Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 7/15 k. 26
  • Okushiwo Umthandazo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okushiwo Umthandazo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 7/15 k. 26

Okushiwo Umthandazo

“NgesiHeberu, igama eliyinhloko elisho umthandazo livela emsukeni osho, ‘ukwahlulela,’ futhi impambosi yokuzenza evamile . . . ngokwezwi nezwi isho, ‘ukuzahlulela.’” Iphawula kanjalo iAuthorised Daily Prayer Book. Lokhu kusikisela ukuthi omunye wemisebenzi yomthandazo uwukuthi kufanele usize umuntu ukuba abone ukuthi uyazifinyelela yini izindinganiso zokulunga nezimfuneko zikaNkulunkulu.

Ngenxa yalesizathu, kulo lonke iBhayibheli, sitshelwa ukuthi uma umuntu engayenzi intando kaNkulunkulu, imithandazo yakhe ngeke izwiwe ngokwamukelekayo. “UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.”—IzAga 15:29; 1 Johane 5:14.

Ukuzihlola phambi kukaJehova uNkulunkulu ngokuqinisekile kufanele kwenze umuntu othandazayo azithobe futhi aphenduke. Lokhu kuwenza ube nesisindo esengeziwe umfanekiso kaJesu womFarisi ozazisayo nomthelisi ophendukayo abeza ethempelini bezothandaza.—Luka 18:9-14.

Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sithandaza kuJehova ngenjongo yokumbonga, ukumdumisa, noma ukumnxusa, ngaso sonke isikhathi umthandazo uyisikhathi sokuzihlola. Ngalendlela, umthandazo usisondeza eduze noJehova futhi uqinise ubuhlobo bethu naye.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela