Impilo Nenjabulo—Ungaba Nakho?
SELOKHU nje kwaba khona amadoda nabesifazane abangaphelele, baye balangazelela impilo nenjabulo. Nakuba ngokuqinisekile lezi kuyizifiso zomuntu ezimbili ezibaluleke kakhulu, ziye zaba ezingafinyeleleki.
Abantu baye bacabanga kakhulu ngalokhu kufuna, futhi banikeza izeluleko eziningi ngakho. UDkt. Dennis Jaffe waphawula: “Namuhla, isihluthulelo sempilo nokwelashwa okuhlala njalo ngokuvamile siba sekuziphatheni kwakho siqu.” UAbraham Lincoln wake washo lamazwi: “Cishe abantu bajabula ngendlela abanquma ukujabula ngayo.” Ingabe uyavuma? Uyifisa kakhulu kangakanani injabulo? Ukuyithola kuxhomeke kangakanani ekubeni nempilo enhle?
Abantu baye bayifuna kuyo yonke indawo injabulo, belandela imikhondo ebonakala ingenasiphetho. Baye bacwaninga ifilosofi, imfundo yokusebenza kwengqondo, nesayensi ephathelene nesimo sezinto ezikhona. Ekufuneni kwabo injabulo, abanye baye bahlola isayensi, ezobuciko, nomculo. Nokho akungabazeki ukuthi ingxenye enkulu yenjabulo yeqiniso ihlobene nokuba nempilo enhle. “Uma unempilo, cishe ukuthole konke,” kusho esinye isimemezelo esithandwayo sethelevishini.
Lapho bephishekela lendlela yokuthola injabulo, abantu abaningi baye bahlola imibono ehlukahlukene yezempilo, kokubili enamathelayo nenganamatheli emithethweni yezokwelapha. Cishe umtapo ngamunye wezincwadi womphakathi ubonisa uhide olungapheli lweziyalezo zokudla kanye nezindlela zokwelapha. “Kuye kwabhalwa izincwadi eziningi ezikhuluma ngempilo, kusukela endulo,” kusho uchwepheshe wenhliziyo odumile uDkt. Paul Dudley White. “Enye yezincwadi ezingcono kakhulu kwakungethi Regiment of Helthe eyabhalwa cishe eminyakeni eyinkulungwane edlule.”
Naphezu kwakho konke lokhu, ukufuna impilo nenjabulo kuye kwaba okudumazayo kubantu abaningi. Ingabe lokhu kuyakumangalisa, uma ucabanga ngendlela impucuko yethu okuthiwa ithuthuke ngayo? Ngokucacile, isayensi ayikakuphelisi ukugula, ukuguga, nokufa.
Kodwa ingabe kuyokumangalisa ngokwengeziwe ukwazi ukuthi asikabi nayo indlela yokulinganisa injabulo futhi asinayo incazelo ekahle yalokho eyikho? Esifundweni esikhuluma ‘Ngemibono Evezwayo Ngenjabulo,’ uPierre Teilhard de Chardin waphetha: “Emakhulwini amaningi eminyaka lokhu kuye kwaba isihloko sezincwadi eziningi kakhulu, ukucwaninga, ukuhlola kwabantu ngabanye nokwamaqembu, ngokulandelana; futhi, ngeshwa, kuye kwehlulekwa ngokuphelele ukufinyelela ukuvumelana. Kwabaningi bethu, umphumela uwukuthi, okuwukuphela kwesiphetho esinengqondo esitholakala kulengxoxo isiyonke siwukuthi akusizi ukuqhubeka sifuna.”
Ingabe leyo indlela ozizwa ngayo ngenjabulo? Zibuze imibuzo eqondene nawe siqu kodwa eqotho. Ingabe uyajabula ngempela manje? Noma ingabe injabulo yangempela itholakala ezulwini kuphela? Ingabe likhona ithemba eliqinisekile lokuthi singaba nempilo nenjabulo, futhi lokhu sikuthole khona kanye lapha emhlabeni?