Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 11/15 kk. 24-27
  • Izindaba Ezinhle Zifinyelela Emaphandleni AseNingizimu Afrika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindaba Ezinhle Zifinyelela Emaphandleni AseNingizimu Afrika
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • ‘USonto-skole’ KwaZulu
  • Ehlanzeni Eliyibhuqu
  • Induna Inikeza Incwadi Yemvume!
  • Ukubasiza Ngenjabulo Abaningi Abafuna Iqiniso
  • Isithelo Somsebenzi
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 11/15 kk. 24-27

Izindaba Ezinhle Zifinyelela Emaphandleni AseNingizimu Afrika

IZIXUKU ezithukuthele, amaphoyisa alwisana nodlame, isisi esikhipha unyembezi. Eminyakeni yamuva, amadolobha amancane namakhulu aseNingizimu Afrika aye aphazanyiswa ukulwa okunjalo. Ngisho nezindawo ezinhle zasemaphandleni—lapho kuhlala khona abantu abangamaphesenti angaphezu kwangu-40—ziye zathinteka ekonakaliseni kobudlova bezombangazwe. Nokho, naphezu kwakho konke lokhu, oFakazi BakaJehova baye baqhubeka bememezela “izindaba ezinhle zokuthula.”—Efesu 6:15, NW.

Iminyaka eminingi oFakazi baye baphuma umkhankaso wokushumayela waminyaka yonke wezinyanga ezintathu ogxiliswe ngokuyinhloko kubantu abahlala emaphandleni. Ngokwesibonelo, ngo-1990 abamemezeli boMbuso abangaphezu kwabangu-12 000 abavela emabandleni angu-334 bahlanganyela kulomkhankaso. Njengokulindelekile, kumelwe kunqotshwe izithiyo eziningi ukuze kufinyelelwe labantu abahlala ezindaweni ezigqagqene zasemaphandleni aseningizimu neAfrika.

Phakathi kokunye, oFakazi kumelwe babhekane nezinhlobonhlobo eziningi zamasiko nezilimi. Futhi yeka ingxubevange okuyiyo! Ngokwesibonelo, kunabalimi abakhuluma isiNgisi nesiBhunu, kanye namaPedi, abeSuthu, amaTsonga, abeTswana, amaVenda, amaXhosa, namaZulu. Iqembu ngalinye linesiko lalo nolimi okuhlukile. Kumelwe futhi kuhanjwe amabanga amade nasemigwaqweni engahlelembekile. Konke lokhu kwenza ukuba kudingeke umoya wokuzidela nokusebenzisa isikhathi esiningi nemali. Nokho, uJehova uye wayibusisa ngokucebile imizamo eyenziwa. Ake sikuxoxele kafushane ngobunzima nokuphumelela kwalesisici esingavamile somsebenzi wokushumayela.—Qhathanisa noMalaki 3:10.

‘USonto-skole’ KwaZulu

Enkabeni yakwaZulu eyindawo engashisi kakhulu kukhona isigodi esijulile saseMfuleni Umvoti. Emi emaweni, umuntu angabona amaqoqo amaqhugwana esiZulu afulelwe ngotshani afinyelela kude. Ngolunye usuku ngeSonto ngo-1984, abamemezeli boMbuso ababili beza kulesigodi ngomgwaqo omazombezombe noyibhuqu. Kunendawo eshisa kakhulu futhi eswakeme neyayinezigameko ezimbi kangangokuba iqanjwe ngegama lokufekethisa ngokuthi kuKwa-Sathane—ngokusobala okubhekisela emfundisweni yamanga yesihogo somlilo esikhwezelwa uDeveli!

Bemfoma umjuluko, abazalwane baya kowesifazane othiwa uDoris, owayefundisa ikilasi likaSonto-skole. Ngemva kokuzwa isigijimi soMbuso, uDoris ngokushesha wamema oFakazi ukuba bakhulume neqembu lakhe lentsha ecishe ibe ngu-40. Waba yini umphumela? Ngesonto elilandelayo abazalwane babuya namakhophi angu-70 encwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ukuze asetshenziswe esikoleni sendawo. Emasontweni ambalwa, isimo sikaSonto-skole sashintsha saba eseqembu lesifundo seBhayibheli. Esikhundleni sezingoma zesonto, kwaculwa izingoma zoMbuso ngendlela yama-Afrika, ngokuvumelana okumnandi kwamanothi omculo. Ngokushesha leliqembu lakhula laba abantu abangu-60. Omunye umzalwane wababaza: “Yeka okuhlangenwe nakho okujabulisayo okwakuyikho ukuhlanganyela ekushintsheni loSonto-skole abe yindawo yokukhulekela kweqiniso!”

Ehlanzeni Eliyibhuqu

Ngenxa yokuhileleka kwamasonto enxushunxushwini yezombangazwe, abalimi abaningi abamhlophe bahlala beqaphile noma besola ngisho nokusola noma ubani oza kubo nesigijimi seBhayibheli. Phawula lombiko ovela eqenjini laseGoli elahamba ibanga lamakhilomitha angu-640 ukuze liyoshumayela izindaba ezinhle engxenyeni ethile yeNtilasifali.

“Manje sesihambe isikhathi esingacishe sibe amahora amane siya ngasenyakatho sinqamula ihlanze elimagqumagquma. Utalagu luyadlala emgwaqweni oqondile ocwebezeliswa ilanga laseAfrika. Ngokungazelele, umgwaqo wetiyela uyaphela futhi kuqala oyibhuqu, onezisele nogcwele izikhisi. Ekugcineni, umzila onesihlabathi usiholela epulazini elithile.

“‘Sawubona, Meneer [Mnumzane],’ sisho kanjalo lapho sibingelela umlimi oyisidlakela.

“‘Yebo,’ ephendula ngendlela engenamusa. ‘Nginganisiza ngani?’

“Ngemva kokuzethula, sichaza isizathu sokuhambela kwethu. Singakaqedi nokukhuluma uyamemeza: ‘Umfundisi wami ungixwayisile ngani! Nonke ningamaKhomanisi nabaPhik’ uKristu. Phumani lapha endaweni yami ngaphambi kokuba ngini . . . !’

“Isimo somzimba salomlimi sibonisa ukuthi angalwa noma yinini. Njengoba kungekho esingakwenza, sinquma ukuhamba futhi ‘sivuthulule uthuli ezinyaweni zethu.’ (Mathewu 10:14) Kunothuli olwanele olungasenza senze lokhu ngokoqobo.

“Epulazini elilandelayo, sithola ukusabela okufanayo. Khona-ke kwasicacela ukuthi izingcingo zendawo bezisetshenziswa kakhulu umfundisi wesonto lamaDashi oyisakhamuzi obelokhu exwayisa ‘umhlambi wakhe’ ‘ngengozi’ esongelayo endaweni abakhe kuyo. Ekugcineni sithola umlimi, okuthi nakuba yena engenasithakazelo, athi: ‘Yebo, ningakhuluma nezisebenzi zami.’

“Yilokho kanye ebesikulindele. Kunamaqhugwane amancane abantu abampofu acishe abe yishumi akhiwe ngobumba olushiswe lwababomvu athothene eduzane nezihlahla zikawatela. Siyabona ukuthi kunabantu abanelukuluku lokwazi abasilunguzayo kulamaqhugwane njengoba sibeka izinqwaba zezincwadi phezu kwebhonethi yemoto yethu. Inqwaba eyodwa yamaBhayibheli, enye inqwaba yezincwadi ezithi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, inqwaba yezincwadi ezithi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, bese kuba izincwajana ezihlukahlukene. Omunye wabafana bendawo uyagijima uyokwazisa abantu abahlala kulelidolobhana ukuthi sifikile. Ngokushesha isixuku sabantu abacishe babe ngu-30 singunga imoto ukuze silalele isigijimi.

“Badlalelwa intshumayelo eqoshwe kusengaphambili yesiTswana. Yeka indlela labantu abajabula ngayo lapho bezwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nethemba lePharadesi ngolimi lwabo! Kuba khona ukuxokozela okukhulu kwenjabulo lapho kuhanjiswa izincwadi. Ngokushesha nje, asisakwazi nokuzihambisa kahle izincwadi. Elinye ikhehla lize lisho nokuthi lingasithenga ngamalini isiqopha-mazwi. Sizizwa sithinteka kakhulu njengoba ukwazisa ngezindaba ezinhle kubonakaliswa ngezindledlana eziningi—ukumomotheka okunamahloni, ukuthinta, nokuthi ‘ngiyabonga’ okushiwo ngomusa.

“Bengatsheliwe, abantwana bama umugqa ongahlelekile kahle futhi bacula iculo lesintu lokuvalelisa. Ngokuphazima kweso, imigwaqo eyibhuqu nenezisele kanye nokusabela okungekuhle esiye sakuthola ngezinye izikhathi kuba yize. Kuye kwaba okuwufanele wonke umzamo!”

Induna Inikeza Incwadi Yemvume!

Ibandla elithile laseSoweto lathola isabelo sokushumayela endaweni ebuswa induna eseduze nedolobha elisempumalanga yePiet Retief. Isiko laleyondawo lithi isivakashi kufanele siqale sichaze esihamba ngakho enduneni yakuleyondawo. Abazalwane benza ngokuvumelana nalelolungiselelo. Yeka indlela okwakumangalisa ngayo lapho induna ibamukela ngomusa futhi ize ibanikeza nendawo yokulala ekhaya layo siqu! Ngaphezu kwalokho, isebenzisa isigxivizo sayo esisemthethweni, yabhala incwajana yesethulo abamemezeli ababezoyiveza ezindlini ngezindlu. Yayithi: “Labantu bangabashumayeli boMbuso kaNkulunkulu. Bamukeleni ezindlini zenu, futhi nibalalele.”

Ukusabela kwakukukhulu kangangokuba oFakazi bahlela ukuba kube nenkulumo yeningi eyabekelwa egcekeni lomuzi wenduna ngaleyontambama yangeSonto. “Ihholo” elivulekile laligcwele swí, futhi umhlangano waqalwa futhi waphethwa ngengoma nomthandazo. Okuhlangenwe nakho okufanayo kwabantu abanokuthambekela okuhle kuye kwajatshulelwa nakwezinye izindawo zasemaphandleni.

Omunye umuntu onjalo kwakunguNathaniel, edolobhaneni lasePitsedisulejang endaweni ekhungethwe isomiso yaseBophuthatswana. Wayengumthuthukisi womphakathi enengxenye esimisweni sokufundisa abantu bendawo ukuba batshale izitshalo zasengadini ngendlela ephumelelayo. Wayecabanga ngokushintsha lendawo ewugwadule ibe ipharadesi. Kodwa lapho ezwa ukuthi ngokushesha kuzoba nepharadesi lomhlaba wonke, amehlo akhe agcwala injabulo. Wayibhala ngentshiseko yonke imibhalo abamemezeli ababembonisa yona. UNathaniel ngokushesha waxhunyaniswa nebandla eliseduze, eliqhele ngamakhilomitha angu-30 ukusuka lapho ayekhona.

Ukubasiza Ngenjabulo Abaningi Abafuna Iqiniso

“UJehova wasibonisa ukuthi ubumpofu abumvimbeli umuntu olambile ngokomoya ukuba afunde iqiniso,” kusho uMonika, oyiphayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Wayeseqenjini lamaphayona elalishumayela emapulazini ahlukahlukene emathafeni angudedangendlale aseOrange Free State engxenyeni emaphakathi nalelozwe. Iyiphi indlela lamaphayona azizwa ngayo ngokuzidela ukuze ayise izindaba ezinhle kulabantu? Aphendula athi: “Ubani ongasho ukuthi lingakanani inani lezinto esiye saba nokuhlangenwe nakho kwazo?” Ngempela, lamaphayoba avuzwa kakhulu ngokomoya ngenxa yemizamo yawo.

Ngisho nokungakwazi ukufunda akumvimbeli umuntu olambile ngokomoya ukuba afunde iqiniso elingokomBhalo. Incwajana enemifanekiso emihle ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ithandwa ikakhulukazi yilabo abangafundile noma abangakwazi ukufunda kahle. Abasha nabadala ngokufanayo bakhangwa imifanekiso emihle yePharadesi. Esinye isisebenzi sesikhathi esigcwele esisiza ekunyatheliseni izincwadi ezinjalo saphawula: “Lencwajana isiza abantu ukuba babone iPharadesi njengeliyinto engokoqobo futhi ikhulise inhlonipho yabo engokwemvelo nokwesaba abanakho ngeBhayibheli.”

Ngenxa yaso lesizathu, incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli iye yathandwa kakhulu. Endaweni eqhelile ebuswa yinduna eLebowa, ababili bodadewethu abangokomoya bamangala ukuthola ukuthi ikhehla elithile elingaboni kahle nomkalo babenekhophi yalencwadi ngolimi lweSipedi. Lombhangqwana wawuyisebenzisa njengencwadi yawo yokufundisa abantwana bendawo. Eqinisweni, lencwadi yayitadishwe kahle futhi idwetshiwe kangangokuba amanye amakhasi ayesephuma. Yeka indlela owajabula ngayo lapho uthola ikhophi entsha!

Ngakho kuyiqiniso ukuthi izincwadi zobuKristu zigcwalisa isidingo esikhulu ekusizeni labo abalambele iqiniso. Ngokuthakazelisayo, ingxenye enkulu yazo zonke izincwadi ezinyatheliswa ngezilimi eziningi ezisetshenziswa eningizimu neAfrika zinyatheliswa yiWatch Tower Society. Ngo-1990 kuphela, izincwadi, izincwajana, nomagazini okungu-113 529 okunyatheliswa iNhlangano kwasakazwa emaphandleni aseNingizimu Afrika.

Isithelo Somsebenzi

Ingabe lokhu okuhlangenwe nakho okuhle nokuhanjiswa kwezincwadi kuye kwaba nesithelo esihlala njalo emaphandleni aseNingizimu Afrika? Ngokuqinisekile kunjalo. Kusukela ngo-1989 amabandla amane namaqembu angawodwa ayisishiyagalolunye aye akhiwa ngenxa yokumenyezelwa kwezindaba ezinhle emaphandleni aseNingizimu Afrika. Amaphayona akhethekile esikhashana namaphayona avamile aye ahola komningi walomsebenzi.

Uyamkhumbula uDoris noSonto-skole wakhe kulesiya sigodi esiqhelile sakwaZulu? Namuhla, unguFakazi KaJehova ozinikezele nobhapathiziwe. Ngaphezu kwalokho, iqembu elichumayo labamemezeli boMbuso abayisishiyagalolunye liyaqhubeka lithuthuka ngokomoya lapho. Abaningi abasanda kuthakazela baba khona emihlanganweni eqhutshelwa ekhaya likaDoris, futhi abantu abayisikhombisa abaqhubela izifundo zeBhayibheli babhaphathizwa emhlanganweni wesigodi owawuseThekwini ngoDecember 1990.

Isithelo esinjalo siyisikhuthazo esijabulisayo kubamemezeli boMbuso eNingizimu Afrika. Bayawakhumbula amazwi kaPawulu: “Njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke.” (Galathiya 6:10) Yebo, izinceku zikaJehova zizimisele ukufinyelela bonke abantu abanhliziyo ziqotho, kuhlanganise nalabo abahlala emaphandleni ‘akulengxenye ekude yomhlaba.’—IzEnzo 1:8, qhathanisa neNW.

[Amabalazwe/Izithombe ekhasini 24]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ILebowa

INTILASIFALI

ISoweto

IPiet Retief

IBophuthatswana

IORANGE FREE STATE

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela