Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 11/15 k. 32
  • ‘Incwadi IhIala Inyamalala’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Incwadi IhIala Inyamalala’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 11/15 k. 32

‘Incwadi IhIala Inyamalala’

Yilokho uthishelakazi wasesikoleni esiphakeme eningizimu California, eU.S.A., akushoyo ngencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Isikole samisa isikhathi sokufunda sansuku zonke okwakuzothi ngaso abafundi bafunde noma yini abayithandayo. Wakhipha izincwadi, kuhlanganise nencwadi Intsha Iyabuza, ukuze zifundwe abafundi ababengezanga nalutho lokufunda.

Uyachaza: “Lencwadi iye yaba ethandwa kakhulu ekilasini. Inyamalala amahora amaningana ngesikhathi, noma ngisho usuku noma ezimbili, bese ibuya. Abafundi babuza abangane babo, ‘Ingabe uyifundile lena?’ noma baphawule, ‘Incwadi emnandi leyo.’ Ngemva kokubonisa abangane babo izinto ezithile, babuyela emuva bafunde okwengeziwe.

“Amakhasi ayapheqwa, futhi incwadi isibonisa izimpawu zokuguga. Isahluko esiguge kakhulu isahluko 23, esithi ‘Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado?’ Abafundi bayazithanda izithombe, futhi bakwazi kahle okushiwo amazwi alotshwe ngezansi kwazo. Ngabona omunye umfundi efunda isahluko esithi ‘Kungani UBaba NoMama Bahlukana?’

“Ngemva kwesikhashana incwadi.yokuqala yanyamalala, ngakho ngakhipha enye. Ngemva kwalokho eyokuqala yabuya, ngakho manje sezimbili. Sekudlule izinyanga ezintathu noma ezine selokhu ngakhipha incwadi yokuqala, futhi lezincwadi zisafundwa.”

Ezinye izahluko eziphakathi kwezingu-39 ezikulencwadi zithi “Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso?” “Kubaluleke Kangakanani Ukubukeka?” nesithi “Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela?” Uma ungathanda ukuthola ikhophi yalencwadi enemifanekiso ekhangayo, siza ugcwalise bese uthumela lesigqebhezana esingezansi.

Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angu-320 ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela