Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Iqiniso LeBhayibheli Likhulula Indelakazi eBolivia
ABANTU abaningi abanhliziyo ziqotho bayabaleka enkolweni yamanga, bafunda iqiniso leBhayibheli, futhi beza ukuzokhulekela uJehova, uNkulunkulu weqiniso. Abangaphezu kuka-7 600 baye benza kanjalo eBolivia, kuhlanganise nendelakazi.
Lapho eneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela ubudala, uM—— wahlangana okokuqala ngqá nomunye woFakazi BakaJehova. Wavula emnyango lapho uFakazi efika ekhaya lakhe, futhi ngokokuqala ngqá, wezwa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, liphinyiswa. Akazange alilibale iminyaka eminingi.
Njengoba ayewukuphela kwentombazane emkhayeni, kwanqunywa ukuthi kwakufanele abe yindelakazi. “Yeka ukuthi ngazizwa ngijabule kanjani ngokuthi ngangizoba senkonzweni kaNkulunkulu—okungenani, yilokho engangikucabanga,” kusho uM——. Kodwa injabulo yakhe yaphenduka yaba ukuzikhohlisa lapho ebona ukungalungi nokukhetha okuqhutshwa ekhaya lezindelakazi. Uthi: “Mhlawumbe ngeke ngilukhohlwe lolochungechunge lokucindezeleka nalokho kushaywa okungokwenyama nokungokomoya okwakubuhlungu ngempela, okwangenza ngabheka uNkulunkulu, hhayi njengonothando, kodwa njengojezisa ngokungenasihawu.”
Uyaqhubeka: “Ngesikhathi engaba yindelakazi ngaso, ngangehlulekile ukuthola igama elithi Jehova eBhayibhelini. Ngamane ngathola elithi ‘Yahweh,’ futhi lokho kwangimangaza. Ngolunye usuku ngaze ngaphuma ukuyofuna labobantu ababekhuluma ngoJehova, kodwa angibatholanga.”
“Isikhathi sedlula, futhi ngolunye usuku lapho ngangisendleleni ngiya ekhaya, ngabona uphawu oluthi, ‘IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.’ Ngangifuna ukubatshela ukuthi bangabaprofethi bamanga, kodwa kwakungekho muntu kulelohholo. Ngaphindela ngeSonto. Umhlangano wawuqhubeka, futhi isibalo esikhulu sabantu sabonakala simangele ukubona indelakazi ephelele ngezambatho zayo ikhona. Ngemuva komhlangano, ngazama ukuphuma ngokushesha. Nokho, omunye woFakazi wangibingelela, ngakho ngambuza, ‘Kungani nihlambalaza oNgcwele ngokusebenzisa leligama?’ Umbuzo wami waholela engxoxweni yeBhayibheli, futhi ngenza amalungiselelo okuba angivakashele ekhaya kithi. Abazali bami bamxosha. Nokho, saphinde sahlangana ngemva kwezinyanga ezimbili, futhi wangimemela isifundo seBhayibheli ekhaya lakhe. Ngathinteka kakhulu ngokwaziswa angibonisa khona, okuqinisekisa ukuthi amaKristu kufanele asebenzise igama likaNkulunkulu. Lobobufakazi banginikeza amandla adingekayo ukuba ngishiye zonke izinto eziyize engangizifundiswe njengendelakazi.
“Ngikhumbula izinto eziningi ngokuphila kwami ekhaya lezindelakazi. Ngokwesibonelo, ngake ngadinga ukudla okwengeziwe. Ngakho ngabhalela abazali bami futhi ngacela ukuba bangithumelele okwengeziwe, ngingaqapheli ukuthi izincwadi zazibanjwa ekhaya lezindelakazi. Esidlweni esilandelayo, kwabekwa phambi kwami isinkwa esiningi nojeli, futhi ngacindezelwa ukuba ngikudle ngikuqede. Manje ngase nginokudla okuningi. Ngatshela abangane bami ngalokhu, futhi omunye wasikisela ukuba ngisicube isinkwa engingenakusidla futhi ngisiwise phansi. Lapho sengikwenzile lokho, enye indelakazi yangibamba ngokushesha futhi yangiphonsa phansi, nomyalo onzima wokuba ngikhothe konke okuphansi kusimende ngolimi kuze kuhlanzeke. Leligumbi lalilikhulu. Ngisenza engangikuyaliwe, ngezwa ukugigitheka nokuhleka okukhulu—akukho musa owaboniswa.
“Manje ngibona indlela okumangalisa ngayo ukukhululeka kukho konke lokhu. Njengoba kulindelekile, lenkululeko yahilela ukuzidela. Phakathi kwezinye izinto, ubaba wangixosha ekhaya. Nakuba kunjalo, ngaphambi kokushiya ikhaya lezindelakazi, ngaba nelungelo lokusiza ezinye izindelakazi ezisezintsha ukuba zifunde iqiniso. Ngiyajabula ukusho ukuthi abanye bethu baye banikezela ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu!
“Ngemva kokuba ngihambe ekhaya lezindelakazi, kwaba nzima ngobaba ukuqonda ukuthi kungani ngangiyeka imisebenzi eholela kahle kodwa edla isikhathi. Nokho, ngangifuna isikhathi esengeziwe senkonzo kaNkulunkulu. Manje ngikhonza njengephayona elivamile, ngokuphila okungeyona inkimbinkimbi futhi okuzuzisa kakhulu. Futhi okujabulisa kakhulu, umama nabafowethu baye bahlanganyela nami enkonzweni kaJehova.”
Ngempela, iqiniso leBhayibheli liyamkhulula umuntu kulesimiso sezwe senkolo yamanga, futhi liletha injabulo ehlala njalo nokwenama.—Johane 8:32.