Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 9/1 kk. 30-31
  • Umsebenzi Wendoda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsebenzi Wendoda
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukunikeza Abantwana Ukunakwa Abakudingayo
    I-Phaphama!—2005
  • Zikhandle Ukuze Usindise Umkhaya Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukukhulisa Izingane Ngesiyalo SikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2004
  • Imikhaya Emikhulu Enobunye Enkonzweni KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 9/1 kk. 30-31

Umsebenzi Wendoda

“¡Ropa, zapato, casa, y comida!” Lamazwi avela eculweni elidala lesiPanishi elikhuluma ngezinto ezine eziyisisekelo indoda okulindeleke ukuba izinikeze umkhaya wayo: izingubo zokugqoka, izicathulo, indawo yokuhlala, nokudla. Futhi amadoda anokwethenjelwa azama ngokuzimisela ukuthwala lowomthwalo.

Nokho, uma uyindoda enomkhaya, ingabe uyazinakekela izidingo ezingokomoya zomkhaya wakho ezibaluleke nangokwengeziwe? Noma, njengamadoda amaningi, ingabe ucabanga ukuthi ukunakekela izindaba ezingokwenkolo ekhaya akuwona ngempela umsebenzi wendoda? Kwamanye amasiko akulindelekile ngisho nokuba amadoda azinike isikhathi sokufundisa abantwana bawo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli.

IZwi likaNkulunkulu linikeza indoda yekhaya ngokuyinhloko umthwalo wemfanelo wokufaka emkhayeni wayo uthando ngoNkulunkulu nokwazisa okujulile ngezindinganiso zaphezulu. Ngokwesibonelo, kweyabase-Efesu 6:4, imiBhalo inxusa amadoda angamaKristu ngalendlela: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”

Abanye, nakuba bejwayelene nalamazwi, bangase bangakuqondi ngokugcwele ukuthi lombhalo uqondiswe ngokukhethekile kubaba, indoda yekhaya. Ngokwesibonelo, abantu abakhuluma isiPanishi nesiPutukezi bangase baqonde ukuthi amazwi akweyabase-Efesu 6:4 abhekiswe kokubili kubaba nakumama. Kulezilimi igama elisho “obaba” negama elisho “abazali” linye. Nokho, evesini 1 kweyabase-Efesu isahluko 6, umphostoli uPawulu wabhekisela kokubili kubaba nakumama ngokusebenzisa igama lesiGreki elithi go·neuʹsin, elivela kwelithi go·neusʹ, elisho “umzali.” Kodwa evesini 4, igama lesiGreki elasetshenziswa lalithi pa·teʹres, elisho “obaba.” Yebo, kweyabase-Efesu 6:4, uPawulu wabhekisela amazwi akhe ngokuqondile endodeni emkhayeni.

Yebo, uma indoda engahola ingekho emkhayeni, khona-ke owesifazane kumelwe athathe lomthwalo wemfanelo. Ngosizo lukaJehova omama abaningi baye bakhulisa abantwana babo ngokuphumelelayo ngokuyala nangokuqondisa kukaJehova. Nokho, uma indoda engumKristu ikhona, kufanele ihole. Uma idebesela lomthwalo wemfanelo, kunzima kakhulu ngabanye emkhayeni ukuba balondoloze isimiso esihle sokondleka okungokomoya. Futhi indoda enjalo iyolandisa kuJehova ngokudebesela kwayo.

Indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngalendaba ibonakala ezimfanelweni ezingokomBhalo ezibekelwe ababonisi nezinceku ezikhonzayo ebandleni lobuKristu. IBhayibheli lisho ngokuqondile ukuthi umuntu okhethelwa isikhundla esinjalo kufanele abe ‘[indoda] ephatha kahle indlu yayo, abantwana bayo beyithobela ngenhlonipho yonke, kepha uma [indoda] ingakwazi ukuphatha owayo umuzi, ingaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?’—1 Thimothewu 3:4, 5, 12, qhathanisa neNW; Thithu 1:6.

Indoda enomkhaya kumelwe izimisele ukudela izinjabulo nezinto eziyilungele yona siqu ngenxa yenhlala-kahle engokomoya yabantwana bayo. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke inciphise isikhathi esinikelwa kweminye imisebenzi ukuze ibe nesikhathi esanele ezosichitha inabantwana bayo ngaso sonke isikhathi. (Duteronomi 6:6, 7) Nokho, ngeke isigudlulele kwabanye lesisabelo esinikezwe uNkulunkulu. Uthando lwayo ngabantwana bayo nesithakazelo sayo kubo kuyodlulela ngalé kokubanikeza izingubo zokugqoka, izicathulo, indawo yokuhlala, nokudla.

Kuyinselele enkulu ukukhulisa abantwana “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” Yingakho umthwalo wemfanelo oyinhloko kungowendoda. Lapho ubaba ongumKristu ewenza kahle umsebenzi wakhe, khona-ke angabheka abantwana bakhe abesaba uNkulunkulu njengesibusiso esivela kuJehova. Angasho kanye nomhubi ukuthi: “Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha. Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona.”—IHubo 127:4, 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela