaliseki ukuthi kwakuphakathi kwamaJuda noma abeZizwe, badoba ngokungazigodli. Nathi masishumayele kubo bonke ngaphandle kwanoma ikuphi ukuzigodla noma ubandlululo.

19. Yini okufanele siyenze uma amanzi esidoba kuwo ebonakala engakhiqizi?

19 Nokho, kuthiwani uma insimu yenu okwamanje ibonakala ingatheli? Ningadumali. Khumbulani, uJesu wagcwalisa amanetha abafundi ngemva kokuba bedobe ubusuku bonke bengabambi lutho. Kungenzeka okufanayo ngendlela engokomoya. Ngokwesibonelo, eIreland oFakazi abathembekile bakhandleka iminyaka eminingi bethola imiphumela emincane. Nokho, muva nje lokho kuye kwashintsha. IYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1991 ibika ukuthi ekupheleni konyaka wenkonzo ka-1990, i-Ireland yaba namanani aphakeme angu-29 alandelanayo! Mhlawumbe ngolunye usuku insimu yenu iyokhiqiza ngokufanayo. Uma nje uJehova esakuvumele, qhubekani nidoba!

20. Kunini lapho kufanele sibadobe khona abantu?

20 KwaIsrayeli, abadobi babedoba ebusuku, lapho bonke abanye abantu belele befudumele futhi bethokomele. Babengaphumi ngesikhathi esasilungele bona, kodwa ngesikhathi ababengabamba ngaso izinhlanzi eziningi. Nathi futhi kufanele sihlole insimu yethu ukuze siyodoba, ngomqondo ongokomfanekiso, lapho abantu abaningi besekhaya futhi bethambekele ekulaleleni. Lokhu kungase kube ngezikhathi zakusihlwa, ngezimpela-sonto, noma ngesinye isikhathi. Kungakhathaliseki ukuthi kunini, masenze konke esingakwenza ukuze sithole abantu abanezinhliziyo ezinhle.

21. Yini okufanele siyikhumbule lapho insimu yethu isetshenzwa njalo?

21 Kuthiwani uma insimu yethu isetshenzwa njalo? Abadobi abangochwepheshe emhlabeni ngokuvamile bakhononda ngokuthi izindawo abadoba kuzo kudotshwa kuzo ngokweqile. Kodwa ingabe kungenzeka ukuba izindawo esidoba kuzo ngokomoya kudotshwe kuzo ngokweqile? Phinde! Amasimu amaningi aveza ukwanda ngisho nalapho ehlanganiswa njalo. Amanye akhiqiza kangcono ngenxa yokuthi asetshenzwa kahle. Nokho, lapho amakhaya evakashelwa kaningi, qikelelani kakhulu ukuba kubhalwe zonke izindlu okungatholakalanga muntu kuzo futhi kuyiwe kuzo kamuva. Fundani izihloko zengxoxo ezihlukahlukene. Khumbulani ukuthi kunomunye umuntu ozophinde abavakashele ngokushesha, ngakho ningahlali isikhathi eside ngokweqile lapho namukelwa noma ngokungaqapheli nenze umninikhaya aphikise. Futhi thuthukisani amakhono enu emsebenzini wasemgwaqweni nasekufakazeni ngokwethukela. Yehlisani amanetha enu angokomoya ngazo zonke izikhathi nangazo zonke izindlela ezikhona.

22. Yiliphi ilungelo elihle kakhulu esilijabulelayo manje?

22 Khumbula, kulokhu kudoba kuzuza abadobi kanye nezinhlanzi. Uma labo esibabambayo bekhuthazela, bangaphila phakade. UPawulu wakhuthaza uThimothewu: “Ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.” (1 Thimothewu 4:16) NguJesu owaqala ukuqeqeshela abafundi bakhe ukudoba okungokomoya, futhi lomsebenzi usenziwa ngaphansi kokuqondisa kwakhe. (Qhathanisa nesAmbulo 14:14-16.) Yeka ilungelo elihle kakhulu esinalo lokusebenza ngaphansi kwakhe ekwenzeni lomsebenzi! Masiqhubeke sehlisa amanetha ethu uma nje uJehova evuma. Yimuphi umsebenzi omkhulu ongaba khona kulezinsuku zokugcina odlula lowo wokubamba imiphefumulo iphila?

Ingabe Ungakhumbula?

◻ Yimuphi umsebenzi uJesu aqeqesha abalandeli bakhe ukuba bawenze?

◻ UJesu wabonisa kanjani ukuthi umsebenzi wokudoba okungokomoya awuzange upheliswe ukufa kwakhe?

◻ UJehova wawubusisa ngayiphi indlela umsebenzi wokudoba okungokomoya ekhulwini lokuqala leminyaka?

◻ Yisiphi isivuno esicebile sezinhlanzi esiye sadotshwa phakathi ‘nosuku lweNkosi’?

◻ Thina ngabanye singaba kanjani abadobi babantu abaphumelela ngisho nangokwengeziwe?

[Isithombe ekhasini 15]

Ngemva kokuvuswa kukaJesu, abaphostoli bakhe bawandisa umsebenzi ongokwaphezulu wokudoba abantu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela