Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 9/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Umthetho KaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Singaphansi KweMiyalo Eyishumi?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • AbaseRoma Bathola Izindaba Ezinhle Kunazo Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 9/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Yikuphi “okuhle” umphostoli uPawulu ayengenakukwenza, njengoba asho kweyabaseRoma 7:19?

Ngokuyisisekelo, uPawulu wayebhekisela ekuhlulekeni kwakhe ukwenza zonke izinto ezinhle ezishiwo eMthethweni kaMose. Lokho kwakungenakwenzeka ngoPawulu nangabo bonke abanye, kuhlanganise nathi, ngenxa yokungapheleli kanye nokuba nesono. Kodwa asikho isidingo sokulahla ithemba. Umhlatshelo kaKristu wavula indlela yokuthethelelwa uNkulunkulu nokuba nokuma okuhle naYe.

Incwadi yabaseRoma 7:19 ifundeka kanje: “Ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.” Umongo ubonisa ukuthi uPawulu ngokuyinhloko wayekhuluma ‘ngokuhle’ ngomqondo walokho okwakushiwo eMthethweni. Evesini 7 wayethe: “Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: Ungafisi.” Yebo, uMthetho wakuveza ngokucacile ukuthi njengoba babengenakuwugcina ngokuphelele, bonke abantu babenesono.

UPawulu waqhubeka wathi ‘wake wahamba ngaphandle komthetho.’ Kunini lapho kwakunjalo khona? Nokho, kungenkathi ayesokhalweni luka-Abrahama ngaphambi kokuba uJehova anikeze uMthetho. (Roma 7:9; qhathanisa namaHeberu 7:9, 10.) Nakuba uAbrahama ayengaphelele, uMthetho wawungakanikezwa, ngakho akazange akhunjuzwe ngokuba kwakhe nesono ngokuhluleka ukugcina imiyalo yawo eminingi. Ingabe lokho kusho ukuthi kwathi nje lapho uMthetho usunikeziwe futhi waveza ukungapheleli kwabantu, uMthetho waba nemiphumela emibi? Cha. UPawulu waqhubeka: “Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.”—Roma 7:12.

Phawula ukuthi uPawulu wachaza uMthetho ngokuthi “ungcwele” nangokuthi “muhle.” Emavesini alandelayo, wachaza ukuthi “okuhle”—uMthetho—kwakuveza ngokucacile ukuthi wayeyisoni, futhi lesisono samenza wafanelekela ukufa. UPawulu wabhala: “Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.”—Roma 7:13-20.

Khona-ke, kulomongo uPawulu wayengakhulumi ngobuhle obuvamile, noma izenzo nje zomusa. (Qhathanisa nezEnzo 9:36; Roma 13:3.) Ngokukhethekile wayebhekisela ekwenzeni (noma ekungenzini) izinto ezazivumelana noMthetho omuhle kaNkulunkulu. Ngaphambili wayeqhube inkolo yobuJuda ngentshiseko futhi—lapho eqhathaniswa nabanye—wayebe “ongasolekiyo.” Nokho, ngisho nakuba engqondweni yakhe ayeyisigqila esiqotho salowoMthetho omuhle, wayesalokhu engenzi ngokuvumelana nawo ngokugcwele. (Filipi 3:4-6) UMthetho wabonisa izindinganiso zikaNkulunkulu eziphelele, ubonisa lomphostoli ukuthi enyameni yakhe wayeseyisigqila somthetho wesono futhi kanjalo elahlelwe ekufeni. Nokho, uPawulu wayengabonga ngokuthi ngomhlatshelo kaKristu kwathiwa ulungile—ukhululiwe emthethweni wesono nomphumela waso ofanelekayo, isigwebo sokufa.—Roma 7:25.

AmaKristu namuhla awekho ngaphansi koMthetho kaMose, ngoba wabethelwa esigxotsheni sokuhlushwa. (Roma 7:4-6; Kolose 2:14) Nokho senza kahle ngokuqaphela ukuthi wawungewona umthetho ocindezelayo okungadingeki ukuba thina siwunake. Cha, ngokuyisisekelo uMthetho wawumuhle. Kanjalo sinesizathu sokufunda izincwadi zeBhayibheli eziqukethe uMthetho futhi sifunde ngalokho owawukufuna kuIsrayeli. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ngokushesha bazokwenza khona lokho kanye, belandela isimiso sabo samasonto onke sokufundwa kweBhayibheli.

Njengoba sifunda uMthetho, kumelwe sicabange ngezimiso okusekelwe kuzo imithetho yawo ehlukahlukene nangezinzuzo abantu bakaNkulunkulu abazithola njengoba babezama ukulandela leyomiyalo emihle. Futhi, kufanele siqaphele ukuthi asiphelele futhi ngenxa yalokho asikwazi ukukulandela ngokuphelele okuhle esikufunda eZwini likaNkulunkulu. Kodwa njengoba silwa nomthetho wesono, singathokoza ngethemba lokukhululwa ngokusetshenziswa komhlatshelo kaKristu kithi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela