Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Usizi Ensimini
LAPHO uJesu eqeda ukuthandaza, yena nabaphostoli bakhe abathembekile abangu-11 bahlabelela amahubo okubonga kuJehova. Khona-ke bayehla ekamelweni eliphezulu, baphumele ebumnyameni obubandayo bobusuku, babuyele ngaphesheya kwesiGodi saseKedroni ngaseBethaniya. Kodwa endleleni, bama endaweni ethandwayo, insimu yaseGetsemane. Lensimu iseNtabeni yemiNqumo noma eduze kwayo. UJesu ubevame ukuhlangana nabaphostoli bakhe lapha phakathi kwemithi yeminqumo.
Eshiya abayisishiyagalombili kubaphostoli—mhlawumbe ngasekungeneni kwensimu—uyabayala: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” Khona-ke uthatha abanye abaphostoli abathathu—uPetru, uJakobe, noJohane—aqhubekele phambidlana ensimini. UJesu uba novalo nokukhathazeka okukhulu. Uyabatshela: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube-sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”
Eqhubeka kancane, uJesu uwela phansi, ebhekisé ubuso bakhe phansi uqala ukukhuleka ngobuqotho: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi-njengoba ngithanda mina, kodwa njengoba uthanda wena.” Usho ukuthini? Kungani ‘elusizi, kuze kube sekufeni?’ Ingabe uyahoxa esinqumweni sakhe sokufa anikeze isihlengo?
Akunjalo neze! UJesu akaceli ukuba akhululwe ekufeni. Ngisho nomcabango wokugwema ukufa komhlatshelo, owake wasikiselwa uPetru, awamukeleki kuyena. Kunalokho, ulusizi ngoba wesaba ukuthi indlela azofa ngayo masinyane—njengeselelesi esidelelekile—izoletha isihlamba egameni likaYise. Manje uyaqaphela ukuthi emahoreni ambalwa uzobethelwa esigxotsheni njengomuntu omubi kakhulu—ohlambalaza uNkulunkulu! Yikho lokhu okumkhathaza kakhulu.
Ngemva kokuthandaza isikhathi eside, uJesu uphindela kubaphostoli abathathu abafice belele. Ebhekisela kuPetru, uthi: “Kanti beningelinde nami ihora libe-linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.” Nokho, ebona ubunzima abebengaphansi kwabo nokuthi kusebusuku kakhulu, uthi: “Umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”
UJesu uyahamba okwesibili acele ukuba uNkulunkulu asuse “lesisitsha kuye,” okungukuthi, ingxenye ayabelwe uJehova, noma intando yakhe ngaye. Uma ebuya, uphinda ufumana abathathu belele kuyilapho bekufanele ngabe bakhulekela ukuba bangangeni ekulingweni. Lapho uJesu ekhuluma nabo, abazi ukuthi baphendule bathini.
Ekugcineni, okwesithathu, uJesu uya buqamamana, eguqe ngamadolo nangokudazuluka okukhulu nezinyembezi, uyakhuleka: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi.” UJesu uzwa ubuhlungu obunzima kakhulu ngenxa yesihlamba ukufa kwakhe njengeselelesi okuzosiletha egameni likaYise. Phela, ukumangalelwa njengohlambalazayo—othuka uNkulunkulu—kucishe kungabekezeleleki.
Noma kunjalo, uJesu uyaqhubeka ethandaza: “Makungenziwa intando yami, kodwa eyakho.” UJesu ngokulalela uzithoba kuNkulunkulu. Kulokhu, kuqhamuka ingelosi ivela ezulwini imqinise ngamazwi akhuthazayo. Cishe, lengelosi itshela uJesu ukuthi uYise uyathokoza ngaye.
Nokho, yeka ubunzima obusemahlombe kaJesu! Ukuphila kwakhe okuphakade nokwesintu sisonke kusengozini. Ubunzima obungokomzwelo bukhulu kakhulu. Ngakho uJesu uyaqhubeka ethandaza ngobuqotho ngokwengeziwe, izithukuthuku zakhe zize zibe njengamathonsi egazi econsela emhlabathini. “Nakuba lokhu kungavamile,” kuphawula iJournal of the American Medical Association, “izithukuthuku eziyigazi . . . zingase zivele ezimweni ezinzima kakhulu ngokomzwelo.”
Emva kwalokho uJesu ubuyela kubaphostoli bakhe ngokwesithathu, abafumane futhi belele. Bakhathele ngokudabuka. Uyamemeza: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
Esakhuluma, uJuda Iskariyothe uyasondela, enesixuku esikhulu siphethe izihlanti nezibani nezikhali. Mathewu 26:30, 36-47; 16:21-23; Marku 14:26, 32-43; Luka 22:39-47; Johane 18:1-3; Heberu 5:7.
◆ Ngemva kokushiya ikamelo eliphezulu, uJesu ubaholelaphi abaphostoli, futhi bayokwenzani lapho?
◆ Lapho uJesu ekhuleka, abaphostoli benzani?
◆ Kungani uJesu esosizini, futhi yisiphi isicelo asenzayo kuNkulunkulu?
◆ Yini eboniswa ukuba kwezithukuthuku zikaJesu njengamathonsi egazi?