UJehova Wasinakekela Ngaphansi Kokuvinjelwa—INgxenye 1
Emashumini amaningi eminyaka oFakazi BakaJehova baye bazibuza ngabafowabo abasemazweni lapho imisebenzi yabo yobuKristu ibivinjelwe khona. Siyajabula ukunethulela esokuqala sezihloko ezintathu ezembula okunye kwalokho okwenzeka. Lokhu ukulandisa komuntu siqu ngezinto amaKristu athembekile abhekana nazo kuleyondawo ngalesosikhathi eyayaziwa ngokuthi iMpumalanga Jalimane.
NGO-1944, ngangiyisiboshwa sempi saseJalimane, ngisebenza njengesisebenzi sasesibhedlela eKamu laseCumnock, eduze naseAyr, eScotland. Ngangivunyelwe ukuhamba ngaphandle kwekamu, nakuba kwakwenqatshelwe ukuba ngihlangane nabantu bendawo. Lapho ngisazihambela nje ngolunye usuku lwangeSonto, ngahlangana nendoda ethile eyenza imizamo eqotho yokungichazela izinto eziseBhayibhelini. Kamuva sasivame ukuzihambela nje sizishayelwe umoya ndawonye.
Ngokuhamba kwesikhathi yangimemela embuthanweni othile emzini othile. Lokhu kwakuyingozi kuyo, njengoba ngangiyilungu lesizwe esiyisitha. Ngalesosikhathi angizange ngiqaphele ukuthi yayingomunye woFakazi BakaJehova—lomhlangano ngokusobala wawungowelinye lamaqembu abo amancane okutadisha iBhayibheli. Nakuba ngangingakuqondi okuningi, ngiwukhumbula kahle umfanekiso womntwana owayegqoke ingubo ende emhlophe, ekanye nebhubesi newundlu. Lomfanekiso wezwe elisha, njengoba uchazwe encwadini yeBhayibheli kaIsaya, wangihlaba umxhwele kakhulu.
NgoDecember 1947, ngakhululwa ejele lakulelikamu. Lapho ngiphindela ekhaya eJalimane, ngashada noMargit, engangimazé ngaphambi kwempi. Sakha umuzi wethu eZittau, eduze nomngcele wasePoland naseCzechoslovakia. Phakathi nezinsuku ezimbalwa, omunye woFakazi BakaJehova wangqongqoza emnyango wethu. “Uma leli kuyiqembu elifana nengahlangana nalo eScotland,” ngitshela umkami, “khona-ke kumelwe silijoyine.” Ngalo lelosonto, saya emhlanganweni wethu wokuqala noFakazi.
EBhayibhelini, ngokushesha safunda ngesidingo sokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Eqinisweni, lokho oFakazi ababekufundisa eBhayibhelini ngokushesha kwaba yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukuqhuba isifundo seBhayibheli seqembu. Khona-ke, ngoFebruary 1950, ababonisi ababili abajikelezayo abangamaKristu babuza: “Anithandi yini ukucwiliswa?” Ngayo kanye leyontambama mina noMargit sabonakalisa ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu ngobhapathizo.
Ukuqala Kwezinkathazo
IZittau yayisendaweni yeSoviet eseJalimane, futhi imizamo yokukhathaza oFakazi BakaJehova yayiqale ngo-1949. Izindawo zokuqhubela umhlangano omncane eBautzen zatholwa kuphela ngemva kobunzima obukhulu. Khona-ke, phakathi nehlobo, izitimela ezikhethekile ezazilungiselelwe umhlangano wesigodi omkhudlwana eBerlin ngokungazelele kwathiwa ngeke zisaba-khona. Nokho kwaba khona izinkulungwane zabantu.
Imihlangano yebandla nayo yaphazamiseka. Izichwensi zaziba khona ukuze nje zibange umsindo futhi zishaye amakhwelo. Kwesinye isenzakalo sacishe saphoqeleka ukuyimisa inkulumo yombonisi ojikelezayo. Amaphephandaba ayesibiza ngokuthi singabaprofethi benhlekelele. Izihloko zamaphephandaba zazisho ngisho nokuthi sasibuthene eziqongweni zamagquma silindele ukuthathwa sinyamalale emafwini. Amaphephandaba acaphuma namantombazana athile ethi oFakazi bazama ukwenza aziphathe kabi nabo. Incazelo ethi ‘labo abazinikezela kuJehova babeyothola ukuphila okuphakade’ yasontwa ukuba ithi labo ababeba nobuhlobo bobulili noFakazi babeyothola ukuphila okuphakade.
Kamuva samangalelwa ngokuthi singabaphehli bodweshu. Lokho esasikusho ngempi kaNkulunkulu yeArmagedoni kwachazwa kabi ukuze kunike umqondo wokuthi sasikhuthaza ukuncintisana ngezikhali nempi. Yeka indlela okungenangqondo ngayo! Nokho, ngoAugust 1950, lapho ngifika ngizosebenza ebusuku enkampanini yephepha yendawo lapho engangisebenza khona njengomnyathelisi, ngavinjwa esangweni. “Usuxoshiwe,” kusho unogada, owayephelezelwa yiphoyisa. “Nina nisekela impi.”
Emuva ekhaya, uMargit wakhululeka. “Awusezukusebenza ebusuku,” esho. Asizange sikhathazeke. Ngokushesha ngathola omunye umsebenzi. Sathembela kuNkulunkulu ukuba asilungiselele, futhi wakwenza.
Umsebenzi Wethu Uyavinjelwa
NgoAugust 31, 1950, imisebenzi yoFakazi BakaJehova kuyiGerman Democratic Republic yavinjelwa. Kwalandela igagasi lokuboshwa. OFakazi babequliswa amacala, abanye bethola izigwebo zokudilikelwa yijele. Abanye ababili baseZittau, ababehlushwe emakamu okuhlushwa ngaphansi kwamaNazi, baboshwa amaKhomanisi.
Lowo owayengamele ebandleni lethu waboshwa kanye nomkakhe. Labo abababopha bashiya izingane zabo ezimbili ezincane endlini ukuba zizibonele. Zathathwa ugogo nomkhulu wazo, futhi namuhla womabili lamantombazana ayashiseka ekutsheleni abanye ngoMbuso kaNkulunkulu.
Izithunywa ezisuka emabandleni aseMpumalanga Jalimane zaziya ziphindelela eBerlin ziyolanda izincwadi ezindaweni ezazizithatha kuzo engxenyeni ekhululekile esentshonalanga.
Iziphathimandla zafika kusempondo zankomo ngolunye usuku zizophenya emzini wethu. Sasikulindele ukuza kwazo, ngakho yonke imibiko yebandla, engangiyigcina, ngangiyifihle enqolobaneni, eduzane nesidleke seminyovu. Lezinambuzane azizange zingikhathaze, kodwa lapho lamadoda eqala ukufunafuna kuleyondawo, ngokuphazima kweso azithola esembozwe yifu leminyovu. Lamadoda okwase kusele ukuba akwenze kwakuwukubaleka ukuze aphephe!
UJehova wayesesilolongele lokhu kuvinjelwa ngemihlangano eyaqhutshwa ngo-1949. Isimiso sasisinxuse ukuba siqinise isifundo somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni, nomsebenzi wethu wokushumayela, kanye nokuthembela komunye nomunye ukuze sithole ukusekelwa nesikhuthazo. Lokhu kwasisiza ngempela ukuba sihlale sithembekile. Ngakho, ngisho nakuba ngokuvamile abantu babesigxeka futhi besithuka, asizange sikunake lokho.
Ukuqhuba Imihlangano Ngaphansi Kokuvinjelwa
Ngemva kwesimemezelo sokuvinjelwa, ngahlangana noFakazi ababili engikanye nabo ukuze sixoxe ngokuthi sizoyiqhuba kanjani imihlangano yethu yebandla. Ukuza emihlanganweni kwakuyingozi, njengoba ukuboshwa ngenkathi uselapho kwakungase kusho isigwebo sejele. Sahambela oFakazi abasendaweni yakithi. Abanye babekhathazekile, kodwa kwakukhuthaza ukuthi ngamunye wayesiqaphela isidingo sokuba khona emihlanganweni.
Indoda ethile ethakazelayo eyayineshede yanikela ngalo ukuze lisetshenziswe njengendawo yokuqhubela imihlangano. Nakuba lalisemasimini, libonakala kubo bonke, lelishede lalinomnyango owawuvulekela emzileni ofihlwe yizihlahla. Ngakho ukuza kwethu nokuhamba kwakungabonwa muntu. Kubo bonke ubusika leloshede elidala laliba yindawo yemihlangano yethu eyayiqhutshwa ngamakhandlela, kukhona abantu abangaba ngu-20. Sasihlangana isonto ngalinye ukuze sifunde umagazini weNqabayokulinda futhi sibe noMhlangano Wenkonzo. Isimiso sasivunyelaniswa nezimo zethu, sigcizelela ukuthi kwakudingeka sihlale siphapheme ngokomoya. Ngokushesha sahlabeka umxhwele ngokwamukela yona leyondoda ethakazelayo njengomfowethu omusha eqinisweni.
Phakathi nawo-1950, izigwebo zenkantolo zaba ngconywana, futhi abanye abazalwane bakhululwa ejele. Abaningi badingiselwa eNtshonalanga Jalimane. Kimina, izinto zashintsha ngokungazelele ngemva kokuhambela komzalwane owayevela eNtshonalanga Jalimane.
Isabelo Sami Sokuqala Esikhulu
Lomzalwane wathi unguHans. Ngemva kwengxoxo yethu, ngacelwa ukuba ngifike ekhelini elithile eBerlin. Lapho ngithola igama eliyimfihlo emnyango, ngacelwa ukuba ngingene. Abantu ababili beza futhi bahlanganyela nami engxoxweni emnandi kodwa evame kakhulu. Khona-ke safika kulokho ababeqonde kukho: “Uma ubunganikezwa isabelo esikhethekile, ubungasamukela?”
Ngaphendula ngokuthi, “Yebo.”
“Kulungile,” besho, “yilokho kuphela ebesifuna ukukwazi. Uhambe kahle.”
Emasontweni amathathu kamuva ngacelwa ukuba ngibuyele eBerlin futhi ngaphinde ngazithola ngikuleliyagumbi. Lapho benginikeza ibalazwe lesifunda esizungeze iZittau, abazalwane bayisho injongo yalokhu kuhlangana. “Asikwazi ukuxhumana noFakazi kulendawo. Ingabe ungasenza yini ukuba sibuye sixhumane nabo?”
Ngaphendula ngokushesha, “Yebo ngizokwenza.” Indawo yayinkulu, ingamakhilomitha angaphezu kwayikhulu ubude, ukusuka eRiesa ukuya eZittau, futhi ifinyelela emakhilomitheni angu-50 ububanzi. Futhi nganginebhayisekili kuphela. Lapho sekukhona ukuxhumana noFakazi ngabanye, ngamunye kwakuthintwana naye ebandleni akulona, elalithumela njalo ummeleli eBerlin ukuba ayolanda izincwadi neziyalezo. Lendlela yokusebenza yavimbela ukubeka amanye amabandla engozini lapho iziphathimandla zishushisa noma yiliphi ibandla elilodwa.
Thembela KuJehova
Naphezu koshushiso, silalela imiyalo yeBhayibheli, asizange siyeke ukuhamba indlu ngendlu siphethe isigijimi sethu esikhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20; IzEnzo 20:20) Sasihambela abantu abasemakhelini esiwatshelwe ngabantu esesibazi kakade, futhi sajabulela okunye okuhlangenwe nakho okuhle kakhulu. Ngezinye izikhathi ngisho namaphutha ethu ayeguqulwa abe yizibusiso, njengoba lokhu okulandelayo kubonisa.
Mina nomkami sanikezwa ikheli okwakumelwe siye kulo, kodwa sangena endlini okungeyiyo. Lapho kuvuleka umnyango, saphawula inyufomu yamaphoyisa igaxwe endaweni yokugaxa amajazi. Ubuso bukaMargit baphaphatheka; inhliziyo yami yashaya ngamandla. Lokhu kwakungase kusho ukuboshwa. Kwakuyisikhathi sokuba senze umthandazo osheshayo kuphela.
“Ningobani?” kubuza indoda ngokuqondile. Sazotha nje.
“Ngiqinisekile kukhona lapho engikwazela khona,” kusho uMargit, “kodwa angisakhumbuli ukuthi kuphi. Yebo, uyiphoyisa. Kumelwe ukuba ngakubona usemsebenzini.”
Lokhu kwalehlisa umdlwenga, yabe isibuza ngezwi elinobungane. “Ingabe ningoFakazi?”
“Yebo,” ngingenelela, “siyibona, futhi kumelwe uvume ukuthi kudinga isibindi ukuba sizongqongqoza emnyango wakho. Sinesithakazelo kuwe uqobo.”
Yasimema ukuba singene ekhaya layo. Sayivakashela izikhathi eziningana futhi saqalisa isifundo seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi lendoda yaba umfowethu ongumKristu. Yeka indlela lokho okuhlangenwe nakho okwakuqinisa ngayo ukuthembela kwethu kuJehova!
Ngokuvamile odade babesebenza njengezithunywa, okwakukwenza kudingeke ukuba babeke ithemba labo eliphelele kuJehova. Kwaba njalo lapho ngesinye isikhathi uMargit eyolanda izincwadi eBerlin. Kwenzeka into eyayingalindelekile. Kwakusetshenziswe intambo yokuneka izingubo ekubopheni isutukesi elisindayo, ligcwele liqhuma. Konke kwahamba kahle kwaze kwaba yilapho uMargit esesitimeleni. Kweza isikhulu esithile sasemngceleni.
“Ngelikabani, futhi lithweleni?” sibuza ngenkani, sikhomba isutukesi.
“Yizingubo zami eziyowashwa,” kuphendula uMargit.
Sisola, samtshela ukuthi alivule. Enza kancane futhi esacabanga, eqaqa ifindo ngalinye ngesikhathi, uMargit waqala ukukhumula intambo eyayibophe isutukesi. Njengoba umsebenzi walesikhulu sasemngceleni ufuna ukuba sihambe ngesitimela ibanga elithile kuphela bese sehla sithathe esinye isitimela esiphindela emuva, saqhubeka siphelelwa isineke. Ekugcineni, lapho sekusele nje amafindo amathathu kuphela, sadikila. “Suka lapha, Hamba nalezingutshana zakho!” simemeza.
Ukunginakekela KukaJehova Ngokuqondile
Ngokuvamile ngangilala amahora angengaphezu kwamane ubusuku ngabunye, njengoba ngangivame ukunakekela izinto zebandla ngisithwe ubumnyama. Kwakungemva kobusuku bomsebenzi onjalo lapho izikhulu ezithile zangqongqoza khona emnyango wethu ngolunye usuku ekuseni. Zazizosesha. Kwase kwephuzile ukuba ngingafihla noma yini.
Izikhulu zachitha sonke isikhathi sasekuseni zifunisisa yonke indawo, zisesha ngisho nendlu yangasese uma kwakungenzeka ukuthi kunento eyayifihlwe khona. Akekho owacabanga ukuhlola ibhantshi lami elalilenga endaweni yokugaxa amajazi. Ngangisheshe ngafihla izincwadi emaphaketheni alo amaningi. Amaphakethe ayequnjiswe yizo kanye izinto lezikhulu ezazizifuna, kodwa zahamba zizishayela nje.
Kwesinye isenzakalo, ngoAugust 1961, ngangiseBerlin. Kwaba ukuzilanda kwami kokugcina izincwadi ngaphambi kokuba kwakhiwe uDonga LwaseBerlin. Isiteshi sesitimela saseBerlin sasigcwele abantu njengoba ngangilungiselela ukubuyela eZittau. Isitimela sangena, futhi bonke abantu bashesha baya ngaphansi endaweni okugitshelelwa kuyo beyogibela. Ngimpintsheke esixukwini, ngokungazelele ngazithola ngisengxenyeni yesitimela engenamuntu. Kungekudala ngingenile ugadi wakhiya iminyango engaphandle. Ngaba ngedwa engxenyeni eyodwa, kuyilapho abanye abagibeli begcwele kuyo yonke enye ingxenye yesitimela.
Sahamba siya eZittau. Isikhathi esithile ngangingedwa kulengxenye yesitimela. Isitimela sase siyama, futhi iminyango ekulengxenye engangikuyona yavuleka. Kwangena inqwaba yamasosha aseSoviet. Kungalesosikhathi kuphela lapho ngaqaphela khona ukuthi ngangisengxenyeni eyayigcinelwe amasosha aseSoviet. Ngafisa sengathi umhlaba ungavuleka ungigwinye. Nokho, lamasosha kwakungabonakali sengathi kukhona akubonayo okonakele.
Saqhubeka nohambo oluya eZittau, lapho okwavuleka khona iminyango ekulengxenye esikuyo, futhi amasosha agxuma aphuma. Aqala ukusesha bonke abagibeli esiteshini. Yimina kuphela engayekwa ngingaphazanyisiwe. Amaningi alamasosha ayengishayela ngisho nendesheni, ecabanga ukuthi ngiyisikhulu esiphakeme.
Kukamuva kuphela lapho esaqaphela khona ukuthi lezozincwadi zazibaluleke kangakanani, ngoba ukwakhiwa koDonga LwaseBerlin kwawuphazamisa okwesikhashana umzila wethu wezincwadi. Nokho, lezozincwadi zazanele ukuba zikhonze izidingo zethu izinyanga eziningana. Okwalesosikhathi, kwakwenziwa amalungiselelo okuba kuhlale kuthintwana nathi.
Ukuqala koDonga LwaseBerlin ngo-1961 kwaletha izinguquko kithina eMpumalanga Jalimane. Kodwa uJehova, njengoba ebelokhu enza, wayesihambela phambili ezenzakalweni. Waqhubeka esinakekela ngaphansi kokuvinjelwa.—Njengoba ilandiswa uHermann Laube.
[Isithombe ekhasini 27]
Sajabulela umhlangano omncane eBautzen