Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 11/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amakhosi Amabili Ayashintsha
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • ISifundo Sesi-2—Isikhathi NemiBhalo Engcwele
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 11/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Kungani u-29 C.E. ebhekwa njengosuku olubaluleke kakhulu emlandweni weBhayibheli kuno-14 C.E., owukuqala kokubusa kukaTiberiyu Kesari, okukhulunywa ngaye kuLuka 3:1?

Ukuqala kokubusa kukaTiberiyu akuthintwanga eBhayibhelini, ngaphandle kwesenzakalo esenzeka engxenyeni yokugcina yonyaka wakhe ka-15. Lokhu kwenza abafundi beBhayibheli bakwazi ukubona isenzakalo njengesenzeka ngo-29 C.E., ongabhekwa njengosuku olubaluleke kakhulu ngokweBhayibheli.

Ukubusa kombusi wesibili waseRoma, uTiberiyu Kesari, kwamukelwa kakhulu emlandweni. INew Encyclopædia Britannica ithi: “Ngo-AD 14, ngoAugust 19, uAwugustu [umbusi wokuqala] wafa. UTiberiyu, manje owayesemkhulu, wasidonsa ngekhala iSigele ngokwezombangazwe futhi wangasivumela ukuba simmise njengombusi cishe isikhathi esingangenyanga, kodwa ngoSeptember 17 walandela ekubeni isikhulu.”a

Lesisikhathi sokuqala kokubusa kukaTiberiyu siyahambisana neBhayibheli ngoba ngokuphathelene nenkonzo kaJohane uMbhapathizi uLuka 3:1-3 uthi: “Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, . . . kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane. Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube-ngukuthethelelwa kwezono.”

UJohane akazange aqale ukushumayela nokubhapathiza lapho uTiberiyu eba umbusi kodwa wenza kanjalo “ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari.” Lowonyaka ka-15 waqala ekwindla ka-28 C.E. waphela ekwindla, ka-29 C.E. Nokho, ukwazi lokhu akwenzi umuntu akwazi ukuthola ngokuthé ngqo ukuthi yaqala nini inkonzo kaJohane phakathi nalowonyaka noma ukubala izenzakalo ezihlobene nayo.

Kodwa iBhayibheli lisinikeza ukwaziswa okubalulekile okunezelayo. Ngokwesibonelo, isiprofetho sikaDaniyeli ‘samasonto angamashumi ayisikhombisa’ sakhomba ekubonakaleni kukaMesiya ngo-29 C.E. Sabonisa futhi ukuthi inkonzo kaJesu yayiyoba iminyaka emithathu nengxenye ubude. (Daniyeli 9:24-27) Nezela kulokhu lemininingwane engokweBhayibheli: uJesu wazalwa ezinyangeni eziyisithupha ngemva kukaJohane; lapho uJesu ebhapathizwa, “wayeneminyaka engaba-ngamashumi amathathu”; futhi uJesu wafa entwasahlobo ka-33 C.E. (isikhathi sePhasika), lapho eneminyaka engu-33 1/2 ubudala.—Luka 1:24-38; 3:23; 22:14-16, 54.b

Benalokhu kwaziswa okunembile okungokweBhayibheli, kuhlanganise nosuku olungokomlando wezwe lokubusa kukaTiberiyu, abafundi beBhayibheli bangabala ukuthi inkonzo kaJohane yaqala entwasahlobo ka-29 C.E. nokuthi ezinyangeni eziyisithupha kamuva, ekwindla ka-29 C.E., uJohane wabhapathiza uJesu. Ngakho-ke, akuyena u-14 C.E. kodwa u-29 C.E. obhekwa njengosuku olubaluleke kakhulu ngokweBhayibheli.

[Imibhalo yaphansi]

a USeptember 17 ekhalendeni likaJulius unguSeptember 15 ekhalendeni likaGregory, ikhalenda elisetshenziswa kabanzi namuhla.

b Qhathanisa neInsight on the Scriptures, uMqulu 1, amakhasi 458, 463, 467; uMqulu 2, amakhasi 87, 899-902, 1099, 1100, eyakhiswa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela