Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 11/15 kk. 19-23
  • “Umbonisi Umelwe Ukuba Abe . . . Ozithibayo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Umbonisi Umelwe Ukuba Abe . . . Ozithibayo”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzithiba—Kuyadingeka Kubadala
  • Lapho Esebenzelana Nabanye
  • Ukuzithiba Emihlanganweni Yabadala Nasekuthethweni Kwamacala Okwahlulela
  • Ukuzithiba Kwabobulili Obuhlukile
  • Ukuzithiba Nakwezinye Izinto
  • Ukuhlakulela Isithelo Sokuzithiba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuzithiba—Kungani Kubaluleke Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuze Uzuze Umklomelo, Zithibe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukuzithiba Kubalulekile KumaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 11/15 kk. 19-23

“Umbonisi Umelwe Ukuba Abe . . . Ozithibayo”

“Umbonisi umelwe ukuba abe . . . ozithibayo.”—THITHU 1:7, 8.

1, 2. UWilliam of Orange wanikeza siphi isibonelo sokuzibamba, kwaba namiphi imiphumela eyinzuzo?

UMLANDO unikeza isibonelo esiphawuleka kakhulu esihilela ukubamba imizwelo. Phakathi nekhulu le-16 leminyaka, inkosana esentsha yamaDashi uWilliam of Orange yayisohambeni lokuzingela noKing Henry II waseFrance. Lenkosi yembulela uWilliam icebo yona kanye nenkosi yaseSpain ababenalo lokuqothula wonke amaProthestani eFrance naseNetherlands—eqinisweni, kulo lonke eLobukholwa. UKing Henry wayecabanga ukuthi uWilliam osemusha wayengumKatolika ozinikele njengaye futhi ngenxa yalokho wembula yonke imininingwane yozungu. Lokho uWilliam akuzwa kwamethusa kakhulu ngoba abaningi babangane bakhe abaseduze kakhulu babengamaProthestani, kodwa akazange akubonise lokho ayekuzwa; kunalokho, wabonisa isithakazelo esikhulu kuyo yonke imininingwane inkosi eyamnika yona.

2 Nokho, lapho nje uWilliam ethola ithuba waqala ukwenza amasu okubhuntshisa loluzungu, futhi ekugcineni lokhu kwaholela ekukhululeni iNetherlands ekubusweni ubuKatolika baseSpain. Ngenxa yokuthi uWilliam wakwazi ukubonisa ukuzithiba lapho ezwa ngozungu okokuqala, waziwa ngokuthi ‘uWilliam Othulayo.’ UWilliam of Orange wayephumelela kakhulu kangangokuba sitshelwa ukuthi: “Wayengumsunguli wangempela wenkululeko nobukhulu berepublic yamaDashi.”

3. Obani abazuzayo lapho abadala abangamaKristu bebonisa ukuzithiba?

3 Ngenxa yokuzibamba kwakhe, uWilliam Othulayo wazizuzisa kakhulu yena ngokwakhe kanye nabantu bakhe. Ngendlela efanayo, isithelo somoya ongcwele sokuzithiba kufanele siboniswe namuhla ngabadala abangamaKristu, noma ababonisi. (Galathiya 5:22, 23) Ngokubonisa lemfanelo, bazizuzisa bona ngokwabo kanye namabandla. Ngakolunye uhlangothi, ukwehluleka kwabo ukubonisa ukuzithiba kungenza umonakalo ongenakulinganiswa.

Ukuzithiba—Kuyadingeka Kubadala

4. Yisiphi iseluleko somphostoli uPawulu esigcizelela isidingo sokuba abadala babonise ukuzithiba?

4 UPawulu, ngokwakhe owayengumdala, wayekuqonda ukubaluleka kokuzithiba. Lapho eluleka abadala ababeze kuye bevela e-Efesu, wabatshela: “Ziqapheleni nina nomhlambi wonke.” Phakathi kokunye, ukuziqaphela bona kwakuhlanganisa isidingo sokubonisa ukuzithiba, sokuqaphela ukuziphatha kwabo. Lapho ebhalela uThimothewu, uPawulu waveza iphuzu elifanayo, ethi: “Ziqaphele wena kanye nesifundiso.” Iseluleko esinjalo sabonisa ukuqaphela kukaPawulu ukuthambekela kobuntu abanye abanakho kokukhathalela kakhulu ukushumayela kunokusebenzisa lokho abakushumayelayo. Ngakho-ke, waqala ngokugcizelela isidingo sokuba baziqaphele bona.—IzEnzo 20:28; 1 Thimothewu 4:16.

5. Abadala abangamaKristu bamiswa kanjani, futhi izimfanelo zabo zilotshwe kuphi emiBhalweni?

5 Kuyo yonke iminyaka, indima yabadala engokomBhalo iye yaqhubeka ikhanya kancane kancane. Namuhla, siyabona ukuthi ubudala buyisikhundla umuntu amiselwayo kuso. Abadala bamiswa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova noma labo abangabameleli bayo ngokuqondile. Leyondikimba, yona imelela “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Izimfanelo zokuba umbonisi ongumKristu, noma umdala, zinikezwa ngokuyinhloko ngumphostoli uPawulu kweyoku-1 Thimothewu 3:1-7 nakuThithu 1:5-9.

6, 7. Yiziphi izimfanelo ezithile zabadala ezidinga ukuzithiba?

6 UPawulu uthi kweyoku-1 Thimothewu 3:2, 3 (NW) umbonisi kumelwe abe ngolinganiselayo emikhubeni. Lokhu kanye nesidingo sokuba umdala abe ngohlelekile kudinga ukubonisa ukuzithiba. Indoda efanelekela ukuba umbonisi ayisona isilwi futhi ayiyona exabanayo. Lezimfanelo zifuna futhi ukuba umdala abe ngozithibayo. Ngaphezu kwalokho, ukuze umdala angabi ixhwele lewayini, onaka iwayini, kumelwe abonise ukuzithiba.—Bheka futhi nemibhalo yaphansi kweyoku-1 Thimothewu 3:2, 3 kuyiNW.

7 KuThithu 1:7, 8, uPawulu washo ngokuqondile ukuthi umbonisi kumelwe abe ngozithibayo. Nokho, phawula ukuthi zingaki ezinye zezimfuneko ezibalwe kulamavesi ezihilela ukuzithiba. Ngokwesibonelo, umbonisi kumelwe abe ongasolekiyo. Ngokuqinisekile, umdala ubengeke ahlangabezane nalezozimfuneko uma engabonisi ukuzithiba.

Lapho Esebenzelana Nabanye

8. Yiziphi izimfanelo ezidingwa abadala ekunikezeni iseluleko ezigcizelela isidingo sokuzithiba?

8 Okunye futhi, umbonisi kumelwe abe nesineke futhi abe ngobhekakade ekusebenzelaneni namakholwa akanye nawo, futhi lokhu kudinga ukuzithiba. Ngokwesibonelo, kwabaseGalathiya 6:1, siyafunda: “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya [abadala ngokuyinhloko] mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.” Ukubonisa umoya wobumnene kudinga ukuzithiba. Ngalokho, ukuzithiba kuhilelekile futhi ekuziqapheleni wena. Ngokufanayo, lapho umdala ecelwa umuntu ocindezelekile ukuba amnikeze usizo, ukuzithiba kubaluleke kakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi umdala angase acabangeni ngalomuntu, kumelwe abe nomusa, isineke, nokuqonda. Kunokuba asheshe ukunikeza iseluleko, umdala kumelwe azimisele ukulalela futhi athole kulowomuntu ukuthi yini ngempela ebonakala imkhathaza.

9. Abadala kufanele bakhumbule siphi iseluleko lapho besebenzelana nabazalwane abacindezeleke kakhulu?

9 Lesiseluleko esikuJakobe 1:19 siyafaneleka ikakhulukazi lapho besebenzelana nabantu abacindezeleke kakhulu: “Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowomuntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.” Yebo, ikakhulukazi kulapho ehlangabezana nokusabela kokucasuka noma okungokomzwelo lapho umdala kumelwe aqaphele ukuba angasabeli ngendlela efanayo. Kudinga ukuzithiba ukungaphindiseli amazwi okuvumela imizwelo ngamanye amazwi okuvumela imizwelo, ukuba ‘ungaphindiseli okubi ngokubi.’ (Roma 12:17) Ukusabela ngendlela efanayo kumane nje kwenze izinto esezonakele zibe zimbi kakhulu. Ngakho nalapha futhi iZwi likaNkulunkulu linikeza abadala iseluleko esihle, libakhumbuza ukuthi “impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.”—IzAga 15:1.

Ukuzithiba Emihlanganweni Yabadala Nasekuthethweni Kwamacala Okwahlulela

10, 11. Yini eye yenzeka emihlanganweni yabadala, ebonisa isidingo sokuzithiba ngezikhathi ezinjalo?

10 Enye indawo okudingeka kuyo ukuba ababonisi abangamaKristu baqaphele ukuba babonise ukuzithiba kuphakathi nemihlangano yabadala. Ukukhuluma ngesizotha ngenxa yeqiniso nobulungisa ngezinye izikhathi kudinga ukuzithiba okukhulu. Kudinga ukuzithiba futhi ukugwema ukuzama ukwengamela ingxoxo. Lapho umdala enokuthambekela okunjalo, kungaba umusa ngomunye umdala ukuba amnikeze iseluleko.—Qhathanisa neyesi-3 Johane 9.

11 Okunye futhi, emihlanganweni yabadala, umdala oshiseka ngokweqile angase alingeke ukuba athathwe umzwelo, aphakamise ngisho nezwi lakhe. Yeka indlela izenzo ezinjalo ezibonisa ngayo kakhulu ukuntuleka kokuzithiba! Empeleni ziwukuzibhubhisa ngezindlela ezimbili. Ngakolunye uhlangothi, ngezinga umuntu alahlekelwa ngalo ukuzithiba, kungalelozinga enza ngalo ubuntu bakhe siqu bube buthakathaka ngokuvumela umzwelo ukuba usibekele ukucabanga okunengqondo. Ngakolunye uhlangothi, ngezinga umuntu athathwa ngalo umzwelo, uthambekela ekucasuleni noma ngisho nasekuphikiseni abadala akanye nabo. Ngaphandle kwalokho, uma abadala bengaqaphele, ukwehluka okukhulu kwemibono kungase kubangele ukwehlukana phakathi kwabo. Lokhu kulimaza bona siqu kanye nebandla.—Qhathanisa nezEnzo 15:36-40.

12. Kulapho besebenza ngaziphi izimo lapho abadala kumelwe baqaphele khona ukuba babonise ukuzithiba?

12 Ukuzithiba kudingwa kakhulu futhi ngabadala ukuze bagweme ukukhetha noma ukusebenzisa kabi amandla abo. Kulula kakhulu ukuvumela ukunqotshwa isilingo, ukuvumela imicabango yabantu abangaphelele ukuba ithonye lokho umuntu akushoyo noma akwenzayo! Ngokuphindaphindiwe, abadala baye behluleka ukuthatha isinyathelo esiwujuqu lapho enye yezingane zabo noma esinye isihlobo sitholwe sinecala lokuziphatha okungalungile. Ezimweni ezinjalo kudinga ukuzithiba ukungavumeli ubuhlobo begazi buvimbele isinyathelo sokulunga.—Duteronomi 10:17.

13. Kungani ukuzithiba kudingwa abadala ngokukhethekile lapho kuthethwa amacala okwahlulela?

13 Esinye isimo ukuzithiba okubaluleke kakhulu kuso kulapho kuthethwa icala lokwahlulela. Abadala kumelwe babonise ukuzithiba okukhulu ukuze bangathonywa umzwelo ngokungafanele. Akufanele bathonywe kalula izinyembezi. Ngesikhathi esifanayo, umdala kumelwe aqaphele ukuba angalahlekelwa ukuzibamba kwakhe lapho kunqakiswana ngamazwi futhi angase abhecwe ngamazwi anyelisayo, njengoba kungase kwenzeke lapho kukhulunywa nezihlubuki. Lapha amazwi kaPawulu afaneleka kakhulu: “Inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe-mnene kubo bonke.” Kudinga ukuzithiba ukubonisa ubumnene ngaphansi kokucindezeleka. UPawulu uyaqhubeka ebonisa ukuthi “inceku kaKristu” kumelwe ‘izibambe lapho ingaphansi kokubi, ibalaye ngomoya omnene abamelene nayo.’ Ukubonisa ubumnene nokuzibamba lapho umuntu ebhekene nokuphikiswa kudinga ukuzithiba okukhulu.—2 Thimothewu 2:24, 25, qhathanisa neNW.

Ukuzithiba Kwabobulili Obuhlukile

14. Yisiphi iseluleko esihle abadala okufanele basilalele ekusebenzelaneni kwabo nabobulili obuhlukile?

14 Abadala kumelwe baqaphe kakhulu ukuba babonise ukuzithiba lapho kuziwa ekusebenzelaneni kwabo nabobulili obuhlukile. Akukhona okutusekayo ngomdala ukuba enze ukuhambela kokwalusa eyedwa kudade. Umdala kufanele ahambe nomunye umdala noma inceku ekhonzayo. Ngokunokwenzeka eyiqonda lenkinga, uPawulu weluleka uThimothewu ongumdala: “[Yala] . . . abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.” (1 Thimothewu 5:1, 2) Abanye abadala baye babonakala bebamba udade njengokungathi uyise. Kodwa kungenzeka ukuthi bayazikhohlisa, ngoba umuzwa wothando lwenkanuko esikhundleni sothando oluhlanzekile lobuzalwane bobuKristu kungenzeka ukuthi yiwo oshukumisa isenzo esinjalo.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:1.

15. Isenzakalo esithile sisiqokomisa kanjani isihlamba esingalethwa egameni likaJehova uma umdala engabonisi ukuzithiba?

15 Yeka ukuthi iqiniso liye lonakaliswa kakhulu kangakanani ngenxa yokuthi abanye abadala abazange babonise ukuzithiba ekusebenzelaneni kwabo nodade ebandleni! Eminyakeni embalwa edlule, umdala othile wasuswa ekuhlanganyeleni ngenxa yokuthi wayephinge nodade ongumKristu owayenomyeni ongeyena uFakazi. Ngabo kanye ubusuku okwamenyezelwa ngabo ukususwa ekuhlanganyeleni kowayekade engumdala, indoda eyoniwe yaphuthumela eHholo LoMbuso iphethe isibhamu futhi yadubula labantu ababili abanecala. Akekho kubo owafa, futhi yaphucwa isibhamu ngokushesha, kodwa ngosuku olulandelayo iphephandaba elivelele laveza ekhasini lalo lokuqala izindaba ‘zokudubula esontweni.’ Yeka isihlamba ukuntula kwalowomdala ukuzithiba okwasiletha ebandleni nasegameni likaJehova!

Ukuzithiba Nakwezinye Izinto

16. Kungani abadala kumelwe baqaphele ukuba babonise ukuzithiba lapho benikeza izinkulumo zeningi?

16 Ukuzithiba kudingeka kakhulu futhi lapho umdala enikeza inkulumo yeningi. Isikhulumi sasobala kufanele sibe isibonelo sokuba nokuzethemba nokuma okuhle komzimba. Abanye bazama ukujabulisa izilaleli zabo ngezinkulumo eziningi zokuhlekisa ezikhulunywa nje ngenjongo yokuba kuhlekwe. Lokhu kungase kubonise ukuvumela ukunqotshwa isilingo sokuthokozisa izilaleli zabo. Yebo, konke ukuvumela ukunqotshwa isilingo kuwukuntula ukuzithiba. Kungase kushiwo ngisho nokuthi ukweqa isikhathi lapho unikeza inkulumo kubonisa ukuntula ukuzithiba, kanye nokulungiselela ngokwanele.

17, 18. Ukuzithiba kufeza yiphi indima ekulinganiseleni komdala imithwalo yakhe yemfanelo ehlukahlukene?

17 Umdala ngamunye ozikhandlayo kumelwe ahlangabezane nenselele yokulinganisela izinto ezihlukahlukene ezidingekayo ezifuna isikhathi sakhe namandla. Kudinga ukuzithiba ukuba angeqisi. Abanye abadala baye bakhathalela kakhulu izidingo zebandla kangangokuba baye bayishaya indiva imikhaya yabo. Ngakho, lapho omunye udade etshela umfazi womdala ngokuhambela okuhle kokwalusa ayekuthole kumyeni wakhe, umfazi womdala wababaza: “Ngifisa sengathi ngesinye isikhathi angakwenza kimi ukuhambela kokwalusa!”—1 Thimothewu 3:2, 4, 5.

18 Umdala futhi kudingeka azithibe ukuze alinganisele isikhathi asisebenzisela isifundo somuntu siqu naleso asisebenzisa enkonzweni yasensimini noma ekuhambeleni kokwalusa. Ngenxa yokukhohlisa kwenhliziyo yomuntu, kulula kakhulu ngomdala ukuba asebenzise isikhathi esiningi kunokufanele asisebenzise kulokho akuthola kumjabulisa kakhulu. Uma ethanda izincwadi, kungenzeka asebenzise isikhathi esiningi esifundweni somuntu siqu kunalokho okufanele. Uma ethola inkonzo yendlu ngendlu inzima, angase athole izaba zokuba ayidebeselele ngenxa yokuthi wenza ukuhambela kokwalusa.

19. Yisiphi isibopho abadala abanaso esigcizelela isidingo sokuzithiba?

19 Isibopho sokugcina imfihlo naso sidinga ukuba umdala aqaphe ukuba asebenzise ukuzithiba okuqinile. Leseluleko siyafaneleka kulokhu: “Ungambuli imfihlakalo yomunye.” (IzAga 25:9) Okuhlangenwe nakho kusikisela ukuthi lena kungase kube ngenye yezimfuneko ezeqiwa kakhulu phakathi kwabadala. Uma umdala enomfazi ohlakaniphile nonothando axoxisana kahle naye, angase athambekele ekuxoxeni noma ekuthinteni nje izindaba eziyimfihlo. Kodwa lokhu akufanele futhi akuhlakaniphile neze. Okokuqala, kuwukungethembeki. Abazalwane nodade abangokomoya beza kubadala futhi babathululele izifuba ngoba bayaqiniseka ngokuthi indaba iyogcinwa iyimfihlo ngokuphelele. Ukwembula komuntu izindaba eziyimfihlo kumkakhe akulungile, akuhlakaniphile, futhi akubonisi uthando ngoba lokhu kumthwesa umthwalo ongadingekile.—IzAga 10:19; 11:13.

20. Kungani kubaluleke kakhulu ngabadala ukuba babonise ukuzithiba?

20 Ngaphandle kokungabaza, ukuzithiba, kubaluleke kakhulu, futhi kunjalo ikakhulukazi kubadala! Ngenxa yokuba benikwe ilungelo lokuhola phakathi kwabantu bakaJehova, bayolandisa kakhulu. Njengoba benikwe okuningi, kuyofunwa okuningi kubo. (Luka 12:48; 16:10; qhathanisa noJakobe 3:1.) Kuyilungelo nomsebenzi wabadala ukuba babekele abanye isibonelo esihle. Ngaphezu kwalokho, abadala abamisiwe basesimweni sokuba benze okuhle kakhulu noma okulimaza kakhulu kunabanye, ngokuvamile kuxhomeke ekutheni bayazithiba yini noma cha. Kungakho nje uPawulu athi: “Umbonisi umelwe ukuba abe . . . ozithibayo.”

Ingabe Uyakhumbula?

◻ Yiziphi izimfuneko ezingokomBhalo zabadala ezibonisa ukuthi kumelwe babonise ukuzithiba?

◻ Kungani abadala bedinga ukuzithiba lapho besebenzelana namakholwa abakanye nawo?

◻ Ukuzithiba kufanele kuboniswe kanjani emihlanganweni yabadala?

◻ Iyiphi inselele elethwa isidingo sokuba abadala bagcine imfihlo?

[Isithombe ekhasini 20]

Ukubonisa ukuzithiba kuyadingeka emihlanganweni yabadala

[Isithombe ekhasini 23]

Abadala abangamaKristu kumelwe babonise ukuzithiba futhi bagcine imfihlo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela